Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 7/1 kk. 3-4
  • Kungani Kunokuphelelwa Yithemba Okungaka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kunokuphelelwa Yithemba Okungaka?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ikhambi Elibi Kakhulu
  • Ithemba Linqoba Ukuphelelwa Yithemba!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indlela Yokubhekana Nokuphelelwa Yithemba
    I-Phaphama!—2000
  • Ngokushesha—Izwe Elingenakho Ukuphelelwa Ithemba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 7/1 kk. 3-4

Kungani Kunokuphelelwa Yithemba Okungaka?

ITHEMBA lokuphila okungcono—ekugcineni liyafezeka! Abantu abaningi ababehlala endaweni ngalesosikhathi eyayiyiMpumalanga Jalimane bakukholelwa lokhu lapho uDonga lwaseBerlin luwa ngoNovember 1989. Nokho, esikhathini esingaphezudlwana konyaka kamuva bakhononda “ngokuthola izwe elilukhuni lesimiso sokuzisebenzela sokubusa ngentando yeningi okunzima ukubhekana nalo kunokuphila bevikelwe uDonga LwaseBerlin.” Waba yini umphumela? Ukukhungatheka nokwanda kokuphelelwa yithemba.

Ubudlova basemakhaya nasemphakathini bungabaphoqa abantu ukuba bashiye amakhaya befuna ukulondeka, kodwa bambalwa abakutholayo. Abanye bangase bagcine ngisho bephakathi kwabangenamakhaya abahlala emigwaqweni yasemadolobheni. Kwamanye amazwe abaningi balaba bagcina emicikilishweni eyinkimbinkimbi yeziphathimandla. Njengoba bengakwazi ukuba namakhaya ngenxa yokuthi abasebenzi, abakwazi ukuthola umsebenzi ngoba abanawo amakheli asemakhaya. Izinhlangano zezenhlala-kahle zikahulumeni ziyazama ukusiza, kodwa kuthatha isikhathi ukuxazulula izinkinga. Umphumela uba ukukhungatheka nokuphelelwa yithemba.

Ukuphelelwa yithemba kuye kwabangela abesifazane abaningi ukuba benze izinto ezethusa ngempela. Embikweni weWomen and Crime in the 1990s, uDkt. Susan Edwards, umfundisi wezifundo zomthetho uyachaza: “Ukuhileleka kwabesifazane abasebasha [ebufebeni] kunjengomphumela oqondile wezidingo zomnotho, hhayi ukuntuleka kokuzithiba noma isizinda somkhaya.” Ngokufanayo, izinsizwa ezishiya amakhaya ziyofuna umsebenzi ngokuvamile aziwutholi. Ezinye, ngokuphelelwa yithemba, zigcina ‘zingabafana bokuqashwa,’ zithengise ngemizimba yazo kongqingili ukuze zithole ukudla nendawo yokukhosela, zibe izinto zokuxhashazwa yiqembu lemigulukudu ekhohlakele.

Amaqiniso abuhlungu ezombangazwe, ubudlova, ubunzima obungokwezomnotho, konke kungase kubangele amazinga okuphelelwa yithemba. Ngisho nabantu abafundile abagonyiwe njengoba befuna ukulondoloza indlela yabo yokuphila okucebile kuyilapho bebhekana nezinkinga ezandayo ezingokwezimali. Ube yini umphumela? “Ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo,” njengoba iNkosi yakudala uSolomoni yasho!a (UmShumayeli 7:7) Ngempela, ukuphelelwa yithemba kuholela inani elikhulayo ukuba lisebenzise ikhambi elibi kakhulu—ukuzibulala.

Ikhambi Elibi Kakhulu

Izehlakalo eziningi zokuzibulala phakathi kwentsha zibonisa ukuthi ngisho nayo iyahlaselwa yilenhlupho yokuphelelwa yithemba. Umhleli wohlu lwezindaba waseBrithani wabuza: “Yini lena ezikhathini zethu ebangela ukuphelelwa yithemba okungaka kwentsha?” Ekuhlolweni kwabantwana abaphakathi kweminyaka engu-8 nengu-16 abaye balaliswa ezibhedlela ngemva kokuzama ukuzibulala ngoshevu, uDkt. Eric Taylor weInstitute of Psychiatry yaseLondon uyabika: “Into eyodwa eyayiphawuleka yindlela abantwana abaningi ababephelelwe yithemba nababengasenandaba ngayo ngezinto.” Imibhalo yaseBrithani ibonisa izehlakalo ezilinganiselwa ku-100 000 okungafanga-muntu kuzo kodwa zangamabomu zokudla kwabantu ushevu unyaka ngamunye okwenza kubonakale ukuthi kudingeka usizo oluphuthumayo.

Enye inhlangano yaseBrithani yaphuma umkhankaso wokulalela ngozwela lezisulu ezingenathemba. Ngalendlela abeluleki bayo babethi banikeza “okungase kwenziwe esikhundleni sokufa.” Nokho, bayavuma ukuthi bayehluleka ukuxazulula izinkinga ezibangela ukuba abantu baphelelwe yithemba.

Izinga lokuzibulala libonisa “isilinganiso sokwehlukana nokuntuleka kobumbano emphakathini,” kuphawula iphephandaba iSunday Correspondent. Kungani izinga lokuzibulala liphakeme kangaka namuhla? Leliphephandaba lacaphuna “ukungabi-namakhaya, ukwanda kokuphuzwa kotshwala, usongo lwengculaza nokuvalwa kwezibhedlela zabagula ngengqondo” njengezici eziholela abantu ngabanye kulokho kuphelelwa yithemba okujule kangangokuthi bacabanga ukuthi ukuzibulala kuwukuphela kwekhambi lezinkinga zabo.

Ingabe likhona ithemba lokuqeda ukuphelelwa yithemba? Yebo! “Lulamani, niphakamise amakhanda enu,” ukunxusa kukaJesu okunika ithemba! (Luka 21:28) Wayesho ukuthini? Kunaliphi ithemba?

[Umbhalo waphansi]

a NgokweTheological Wordbook of the Old Testament, eyahlelwa uHarris, uArcher, noWaltke, umsuka wolimi lwakuqala wegama elihunyushwe ngokuthi “ukucindezela” uhlobene “nokuthwalisa kanzima, ukunyathelwa, nokuchotshozwa kwalabo abasesikhundleni esiphansi.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela