Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 3/1 k. 7
  • Kungani Bekwenza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Bekwenza?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imihlangano Emikhulu Ubufakazi Bobuzalwane Bethu
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • IMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • IMihlangano Yesigodi ‘Yezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho’ Ka-1999
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Imihlangano—Izikhathi Ezijabulisayo Eziqinisekisa Ubuzalwane Bethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 3/1 k. 7

Kungani Bekwenza?

UNYAKA ngamunye izinkulungwane zoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke zihlangana ndawonye emihlanganweni emikhulu. Lapho, zijabulela ubudlelwane futhi zilalele isimiso esihle semfundo yeBhayibheli. Abanye benza imizamo emikhulu ukuze babe kule mihlangano emikhulu. Ngokwesibonelo, ngonyaka odlule eMalawi umbhangqwana ongaba neminyaka ephakathi kwawo-60 ubudala, nendodana yawo nomkayo nomntwana, bahamba amakhilomitha angu-80 ngebhayisekili beya emhlanganweni omkhulu. Basuka edolobhaneni abahlala kulo ngehora lesithupha ekuseni futhi bafika emagcekeni omhlangano emahoreni angu-15 kamuva.

EMozambique, iqembu lahamba izinsuku ezintathu ngebhayisekili liya emhlanganweni omkhulu. Ngobunye ubusuku, njengoba lalikanise endaweni evulekile, lezwa amabhubesi ebhonga eduze nalapho. Nakuba laliphonsa izikhuni ezivuthayo ngalapho la mabhubesi ayengakhona, aqhubeka elapho kwaze kwasa. Omunye uFakazi owayeya emhlanganweni ofanayo wabhekana ubuso nobuso nebhubesi elalisemgwaqweni. Wema wathi khímilili enganyakazi laze lahamba ibhubesi. Emhlanganweni lab’oFakazi balandisa ngenjabulo ngendlela ‘abakhululwa ngayo emlonyeni wengonyama.’—2 Thimothewu 4:17.

Abaningi boFakazi BakaJehova benza imizamo emikhulu ukuze babe khona emihlanganweni emikhulu noma ngisho nasemihlanganweni yebandla yokukhulekela yamasonto onke. Kungani bekwenza? Izihloko ezilandelayo zizokusiza ukuba uqonde ukuthi kungani ukuhlangana ndawonye kubaluleke kangaka.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela