Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 7/1 k. 32
  • Isikhathi Sokufuna UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikhathi Sokufuna UNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 7/1 k. 32

Isikhathi Sokufuna UNkulunkulu

UMFANEKISO okulelikhasi oweAcropolis yaseAthene, eyake yaba isikhungo sokukhulekelwa konkulunkulu nonkulunkulukazi abaningi. Ngezansi kweAcropolis kuneAreyophagu, okuthiwa kwakuyindawo yenkantolo yamacala ezikhathini zasendulo. Kwakukulendawo, cishe eminyakeni engu-2 000 edlule, lapho umphostoli uPawulu ama khona futhi wadlulisela inkulumo ephawuleka ngempela. Okulandelayo ngokunye kwalokho akusho:

“[UNkulunkulu] wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo, ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi. Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye.”—IzEnzo 17:26-28.

Yeka indlela umlando owawuyokwehluka ngayo ukuba isintu ngokuvamile sasiphawule amazwi kaPawulu! Yeka ukuthi zingaki izimpi, kungakanani ukuhlupheka, okwakuyonqandeka ukuba abantu babeqaphelile ukuthi bonke bayinzalo yomuntu oyedwa owadalwa iNkosi enguMbusi, uJehova.

Namuhla, isintu sidwengulwa ubuzwe, ukwehlukaniswa ngezigaba, inzondo yobuhlanga, nokungalungi komphakathi. Nokho, amazwi kaPawulu asasebenza. Sonke siyinzalo yalowomuntu oyedwa owadalwa uNkulunkulu. Ngalowomqondo, sonke singabafowethu nodadewethu. Futhi akukephuzi kakhulu ukufuna uNkulunkulu esenokutholwa.

Amazwi kaPawulu aba angathi sína kakhudlwana lapho sicabangela amazwi okugcina enkulumo yakhe. Wathi: “[UNkulunkulu] umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”

Ukuvuswa kukaJesu kuyiqiniso elingokomlando, futhi njengoba uPawulu ebonisa, kuyisiqinisekiso sokuthi kuyoba khona usuku lokwahlulelwa kwesintu. Nini? Phela, siyazi ukuthi selusondele ngeminyaka ecishe ibe ngu-2 000 kunangesikhathi uPawulu ayemi eAreyophagu futhi ekhuluma lamazwi. Ngempela, ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli kubonisa ukuthi seluseduze kakhulu. Yeka umqondo osangulukisayo! Yeka indlela okuphuthuma ngayo ukuba sifune uNkulunkulu ngabo bonke ubuqotho, ngoba, njengoba uPawulu atshela abaseAthene, “kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke”!—IzEnzo 17:30, 31.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela