Inselele Yokushumayela Kwesinye Sezikhumulo Zemikhumbi Ezinkulu Kakhulu Emhlabeni
IROTTERDAM, elapho iRhine, umfula ophithizela kunayo yonke eYurophu, ingenela khona oLwandle LwaseNyakatho, iphawuleka njengesinye sezikhumulo zemikhumbi ezinkulu kakhulu emhlabeni. Njengoba lapha kufika imikhumbi yokuhweba yezinkampane ezicishe zibe ngu-500, iRotterdam ixhumene ngokuqondile nezindawo ezingaphezu kuka-800 emhlabeni wonke. Ngempela iyisikhumulo semikhumbi sezizwe zonke.
Nokho, lesikhumulo semikhumbi esingaphansi kweNetherlands esineminyaka engu-650 sikhona singaphezu nje kokuba impambana-mgwaqo yemikhumbi yokuhweba. Siyindawo futhi abantu abahlangana kuyo. Amatilosi amaningi afika nsuku zonke emini nasebusuku evela kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Lamatilosi awazange angakutholi ukunakekela koFakazi BakaJehova eNetherlands. NjengoFakazi abakwezinye izindawo, bafuna izindlela zokushumayela izindaba ezinhle kunazo zonke emhlabeni—zokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzoshintsha umhlaba ube iPharadesi—kubantu bazo zonke izinhlobo, kuhlanganise namatilosi.—Daniyeli 2:44; Luka 23:43; 1 Thimothewu 4:10.
“Isabelo Sezithunywa Zevangeli Esiphendukezelwe”
Eminyakeni ethile edlule, iWatch Tower Society eNetherlands yacela abashumayeli besikhathi esigcwele abayisithupha, noma amaphayona, ukuba basebenze emikhunjini ngaminye kuso sonke isikhumulo semikhumbi saseRotterdam. Kwaba kushiwo entshweni kulamaphayona. Ahlanganisa ukwaziswa akuthola kwabaphethe kulesikhumulo, ahlola wonke amatheku, futhi ngokushesha aqaphela ukuthi ayethole isabelo esiyinselele.
“Kunjengokungathi isabelo sezithunywa zevangeli esiphendukezelwe,” kusho uMeinard, ongumqondisi wokushumayela kulelitheku. Usho ukuthini? “Ngokuvamile isithunywa sevangeli sihamba uhambo olude siya kubantu, kodwa endabeni yethu abantu bahamba uhambo olude beza kithi.” Uyenezela, “insimu esishumayela kuyo cishe ihlanganisa izizwe zonke kangangokunokwenzeka.” Incwadi yonyaka ka-1985 iRotterdam Europoort yathi ngo-1983, okungunyaka amaphayona awuqalisa ngawo lomsebenzi okhethekile, kulesikhumulo saseRotterdam kwafika imikhumbi ehamba olwandle engu-30 820 evela emazweni angu-71 ahlukene. Lokho kuhlanganisa izizwe zonke!
Ngokufanelekile, “izithunywa zevangeli zasesikhumulweni semikhumbi”—njengoba amatilosi ngokushesha aqala ukuwabiza kanjalo lamaphayona—nazo zixuba izizwe zonke. UGeert, uPeter, nomkakhe, uKarin, bangamaDashi; uDaniël noMeinard bavela eIndonesia; futhi uSolomon ungowase-Ethiopia. Njengoba bedabuka eYurophu, eAsia, naseAfrika abavinjelwa imingcele yezilimi eziyisishiyagalombili, kodwa ukuze baphumelele kulomsebenzi, kwakuneminye imingcele okwakumelwe bayeqe.
“Isonto Lamabhayisekili”
“Awunakumane uhambe nje endaweni yokugibelela imikhumbi uwele ibhuloho eliholela emkhunjini, bese ungena emkhunjini,” kusho uPeter oneminyaka engu-32 ubudala, owayekade eyitilosi. “Kudingeka ube nezimvume zendawo.” Lokho kusho ukuba nezimvume zokungena endaweni yokugibelela imikhumbi nezimvume zokungena emikhunjini. “Kwakunemigoqo eminingi,” kukhumbula uPeter, “kodwa ngemva kokuthola izimvume eziyisishiyagalombili, zinazo zonke izithombe zethu nezigxivizo ezisemthethweni, sase sikulungele ukuhamba sinokuzimisela okukhulu.” Bahlukanisa izindawo zokugibelela imikhumbi zalelitheku elingamakhilomitha angu-37 zaba izingxenye ezintathu, ngayinye inakekelwa amaphayona amabili.
Nokho, ungabhekana kanjani nezilimi eziningi ezikhulunywa amatilosi avela emazweni amaningi kangaka? Ngisho nakuba amaphayona ayephaka izincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingu-30 futhi athwale emabhayisekilini awo eziningi ngangokunokwenzeka, azikaze zibonakale zenele. “Akwenzeki wazi ngokuqinisekile ukuthi iziphi izilimi ozozidinga,” kulandisa uSolomon oneminyaka engu-30 ubudala emomotheka. “Ngokuvamile kuba ukuthi amatilosi afuna izincwadi zalo kanye lololimi ongaluphethe, bese ekutshela ukuthi umkhumbi wawo uyasuka esikhathini esicishe sibe ngamahora amathathu.” Lingafuni ukudumaza lamatilosi, elinye lamaphayona liphuma ligijima, lithathe izincwadi ezifanele, ligijime selibuya, bese lizinikeza lamatilosi amagange. “Lapho kuphakama inkinga efanayo lapho sisashumayela ezingxenyeni zetheku ezisebangeni elingahanjwa amahora amathathu ngebhayisekili,” kusho uPeter, “kwacaca ukuthi kwakudingeka sithole elinye isu.”
Ngolunye usuku oFakazi abathile abahlala endaweni yakulelitheku banikeza amaphayona njengesipho ayengasilindele izinqodlana ezimbili ezidonswa ngamabhayisekili, ngayinye yayilingana nobhavu wokugezela. Lamaphayona agqisha lezinqodlana ngezincwadi zazo zonke izilimi ezitholakalayo, azixhuma emabhayisekilini awo, ayeseqonda kulelitheku. Ngokushesha lezinqodlana zaba umbukwane ovamile. “Kwase kubonwa ngazo ukuthi sesikhona,” kusho elinye lamaphayona. “Lapho umgcini-sango esibona siza, uvula isango, abonise ngesandla ukuthi singene, bese eyamemeza: ‘Nalo selifikile isonto lamabhayisekili!’” Ngezinye izikhathi, lapho unogada ephawula ukuthi “isonto lamabhayisekili,” seliyeza, uvula isango abese eyamemeza: “Mibili eyasePoland, munye owaseChina!” Amacebiso anjalo awusizo enza ukuba amaphayona aye emkhunjini ephethe izincwadi zezilimi ezifanele. Kodwa futhi kumelwe aye ngesikhathi esifanele. Ngani?
Ukuhambela Okwenziwa Ngesikhathi Nesigijimi Esifike Ngesikhathi
Amaphayona angakhuluma namatilosi kuphela phakathi nesikhathi sawo sekhefu sasekuseni nantambama noma ngesikhathi sokudla kwasemini. Nokho, umpheki usebenza ngamahora ahlukile, kanti ukaputeni nezinye izikhulu bangatholakala lonke usuku. Ngaphezu kwalokho, amaphayona athola ukuthi imikhumbi yaseBrithani ema eRotterdam ibambelela esikhathini saseBrithani (esisemuva ngehora kunesikhathi saseNetherlands), ukuze amatilosi ayo aye egunjini lokudlela ngenkathi amatilosi angewona awaseBrithani ephindela emsebenzini. Ngokusobala, iphayona elisebenza kulelitheku, kudingeka libe newashi elisigcinayo isikhathi.
Nokho, ingabe amatilosi ayathanda ukusebenzisa izikhathi zawo zekhefu ukuze axoxe ngeBhayibheli? “Ngokuvamile, ngiwathola enomqondo ovulekile ngokuqondene nesigijimi soMbuso,” kusho uGeert oneminyaka engu-31 ubudala. “Mhlawumbe kungenxa yokuthi azibonela ngawawo ukuhluleka kohulumeni babantu.” Ngokwesibonelo, amanye amatilosi atshela uGeert ukuthi izinqwaba zokudla okusanhlamvu ayekwehlisele abantu baseEthiopia abalambayo kwakusesemtateni ezinyangeni eziningi kamuva lapho ephinda efika, futhi ngalesosikhathi kwasekubolile futhi kugcwele amagundane. “Yingakho nje amatilosi amaningi engasathembeli ezimisweni zezombangazwe,” kuphawula uGeert. “Ngakho isithembiso seBhayibheli sikahulumeni oyedwa waso sonke isintu siyawakhanga.”
UPeter uyavuma. “Ukaputeni othile ongumJalimane wathi eminyakeni eyishumi edlule amatilosi akhe ayengangixosha emkhunjini, kodwa izimo zezwe ezishintshayo zanamuhla ziye zawabangela ukuba abe nesithakazelo esigijimini seBhayibheli esifike ngesikhathi.” Umpheki othile wasemkhunjini waseKorea walandisa ukuthi phakathi nempi eyayiphakathi kweIran neIraq, umkhumbi omkhulu othwala izinto eziwuketshezi ayesebenza kuwo washaywa ngerocket futhi wagqamuka amalangabi ePersian Gulf. Wafunga ukuthi uma engaphila, wayeyofuna uNkulunkulu. Wasinda ngempela. Lapho amaphayona ehlangana naye kamuva eRotterdam, wazifuna zonke izincwadi zesiKorea ayengamnika zona.
Imikhumbi eminingi ihlala kulelitheku izinsuku eziningi. Lokhu kwenza amaphayona akwazi ukuphindela izikhathi ezimbili, ezintathu, noma ngaphezulu ukuze aqhubekele phambili nezingxoxo zawo zeBhayibheli ngemva kwesikhathi somsebenzi. Nokho, lapho umkhumbi unenkinga enjinini, ungase uhlale amasonto amathathu uboshelelwe. “Siyayidabukela leyonkampani,” kusho iphayona lisineka, “kodwa siyajabula ngenxa yomsebenzi wethu.” Khona-ke, ngaphezu kokuqhubeka nezingxoxo zeBhayibheli, amaphayona ahlela nokubonisa esinye sezimiso zeNhlangano zamaslide, esithi “IBhayibheli—Incwadi Yalesizukulwane,” egunjini lokudlela. Amanye amatilosi nawo aba khona emihlanganweni yamaqembu amaningi oFakazi BakaJehova akhuluma ezinye izilimi eRotterdam. Lokhu kuyaqhubeka kuze kube yilapho injini isisebenza. Khona-ke kumelwe kuvalwe amaBhayibheli. Izindophi ziyaqaqwa, bese umkhumbi unyamalala kulelitheku—kodwa hhayi ezingqondweni zamaphayona.
Izindaba Zamatilosi Ezithakazelisayo
Esebenzisa okubhalwe emaphephandabeni noma esimisweni secomputer esisetshenziswa umphakathi sabaphathi balesikhumulo semikhumbi, amaphayona akulelitheku ahlala eqaphele ukuthi imikhumbi ake ayihambela izofika futhi ihambe nini. Ngokushesha nje lapho omunye wayo ubuya, amaphayona aya emagange kulamatilosi ukuze athole ukuthi yini eye yenzeka kusukela ekuhambeleni okudlule. Yeka izindaba ezikhuthazayo amatilosi azilandisayo!
Elinye itilosi lalinikeze abanye ababesemkhunjini amakhophi amahlanu encwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngemva kokuba umkhumbi usungene olwandle, futhi njengoba ayeyisithupha aba nesifundo seBhayibheli. Labuye laqopha ekhasethini isahluko esithile esiphathelene nokuphila komkhaya lase lilidlala egunjini lokudlela ukuze kuzuze wonke amatilosi. Komunye umkhumbi, itilosi elithile elalivakashele iHholo LoMbuso esikhumulweni semikhumbi esiseduzane saseAntwerp labeka odongeni lwehholo lokudlela indwangu okwakubhalwe kuyo ukuthi “IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova” ngamagama amakhulu. Khona-ke lamema amanye amatilosi ukuba abe khona lapho liqhuba umhlangano weBhayibheli. Ngaphambi kokwehlisa lendwangu, lamema amatilosi ukuba eze emhlanganweni olandelayo. Ngesonto elilandelayo, lendwangu kanye namatilosi kwabuye kwaba sendaweni yakho.
Amaphayona abuye athola nokuthi amanye amatilosi ayengalokothi azibeke izincwadi zawo. “Lapho singena egunjini lokulala likaIsaac, ongumqondisi womsakazo ongowaseNtshonalanga Afrika, kwakunzima ukuthola indawo yokuhlala,” kulandisa uMeinard. “Omagazini beNhlangano, izincwadi, kanye namakhonkodensi kwakugcwele yonke indawo—futhi kuvuliwe.” Futhi uIsaac wayelungise uhlu lwemibuzo ephathelene neBhayibheli, njengoba ayelindele ukuba amaphayona aphinde abuye.
Nokho, amanye amatilosi awalindi ukuba amaphayona eze kuwo. Ngobunye ubusuku kwakhala ucingo lukaGeert ngemva kokuba eselele.
“Ingabe ubani nje lowo?” kuvungama uGeert ngenkathi ephuthaza ucingo.
“Sawubona, umngane wakho lona!” kusho izwi eligcwele injabulo.
UGeert wazama ukucabanga.
“Umngane wakho wasemkhunjini,” kuphinde kusho lelozwi.
“Ingani kuseyihora lesithathu ekuseni nje!” kusho uGeert.
“Yebo, kodwa wena wathi ngikushayele ucingo lapho nje umkhumbi wami uphinda ufika eRotterdam. Nakho-ke sengifikile!” Ngokushesha ngemva kwalokho, uGeert wayesesendleleni eyobona lomngane owayenesithakazelo eZwini likaNkulunkulu.
“Thuma Isinkwa Sakho”
Ukwazisa ngezincwadi zeBhayibheli kuzwakaliswa nangezincwadi amaphayona azibhalelwa amatilosi. Nazi ezinye izingcaphuno:
‘Sengiqalile ukufunda incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni . . . Manje sengiqonda izinto eziningi ebengingaziqondi ngaphambili. Ngethemba ukuthi umkhumbi wethu uzobuya eRotterdam.’—Angelo.
‘Ngayifunda incwadi, futhi nginithumelela imibuzo enizoyiphendula ezincwadini enizongibhalela zona.’—Alberta.
‘Manje sengifunda iBhayibheli nsuku zonke. Ngiyajabula ngokuba ngumngane wenu. Ukuthola abangane abangiqondisa kuNkulunkulu kuyinto engcono kunazo zonke ezake zenzeka ekuphileni kwami.’—Nickey.
Izincwadi ezinjalo ezijabulisayo zikhumbuza amaphayona lokho iBhayibheli elikushoyo kumShumayeli 11:1: “Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi, ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi.” Ajabula ngokukhethekile lapho ethola ukuthi amanye amatilosi aye amelela uJehova.
Ngokwesibonelo, itilosi lasePoland uStanislav, lahlatshwa umxhwele yilokho elakufunda ezincwadini zeNhlangano. Ngokushesha laba nomtapo wezincwadi omncane owawakhiwa izincwadi zeBhayibheli, futhi njengoba lalisolwandle, lazifunda zonke ngothi lwazo. “Lapho liphinda lisibhalela,” kusho uMeinard, “lathi lase libhapathiziwe.”
UFolkert, ukaputeni womkhumbi owayethumela izimpahla ngaphakathi ezweni, waqala ukuzwa isigijimi soMbuso eRotterdam. Njalo ngemva kwezinyanga ezimbili wayebuya kulesikhumulo isikhathi esingangesonto futhi afunde iBhayibheli izinsuku eziyisikhombisa zilandelana. Khona-ke, ngaphambi kokuba athathe olunye uhambo lwezinyanga ezimbili, amaphayona amnika uhlu lwamakheli amaHholo OMbuso ayezowathola endleleni yakhe yokuthumela izinto. UFolkert waya kulamahholo futhi washukunyiswa ukwamukelwa okufudumele akuthola. Ngaphandle kokulibala, lokaputeni wabhapathizwa futhi manje ukhonza uJehova ngentshiseko.
UMike, isikhulu sezeMpi YamaNgisi Yasolwandle, wayeke wathintana noFakazi ngaphambili futhi wayelokhu etadisha iBhayibheli lapho esolwandle. Ngesinye isikhathi, lapho umkhumbi omkhulu wempi ayesebenza kuwo uma eRotterdam, wasebenzisa ibhayisekili lakhe elisongwayo ukuze aye eHholo LoMbuso. Wahlatshwa umxhwele uthando nobunye abubona, wayesetshela abangane bakhe ukuthi wayesenqume ukuwuyeka umsebenzi wakhe. Nakuba kwase kusele iminyaka emine kuphela ngaphambi ngokuba athole imali yomhlala-phansi eyisamba, wabambelela esinqumweni sakhe futhi kamuva wabhapathizwa.
UMeinard uthi: “Ukushiseka kukaMike, uStanislav, uFolkert, kanye nabanye ekukhonzeni uJehova kusishukumisela ukuba siqhubeke sifuna amatilosi anjengabo kulesikhumulo.”
Ingabe Ungaba Nengxenye?
Lapho zibheka emuva eminyakeni ecishe ibe yishumi yokushumayela kwesinye sezikhumulo ezinkulu kakhulu emhlabeni, “izithunywa zevangeli zasesikhumulweni semikhumbi” eziyisithupha zivuma ngenhliziyo yonke—lesisabelo siye saba inselele kodwa sinomvuzo. “Ngemva kosuku ngalunye lokushumayela,” kusho uMeinard ngamafuphi, “sibuyela ekhaya ngamabhayisekili sinomuzwa wokuthi amanye alawomatilosi abekade elindele ukuba sifike.”
Ingabe kungenzeka ukuthi kunamatilosi alindele ukuhanjelwa esikhumulweni esithile semikhumbi esisendaweni yakini? Mhlawumbe abadala bebandla lenu bangenza amalungiselelo okuba ukwazi ukuba nengxenye kulomsebenzi oyinselele kodwa onomvuzo.
[Ibhokisi ekhasini 20]
UKUFINYELELA EMASIMINI LAPHO UMSEBENZI UVINJELWE KHONA
Onyakeni othile muva nje, imikhumbi engaphezu kuka-2 500 evela emazweni lapho imisebenzi yoFakazi BakaJehova yayivinjelwe khona yema eRotterdam. Futhi amaphayona akulelitheku abona lokho kuyithuba lokufinyelela kulamasimu nesigijimi seBhayibheli.
Komunye wemikhumbi yokuqala yaseAsia ayivakashela, amaphayona azihambisa zonke izincwadi ayeziphethe ezingu-23, eshiya amanye amatilosi ethukuthele ngoba engazitholanga izincwadi. Umfana othile owayesebenza ekhishini komunye umkhumbi waseAsia wayeqaphe kakhulu. Ngemva kokuthatha incwadi kwelinye iphayona, wayibuyisa isongwe ngephepha okubhalwe kulo ikheli. Iphayona lalithola iphuzu. Kwakungaba ingozi kakhulu ukuba lomfana ahambe nayo ngokwakhe lencwadi. Ngalo lolosuku yayisiseposini iya eMpumalanga Ekude.
Emkhunjini othile ovela eAfrika kwafika itilosi elalinohlu lwezincwadi ezazifunwa oFakazi emuva ekhaya. Kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke, isikhathi ngasinye lapho lelotilosi liphindela ekhaya, ipotimende lalo ligqishwa izincwadi. Itilosi elithile lakwelinye izwe eAfrika ladumala kakhulu lapho iphayona elalifunda nalo lilinikeza amakhophi amathathu kuphela encwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. “Ubala lolo!” kusho lelitilosi, lichaya izandla libonisa indumalo. “Abazalwane emuva ekhaya badinga ezingu-1 000!” Ukuze lingangeni engozini, amaphayona anxusa ukuba lithathe amakhophi angu-20 kuphela ngesikhathi.
Mhlawumbe isikhathi esasidabukisa kakhulu kwaba yileso amaphayona athola ngaso ukuthi kwakufike umkhumbi ovela ezweni lapho oFakazi babeshushiswa khona ngenxa yezinkolelo zabo, futhi abaningi babelahlekelwe imisebenzi nezindawo zabo. Lapho lamaphayona ezwa ukuthi isisebenzi esingumqondisi emkhunjini sasiwuFakazi, aya kukaputeni acela imvume yokuthumela amalungiselelo okusiza ukuba ahambe ngomkhumbi wakhe. Ukaputeni wavuma, futhi ezinsukwini ezimbalwa kamuva, izikhwama ezinkulu eziyikhulu zezimpahla, izicathulo, nezinye izinto kwakusendleleni kuya koFakazi kulelozwe.
[Ibhokisi ekhasini 21]
UKUSHUMAYELA EMIKHUNJINI NGEMIKHUMBI—UMBONO WOMUNTU WESIFAZANE
“Ekuqaleni, nganginqikaza ukuphelezela uPeter,” kukhumbula uKarin, okuwuyena yedwa owesifazane kulamaphayona, “ngoba ngangizwe izindaba zokuthi amatilosi ngokuvamile aba nobudlova futhi ayadakwa. Nokho, ngithole ukuthi amaningi awo anesizotha. Ngokuvamile, ngemva kokuba itilosi selazi ukuthi singumbhangqwana oshadile, likhipha isithombe somkalo nabantwana bese liqala ukuxoxa ngomkhaya walo. Ngaleyondlela, siye sahambisa amakhophi amaningi encwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise.”
Ukuhambela imikhumbi njengendoda nomfazi kukwenza kube lula futhi ukuthintana nabafazi bamatilosi nabanye abesifazane ngezinye izikhathi abasebenza njengabahlengikazi. “Ngokuvamile abakhululeki ukukhuluma nabantu abangabazi,” kusho uKarin, “kodwa lapho bengibona, bazizwa bethambekele kakhulu ekuxoxeni.”
Yini eyayiyinselele enkulu kakhulu esabelweni sakhe? “Izikhwelo ezenziwe ngezindophi,” kuphendula uKarin. “Ngangizizonda lezozinto ezintengantengayo.” Ingabe walunqoba uvalo lwakhe? “Yebo. Ngesinye isikhathi lapho nginqikaza ukukhwela kwesinye, iqembu lamatilosi laseParaguay lalibukele futhi lamemeza: ‘Uzokwazi ukukhwela. Thembela kuNkulunkulu.’ Ngempela,” kusho uKarin ehleka, “ngemva kwalawomazwi, akukho okunye angangingakwenza ngaphandle kokuba ngikhwele.” Umyeni wakhe onokwazisa uthi: “Ngemva kweminyaka emine nezikhwelo eziningi ezenziwe ngezindophi, manje usekhwela kuzo njengetilosi.”
UKarin nomyeni wakhe, uPeter, babesekilasini lama-89 leWatchtower Bible School of Gilead eUnited States. NgoSeptember 28, 1990, baya esabelweni sabo esisha, e-Ecuador, izwe elinesikhumulo semikhumbi. Kufanele ukuba bazizwa bekhululeke ngempela.
[Ibhokisi ekhasini 22]
INGABE UYITILOSI?
Ingabe ungathanda ukuba khona emhlanganweni oqhutshwa ngolimi lwesiNgisi woFakazi BakaJehova ngenkathi umkhumbi ohamba ngawo umise kwesinye sezikhumulo zemikhumbi ezinkulu emhlabeni? Khona-ke hlala unaloluhlu lwamuva lwamakheli amaHholo OMbuso nezikhathi zemihlangano:
Hamburg, Schellingstr. 7-9; NgoMgqibelo, 4:00 p.m.; ucingo: 040-4208413
Hong Kong, 26 Leighton Road; NgeSonto, 9:00 a.m.; ucingo: 5774159
Marseilles, 5 Bis, rue Antoine Maille; NgeSonto, 10:00 a.m.; ucingo: 91 79 27 89
Naples, Castel Volturno (ibanga elingu-40 km enyakatho yeNaples), Via Napoli, ekhoneni likaVia Salerno, Parco Campania; NgeSonto, 2:45 p.m.; ucingo: 081/5097292
New York, 512 W. 20 Street; NgeSonto, 10:00 a.m.; ucingo: 212-627-2873
Rotterdam, Putsestraat 20; NgeSonto, 10:00 a.m.; ucingo: 010-41 65 653
Tokyo, 5-5-8 Mita, Minato-ku; NgeSonto, 4:00 p.m.; ucingo: 03-3453-0404
Vancouver, 1526 Robson Street; NgeSonto, 10:00 a.m.; ucingo: 604-689-9796