Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 9/1 k. 32
  • Ngeke Udumale

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngeke Udumale
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bonisa Ukukhathalela Abantu Abathakazelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Kungani Bekwenza?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • IMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • “Umhlangano Wesigodi “Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” Ka-1996
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 9/1 k. 32

Ngeke Udumale

OMUNYE umbhangqwana ePhilippines wathatha izinsuku ezimbili ukuba ufike lapho. Wahamba ibanga elingamakhilomitha angu-70, uphethe abantwana abancane ababili unqamula emahlathini agcwele izibungu ezilumayo futhi uwela imifula edla izindwani ngenxa yezikhukhula zemvula. Kodwa wawungazimisele ukulahlekelwa yiwo.

Abesifazane ababili eZaire bahamba ibanga elingama khilomitha angaphezu kuka-500, bechitha izinsuku ezingu-14 besendleleni, ukuze babe lapho. Futhi eZaire, enye indoda eneminyaka engu-70 ubudala yafika lapho ngokuhamba ngebhayisekili layo ibanga elingamakhilomitha angu-260. Ayizange idunyazwe ibanga noma ukungaphatheki kahle. Into eyayibalulekile kwakuwukuba ingalahlekelwa yiwo.

Babeyaphi bonke labantu? Komunye wemibuthano emikhulu yoFakazi BakaJehova ohlelwe emazweni abo. Futhi kungakhathaliseki ukuthi uhambo lwalunzima kanjani, bonke baba nomuzwa wokuthi imizamo yabo yayifanele.

Ingabe usuwenzile amalungiselelo okuba seMhlanganweni Wesigodi “Wabaphathi Bokukhanya” ka-1992? Ngokunokwenzeka, ngeke kudingeke wenze ukuzidela okwenziwa yilemiphefumulo ethembekile ukuze ibe khona. Kodwa ngisho noma kungakubangela ukuphazamiseka okuthile, sikunxusa ukuba ungalahlekelwa yiwo.

Kuye kwalungiselelwa isimiso esihle ngokukhethekile nesiwusizo kakhulu. Uma ukujabulela ukuba nobudlelwane bobuKristu futhi unesithakazelo sokufunda indlela yokuthola ukuthula kwangempela, lokho ikusasa elikuphethe, noma indlela engcono yokwenza intando kaNkulunkulu, singakuthembisa ukuthi ngeke udumale. Noma imuphi uFakazi endaweni yakini uyokutshela ngendawo nesikhathi okuyoqhutshwa ngaso umhlangano oseduze nawe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela