Ngayeka Ukuqhosha Futhi Ngathola Injabulo
NGO-1970, ngangineminyaka engu-23 ubudala futhi nginesifiso sokuvelela. Emsebenzini wami eqenjini lezimoto eIvrea, eItaly, ngenziwa umabhalane omkhulu. Ngangizimisele ukuba umuntu obalulekile. Kodwa ngangicindezeleke kakhulu futhi ngingenathemba. Kungani?
Umyeni wami wayechitha esiningi sesikhathi sakhe ezinkantini edlala amaphepha nabangane bakhe, futhi washiya emahlombe ami cishe yonke imithwalo yemfanelo yomkhaya. Ubuhlobo bethu baqala ukonakala. Sasixatshaniswa izinto eziwubala. Ngenxa yalokho, umqondo wami wagcwala imicabango emibi.
‘Akekho onesithakazelo ngempela kuwe,’ ngangisho. ‘Bafuna kuphela ukusizakala ngesikhundla sakho.’ Ngangizitshela: ‘Akunakwenzeka ukuthi uNkulunkulu ukhona ngoba ukuba ubekhona, ubengenakuvumela ukuhlupheka okungaka nobubi. Ukuphila kumane nje kuwumjaho oya ekufeni.’ Ngangingaqondi ukuthi kungani lokhu kwakunjalo.
Ukuqala Koshintsho
Ngolunye usuku ngo-1977, ababili boFakazi BakaJehova bangqongqoza emnyango wethu. Umyeni wami, uGiancarlo, wabamemela ngaphakathi, futhi baya ekamelweni lokuphumula ukuze baxoxe. Injongo yakhe yayingukuba bakholelwe ekuziphendukeleni kwemvelo njengaye, kodwa yibona abashintsha ukucabanga kwakhe!
Ngokushesha uGiancarlo waqala futhi ukwenza izinguquko ekuphileni kwakhe. Waba ngobekezela ngokwengeziwe, enikela isikhathi esengeziwe nokunakekela kimina nendodakazi yethu. Wazama ukungitshela ngezinto ayezifunda, kodwa ngaso sonke isikhathi ngangivala ingxoxo ngokhahlo.
Khona-ke ngolunye usuku lapho oFakazi befika, ngahlala phansi futhi ngalalela ngempela. Bakhuluma ngokuphela kwalesimiso sezinto nangoMbuso kaNkulunkulu, umhlaba oyiPharadesi, nokuvuswa kwabafileyo. Ngamangala! Angizange ngilale ezinsukwini ezintathu ezalandela! Ngangifuna ukwazi okwengeziwe, kodwa ukuqhosha kwangivimbela ekubuzeni umyeni wami imibuzo. Khona-ke ngolunye usuku wangitshela ngokuqinile wathi: “Namuhla uzolalela. Nginezimpendulo zayo yonke imibuzo yakho.” Khona-ke wayesethululela amaqiniso eBhayibheli kimina.
UGiancarlo wangitshela ukuthi igama loMdali uJehova, ukuthi imfanelo yaKhe eyinhloko uthando, ukuthi wathumela iNdodana yaKhe njengesihlengo ukuze sithole ukuphila okuphakade, nokuthi ngemva kokubhujiswa kwababi, eArmagedoni, uJesu Kristu uyovusa abafileyo phakathi nokuBusa kwakhe kweMinyaka Eyinkulungwane. Wathi abavusiwe bayofinyelela ekupheleleni kwengqondo nokomzimba nokuthi bayoba nethuba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni.
Ngosuku olulandelayo, ngaphelezela umyeni wami eHholo LoMbuso ngokokuqala ngqá. Kamuva ngathi kuye: “Labantu bayathandana. Ngifuna ukuqhubeka ngiza lapha ngoba bayajabula ngempela.” Ngaqala ukuya emihlanganweni njalo, futhi ngaqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Ngacabanga kakhulu ngalokho engangikufunda futhi ngokushesha ngaqiniseka ukuthi ngase ngithole abantu bakaNkulunkulu beqiniso. Ngo-1979 mina nomyeni wami sabonakalisa ukuzinikezela kwethu kuJehova ngokubhapathizwa.
Inkonzo Yesikhathi Esigcwele
Emhlanganweni wesifunda kamuva kulowonyaka, kwanikezwa inkulumo eyayikhuthaza umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele. Ngazizwa ngishukunyiselwa ukungenela leyonkonzo, futhi ngathandaza kuJehova ngalendaba. Kodwa ngakhulelwa, futhi amacebo ami aphazamiseka. Eminyakeni emine eyalandela, saba nezingane ezintathu. Ezimbili zazo, ngezikhathi ezahlukene, zaba nokukhubazeka komzimba okusongela ukuphila. Ngiyabonga ngokuthi, ngamunye wabo, walulama ngokugcwele.
Manje ngaba nomuzwa wokuthi ngangingasenakuwahlehlisa amacebo ami enkonzo yesikhathi esigcwele. Ngayeka umsebenzi wami wokuziphilisa ukuze nginakekele kangcono imithwalo yami yemfanelo njengenkosikazi nomama. Mina nomyeni wami senza amacebo okuphila ngeholo elilodwa, okwakusho ukuyeka zonke izinto ezingabalulekile. Nokho, uJehova wasibusisa ngokucebile, engakaze asishiye sihlupheka noma siswele.
Ngo-1984 indodakazi yami, ngalesosikhathi eyayineminyaka engu-15 futhi isanda kubhapathizwa, yaqalisa inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona. Ngesikhathi esifanayo, umyeni wami wamiswa njengomdala. Kuthiwani ngami? Ngazizwa ngingenakuphayona ngalesosikhathi, ngazibekela umgomo wamahora angu-30 ngenyanga emsebenzini wokushumayela. Ngawufinyelela futhi ngazitshela: ‘Wenze kahle! Wenza okuningi.’
Nokho, ukuqhosha kwaphinda kwaba inkinga yami. (IzAga 16:18) Ngangilokhu ngicabanga ngokuthi ngangenza kahle kanjani futhi nokuthi ngangingadingi ukwenza noma yikuphi ukuthuthuka okungokomoya. Ingokomoya lami laqala ukwehla, futhi ngaqala ngisho nokulahlekelwa izimfanelo ezinhle engase ngizitholile. Khona-ke ngathola isiyalo engangisidinga.
Ngo-1985 ababonisi abajikelezayo ababili namakhosikazi abo basivakashela ekhaya lethu njengoba babenza ukuhambela kwabo kwezikhathi ezithile ebandleni lethu. Ukubona lamaKristu athobekile, azidelayo ngempela kwangenza ngazindla ngalokho. Ngenza ukucwaninga ngendaba yokuthobeka, ngisebenzisa izincwadi zeWatch Tower Society. Ngacabanga ngokuthobeka okukhulu uJehova akubonisayo ekusebenzelaneni kwakhe nathi thina bantu abanesono. (IHubo 18:35) Ngangazi ukuthi kwakumelwe ngishintshe ukucabanga kwami.
Ngacela uJehova ukuba angisize ngihlakulele ukuthobeka ukuze ngimkhonze ngendlela ayefuna ngimkhonze ngayo futhi angiqondise ekusebenziseni izipho enginazo kube udumo kuye. Ngagcwalisa isicelo senkonzo yamaphayona, futhi ngaqala ukumkhonza enkonzweni yesikhathi esigcwele ngoMarch 1989.
Manje ngingasho ukuthi ngijabula ngempela nokuthi ukuyeka ukuqhosha kuye kwangenza ngajabula. Sengithole isizathu sangempela sokuphila—leso sokusiza abasweleyo ukuba bafinyelele ekwazini ukuthi uJehova, uNkulunkulu weqiniso, akakude kulabo abamfunayo.—Njengoba ilandiswa nguVera Brandolini.