UMbhishobhi Omkhulu Akakwazi Ukubhekana Nesimo!
NGONYAKA odlule, umkhandlu onemicikilisho wokhadinali wahlangana ukuze uxoxe ngezindaba ezithile ezilikhathaza kakhulu iSonto lamaKatolika. Enye yalezi, ngokwephephandaba iSabato, “ukwanda kwamahlelo.” Nokho, leliphephandaba lathi: “Akufanele kube inkinga ngokhadinali ukuba bavumelane ngaleliphuzu. Bonke bayavuma ukuthi kunesidingo sokuhlolwa ngokujule ngokwengeziwe kwezinhlangano ezintsha ezingokwenkolo kanye nesidingo sokuvimbela ukwanda kwazo, ngangokunokwenzeka.”
Nokho, ngokusobala, “ukwanda kwamahlelo” akuyona nje inkinga eItaly kuphela. ISabato iyabika: “Muva nje lapho evakashele eVatican, uMbhishobhi Omkhulu uKirill waseSmolensk [elinye lamadolobha akudala aseRussia] . . . wacela kupapa usizo lwesonto lokubhekana nokwanda okwesabisayo koFakazi BakaJehova namaqembu afanayo eSoviet Union.”
Ekhulwini lokuqala leminyaka, abaholi benkolo egxilile bakhononda ngendlela efanayo lapho ubuKristu busakazwa abalandeli babo ngokwandayo. Kwesinye isenzakalo amaJuda athukuthele akhononda kubaphathimuzi: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha”! (IzEnzo 17:6) Emuva ngalesosikhathi, abaholi benkolo bazama ngamandla ukuvimbela ukwanda kobuKristu, kodwa behluleka. Namuhla futhi, umzamo wokuvimbela ukwanda kwemfundiso yobuKristu beqiniso uyokwehluleka nakanjani. UNkulunkulu ngokwakhe uyathembisa: “Asikho isikhali esenzelwe wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi.”—Isaya 54:17.