Bathola Injabulo Yeqiniso “EPharadesi”
IPHARADESI! Lelogama ngokuvamile likhumbuleka lapho abantu becabanga ngeHawaii—futhi kungezizathu ezinhle. Ngesilinganiso esikhulu lapha kunesimo sezulu esikahle, isibhakabhaka esiluhlaza, izihlahla zesundu ezintengezelayo, umoya oqabulayo, nezingu ezinesihlabathi—izinto abaningi abangase bazibheke njengezasepharadesi.
Lezizici ziye zakhanga abantu abavela kude naseduze. Baye beza bevela eAsia, ePacific, eMelika, nasezindaweni ezinjengeziqhingi zaseCaribbean naseYurophu. Abaningi baye bathuthela lapha ngenxa yesimo sezulu esihle unyaka wonke. Abanye baye beza ukuze bathole ukulondeka kwezomnotho—yebo, nenjabulo. Umphumela uye waba yingxubevange yamaqembu ezizwe nezinhlanga, enenhlanganisela yamasiko nemiqondo engokwenkolo.
Nokho, kunolunye uhlangothi kulendaba. Njengezinye izindawo eziningi ezinhle emhlabeni, iHawaii ihlaselwe ubugebengu, izidakamizwa, ubuhlongandlebe, ukungcola, nezinye izinkinga eziningi ezikhungethe umkhaya wesintu kungakhathaliseki ukuthi umuntu uhlalaphi. Ngenxa yokunganaki komuntu nobugovu, leziqhingi zaseHawaii kancane kancane zilahlekelwa ubuhle bazo bemvelo. Abantu bayalifuna ipharadesi, kodwa akubona bonke abahlala lapha abanendaba ngokwanele ukuba benze noma okungenani bagcine leziqhingi ziyipharadesi. Kudinga okungaphezu nje kwendawo enhle nesimo sezulu esivumayo ukuze kube nepharadesi.
Nokho, kuneqembu elandayo labantu abaphila lapha abathola injabulo yeqiniso kulesimo esisapharadesi. Bangabantu abamukela iqiniso leBhayibheli futhi baqaphele isithembiso sikaNkulunkulu esimangalisayo: “Ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.” Lababantu babheke esikhathini esizayo ngenjabulo becabanga ngalamazwi omphostoli uPetru: “Siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.” (Isaya 65:17; 2 Petru 3:13) Bangobani lababantu? Kuye kwenzeka kanjani ukuba bafunde ngalelithemba elimangalisayo elinikezwa yiBhayibheli? Futhi yiluphi ushintsho oluye lwenzeka ekuphileni kwabo?
Ukwesaba Ukufa Kuyanqotshwa
UIsabel nomyeni wakhe, uGeorge, bangamaFilipino ngokuzalwa. UIsabel wakhuliselwa enkolweni yabazali bakhe yamaRoma Katolika, nakuba ayengakaze alihlole iBhayibheli. UIsabel wayefundiswe ukuthi umphefumulo womuntu awufi. Wasabela kanjani kulemfundiso engamanga? Nokho, wayekwesaba ukucabanga ngokufa ngoba wayenomqondo wokuvaleleka phakade ebhokisini ephila, ecabanga ukuthi umphefumulo wakhe ngeke ukwazi ukuphuma. Nokho, ngo-1973 uIsabel waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lapho efunda ukuthi umphefumulo womuntu uyafa nokuthi uNkulunkulu uyoqeda ukufa ngovuko, wajabula kakhulu futhi wazizwa ekhululeke kakhulu. (Hezekeli 18:4, 20; Johane 5:28, 29) Iqiniso leBhayibheli lamthonya kangangokuthi wathuthuka ngokushesha.
Kuthiwani ngoGeorge? Naye futhi waba khona ezingxoxweni zeBhayibheli kodwa ngenjongo kuphela yokubonakalisa oFakazi benamanga. Nokho, akatholanga lutho oluyiphutha kulokho yena nomkakhe ababekufundiswa. Eqinisweni, ngokushesha ngemva kokuba beqalile ukufunda, kwaphakama indaba yegazi. Kuze kube ngalesosikhathi, uGeorge wayekuthanda ukudla ukudla okuxutshwe negazi. Kodwa lapho ebona ukuthi iBhayibheli liyakulahla ngokuqondile ukudla igazi, wakuyeka. (Genesise 9:3, 4; Levitikusi 17:10-12; IzEnzo 15:28, 29) Waqhubeka ehlanganyela esifundweni seBhayibheli futhi wajabula ngokuthi ekugcineni wayelitholile iqiniso. Namuhla, uGeorge, uIsabel, nabantwana babo abane bathola injabulo yeqiniso ngokuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu.
Bakhangwa UbuKristu Beqiniso
Indoda ethile yaseJapane okuthiwa uGeorge nomkayo wasePortugal, uLillian, baseminyakeni yabo yawo-60. Bobabili bazalwa futhi bakhulela eHawaii. Njengoba uGeorge ayengazange anikezwe abazali bakhe noma iyiphi imfundo engokwenkolo, akazange ayithathe njengebalulekile inkolo. Noma kunjalo, wayelokhu ekholelwa kuNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, abazali bakaLillian bamkhulisela enkolweni yabo, njengomRoma Katolika.
Nakuba uGeorge ayengeyena umfundi weBhayibheli oshisekayo, kwase kuyiminyaka engaba ngu-30 efunda omagazini INqabayokulinda nePhaphama! Ngakho wayesefunde okuningi okuphathelene neBhayibheli. Njengoba ayengumlutha kagwayi notshwala wathatha isikhathi ukwenza izinguquko ekuphileni kwakhe. Njengoba iminyaka idlula, uGeorge waqhubeka nokufunda omagazini futhi ngezinye izikhathi eba khona emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso. Kungani? Ngoba, njengoba akubeka, “ezinye izinkolo zinobuzenzisi obukhulu” ekuvumeleni izinto eziningi ezimbi iBhayibheli elizilahlayo. Wayebona ukuthi oFakazi BakaJehova babehlukile.
Yini eyadonsela umkaGeorge othembekile, uLillian, eqinisweni leZwi likaNkulunkulu ngisho nakuba ayethonywe kakhulu inkolo yabazali bakhe? Nokho, udadewabo ongokwenyama wammemela emihlanganweni eHholo LoMbuso. “Ngajabulela isimo somkhaya ojabulayo nokumomotheka kobungane,” kukhumbula uLillian. Uthando lweqiniso alubona luboniswa phakathi kwabantu bakaJehova lwamenza waqiniseka ukuthi leli iqiniso. (Johane 13:34, 35) Wamukela isifundo seBhayibheli, ekugcineni wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova uNkulunkulu, futhi wabhapathizwa ezinyangeni ezimbalwa ngemva kokuba umyeni wakhe ebhapathiziwe.
UGeorge akasabhemi noma adakwe, futhi uLillian uye walahla zonke izithombe zakhe zenkolo. Ngezinhliziyo ezigcwele uthando, bahlanganyela abaye bakufunda nabanye, kuhlanganise nabazukulu babo abangu-25 nabantwana babazukulu abane. Ake ubheke nje ubuso babo, futhi ubone indlela uGeorge noLillian abajabula ngayo!
Ukuzuza Ukuthula Nenjabulo
UPatrick, indoda yaseIreland eseminyakeni ephakathi, nomkayo ongumJuda, uNina, bobabili bathuthela eHawaii bevela eningizimu-ntshonalanga yeUnited States. Ngaphambili, babephila lokho okuthiwa ukuphila okukhululekile kwezidakamizwa, ukuhlola izinkolo, nokuziphatha okuxekethile. Bachitha futhi iminyaka eminingi njengamalungu ehlelo lenkolo ethile, belwela ukuzuza ulwazi olukhulu ngokusebenzisa izidakamizwa, ukuzindla, nangeguru yabo yangasese. Ngokuhamba kwesikhathi uPatrick wacasulwa umona, ukuphikisana, nokuxabana okuqhubekayo phakathi kwamalungu ehlelo ayethi ayesezuze ‘ulwazi ngezinga eliphakeme.’ Walishiya leloqembu futhi waphindela eHawaii, lapho ayeke wahlala khona, enethemba lokuthola ukuthula kwengqondo. Ngemva kwalokho, uPatrick wenza uNina, owayeyintombi yakhe ngalesosikhathi, ukuba avakashe. Ngokushesha, bashada futhi bahlala eHawaii.
UPatrick noNina babengazi ukuthi ukufuna kwabo ukuthula nenjabulo ekugcineni kwakuyoholela esifundweni seBhayibheli noFakazi BakaJehova. UNina owayaziwa konke ukuphila kwakhe ukuthi akakholelwa kuNkulunkulu, waqala ukuthola izimpendulo zeBhayibheli ezanelisayo emibuzweni edidayo njengokuthi kungani kunobubi futhi kungani izinto ezimbi zenzeka kubantu abalungileyo. Ukufuna iqiniso kukaPatrick kweminyaka eyishumi nakho kwaphetha ngokujabulisayo. Ngokushesha, lokho yena noNina ababekufunda eBhayibhelini kwaqala ukushintsha umbono wabo ngokuziphatha. Ngemva kokulwa isikhathi eside futhi kanzima, uPatrick wakwazi ukunqoba ukuluthwa ugwayi okunamandla. Sekuyiminyaka ecishe ibe yishumi manje, yena kanye nomkakhe bephila ukuphila okuhlanzekile, kokuziphatha ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngezinhliziyo ezimsulwa nonembeza abahlanzekile, bajabulela ukuthula ababekufuna.
Ukuzidela Nemivuzo
“Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.” (Luka 13:24) Lawomazwi kaJesu Kristu abonisa ngokukhanyayo ukuthi akulula ukukhonza uNkulunkulu nokuphila ngezindinganiso ezingokomBhalo. Noma ubani ofuna ukwenza kanjalo akumelwe nje kuphela enze umzamo odingekayo kodwa futhi kumelwe enze nokuzidela okudingekayo. Lokhu ngokuqinisekile kuye kwaba njalo ngabantu okukhulunywe ngabo kulendaba. Kodwa yeka ukuthi baye bavuzwa ngokumangalisa kanjani!
Ngokwesibonelo, cabangela uPatrick noNina, okusanda kukhulunywa ngabo. Benza ushintsho olukhulu beyeka indlela yokuphila ababenza kuyo izizumbulu zemali baqalisa inkonzo yobuKristu yesikhathi esigcwele esekelwa ngomsebenzi wamatoho. Noma kunjalo, bayaqiniseka ukuthi izinzuzo ezingokomoya zikudlula kude noma yikuphi ukuzidela ngokwezinto ezibonakalayo abaye bakwenza. Futhi bayajabula ngempela.
Ngenxa yobudala babo, akuzange kube lula ukwenza izinguquko ngoGeorge noLillian. Ukuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni kudinga isikhathi, ukunakekela, namandla. Nokho, okujabulisayo ukuthi impilo yabo iye yathuthuka, futhi ukuphila abakuphilayo manje kungachazwa njengokobungqabavu, okuphelele, nokujabulisayo.
NgoGeorge noIsabel, inselele yabo enkulu isekuqeqesheni abantwana babo nokubasiza bangene endleleni eya ekuphileni. Kudingeka isikhathi esengeziwe nomzamo ukulungiselela abantwana abane ukuya emihlanganweni yobuKristu noma ukulungiselela ukuhamba nabo enkonzweni yobuKristu. Ngesinye isikhathi ukucindezeleka okuqhubekayo kwabangela uGeorge noIsabel ukuba bayekethise emithwalweni yabo yemfanelo yobuzali. Kodwa inkulumo yeBhayibheli enesihloko esithi “Ukuvuselela Umoya Wokuzidela” yabashukumisela ukuba baphinde bayandise imizamo yokunikeza abantwana babo abane konke ukunakekela nokuqeqesha abakudingayo ukuze ‘babondle ngokuyala nangokuqondisa kukaJehova.’ Eqinisweni, imizamo enjalo iye yavuzwa ngokucebile.—Efesu 6:4.
Akuyona indawo enhle, isimo sezulu esivumayo, noma indlela yokuphila engasheshi okuletha injabulo yeqiniso kulabantu nabanye abaningi. Kunalokho, ulwazi lokuthi basebenzisa ukuphila kwabo ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu nokuthi baphila ngezindinganiso zeZwi lakhe, iBhayibheli. (UmShumayeli 12:13) Ngaphezu kwalokho, izinhliziyo zabo zigcwala injabulo yeqiniso njengoba becabanga ngesikhathi esijabulisayo lapho ipharadesi lasemhlabeni libuyiselwa emhlabeni wonke.—Luka 23:43.
[Isithombe ekhasini 25]
UGeorge, uIsabel, nabantwana babo bathola injabulo ngokufunda iBhayibheli
[Isithombe ekhasini 26]
UGeorge noLillian bathola injabulo enkonzweni yobuKristu
[Isithombe ekhasini 27]
UPatrick noNina bajabulela ukuthula kweqiniso enkonzweni kaJehova