Bafika Naphezu Kobunzima Nengozi
KWAKUWUSUKU lukaJanuary 2, 1992. Indawo—iMaxixe, iSifundazwe saseInhambane. Imisindo yasebusuku yaseAfrika eMozambique yaphazamiseka ngokushesha njengoba umsakazo wawuvulelwa. “OFakazi BakaJehova banoMhlangano Wesigodi ‘Wabathandi Benkululeko’ esifundazweni sethu,” kumemezela umsakazi. “Injongo yabo iwukufundisa abantu ngendlela inkululeko yeqiniso engatholakala ngayo ezweni lanamuhla. Nonke niyamukelwa ukuba nibe khona.”
Laphaya kuleyandawo ekude yaseAfrika, kwakuqopheka umlando! Ngokokuqala ngqá kwakunomhlangano wesigodi woFakazi BakaJehova, futhi kwakunabantu abangu-1 024 bezowujabulela. Eminyakeni embalwa edlule, isenzakalo esinjalo sasingeke senzeke obala kangaka eMozambique, njengoba umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe. Ungathanda yini ukuzwa ngokuzidela kwesibindi okwenziwa ukuze kuyiwe kulomhlangano?
ISifundazwe i-Inhambane, njengezinye izingxenye eziningi zaseAfrika, sihle ngokumangalisayo. Izikebhe zokudoba zohlobo lwedhow ezinoseyili abangonxantathu zihamba phakathi kogu lolwandle. Izihlahla zikakhukhunathi ziningi. Kodwa emaphandleni kwenzeka okuthile okwesabekayo: impi yombango!
Kulabo abalala endlini eyakhiwe ngamahlamvu esundu entathakusa, akukhona okungavamile ukuphaphanyiswa ubu-bha-bha-bha bomsindo wezikhali ezisindayo emaphandleni aseduze njengoba impi yasehlathini iviva ubusuku bonke. Ngokuvamile izakhamuzi ezingenacala ezilimalayo. Ngezinye izikhathi izingane zibonakala zixhuga zingenazo izinyawo nezandla noma zicwiyiwe. Ngisho nabanye boFakazi BakaJehova banezibazi ebusweni nasemizimbeni ngenxa yokuhlukunyezwa abaye bakuthola.
Ngaphansi kwalezimo uMhlangano Wesigodi “Wabathandi Benkululeko” waziswa ngokujulile yibo bonke ababekhona. Naphezu kokuhlaselwa okwakungase kwenzeke endleleni eya emhlanganweni, amaqembu emikhaya ayezimisele ukuya. Ukufika lapho nakho kwakungelula, njengoba izinto zokuhamba zomphakathi ngokuvamile kungamaloli amakhulu, avulekile ngemuva. Ngezinye izikhathi abagibeli abacishe babe ngu-400 bampintshana elolini elilodwa! Amaningana alamaloli ashaya udwendwe oluphelezelwa amasosha empi ahlomile.
UNora namadodakazi akhe amathathu, aneminyaka owodwa, emithathu, neyisithupha, babengomunye umkhaya owabeka ukuphila kwawo engozini ngokuhamba ngalendlela. Wayekade ebeke imali ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili ukuze akwazi ukukhokhela loluhambo. Iqiniso lokuthi zazingekho izindawo zokulala ezilungiselelwe emhlanganweni alizange limvimbele. Ekanye nabanye abaningi, uNora nomkhaya wakhe bamane bapheka, badla, futhi balala ngaphandle khona endaweni yomhlangano.
Ngisho nokushisa okukhulu okwakulandelwa izimvula ezinamandla kwakungeke kunciphise injabulo engalawuleki yabazalwane ababejabulela idili elingokomoya ndawonye. Babenomuzwa wokuthi akukho okwakubalulekile kubona ngaphezu kokuba babe kulowomhlangano. Ingqikithi yabantu abangu-17 yabonakalisa ukuzinikezela kwayo emanzini afudumele oLwandlekazi i-Indian. Njengoba ubhapathizo lwaluqhubeka, isixuku esikhulu sezibukeli ezijabulayo sashukunyiswa ngokusuka enhliziyweni ukuba sihlabelele izindumiso kuJehova.
Leliqembu labakhulekeli ngempela lase litholile ukuthi kusho ukuthini ukuba abathandi benkululeko yokwesaba uNkulunkulu. UHans, ummeleli ovela enhloko-dolobha, iMaputo, wathi: “Sisanda kubona ukuqalisa kwenkathi entsha emsebenzini woFakazi BakaJehova kulengxenye yeAfrika.”