Indlela KaJehova Iyindlela Engcono Kakhulu Yokuphila
NJENGOBA ILANDISWA NGUERKKI KANKAANPÄÄ
KUSUKELA ngingumntwana, umgomo wami wawuwukukhonza egatsheni laseFinland loFakazi BakaJehova, noma iBethel njengoba libizwa kanjalo. Ngakho lapho omunye umbonisi ojikelezayo engibuza ehlobo lango-1941, “Uhlela ukwenzani esikhathini esizayo?” ngaphendula: “Bengilokhu ngifuna ukuya eBethel.”
“Kungcono uhlukane nalawomaphupho; ngeke ubizwe,” esho. Ekuqaleni ngadumazeka kakhulu, kodwa ngabe senginquma ukumane ngiyishiyele ezandleni zikaJehova lendaba. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, ngathola isimemo sokuyokhonza eBethel.
Ngangiwumfana wasepulazini onamahloni, oneminyaka engu-17 ubudala ngenkathi ngingqongqoza emnyango wehhovisi legatsha eHelsinki ngosuku olwalubanda kakhulu, olucwathile lwangoNovember ngo-1941. Ngokushesha ngemukelwa nguKaarlo Harteva, umbonisi wegatsha. Ngalesosikhathi igatsha lalinakekela oFakazi abangu-1 135 eFinland.
Ukuzuza UbuKristu
Ngo-1914 ubaba wayethole incwadi yeWatch Tower ethi The Divine Plan of the Ages. Nokho, ngokushesha ngemva kwalokho kwagqashuka impi yezwe yokuqala, futhi akabange esakwazi ukuyifunda.
Ukuzabalazela kweFinland inkululeko yesizwe kwadala izinkinga. Kwakhiwa amaqembu amabili anamandla—amaWhite namaRed. AmaWhite ayemelele osozimboni nabesigaba esiphakathi, kuyilapho amaRed emelele izisebenzi. Ubaba wazama ukungathathi-hlangothi, ezigcina ehlukene ngokuphelele nawo womabili amaqembu. Kodwa, womabili ayembheka njengosolekayo.
Njengoba kwaba njalo ekugcineni, uBaba wagwetshwa intambo kabili, okokuqala ngamaWhite kwathi kamuva ngamaRed. Ngesinye isikhathi lapho kwakubulewe indoda ethile futhi umbulali engatholakali, izinsizwa eziyishumi, kuhlanganise nobaba, zagwetshwa intambo. Omunye wothisha bakababa, owayeyilungu lesigungu sabahluleli, wacela ukuba akhululwe, futhi wakhululwa. Lena enye intsha eyisishiyagalolunye yabulawa.
Kwesinye isenzakalo uBaba waphinde waxolelwa egwetshwe intambo. Ngemva kwalokho wanquma ukuhlala ngokubhaca, ngokoqobo! Yena nomfowabo bemba umgede, lapho abahlala khona kwaze kwaphela impi. Ukuze baqhubeke bephila, umfowabo omncane wayebalethela ukudla nokokuphuza.
Ngemva kokuphela kwempi ngo-1918, uBaba washada futhi wakha umuzi eduze nalowomgede. Kamuva ngajwayelana kakhulu nawo, ngoba wawuyindawo yami yokudlala. UBaba wangitshela ukuthi wayethandaze kaningi ngenkathi ecashe lapho ngaphansi komhlaba. Wathembisa uNkulunkulu ukuthi uma ayeyoke afunde indlela yokumkhonza, wayezomkhonza.
Ngokushesha ngemva kokuba eshadile, uBaba wanquma ukuhamba nokuthile angakufunda ohambeni lwezebhizinisi. Endaweni esophahleni, wathola incwadi ethi The Divine Plan of the Ages ayeyithenge eminyakeni eminingi ngaphambili. Wavula esihlokweni esithi “Usuku LukaJehova” futhi wasifunda. Wayelokhu ethi ngenhliziyo: ‘Nanti iqiniso, nanti iqiniso.’ Ehla ophahleni, watshela umama: “Ngiyitholile inkolo yeqiniso.”
Cishe ngokushesha ngemva kwalokho uBaba waqala ukushumayela kwabanye ngezinto ayezifunda, eqala ngokukhuluma nabangane bakhe nomakhelwane. Wabe eseqala ukunikeza izinkulumo zeningi. Ngokushesha abanye kulendawo bahlanganyela naye. Ngemva kokuthintana nabaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngalesosikhathi, uBaba wabhapathizwa ngo-1923. Ngenkathi thina bantwana sizalwa—sagcina sesibane—uBaba akazange akudebesele ukusifundisa. Eqinisweni, ngemva kokwakhiwa kwebandla, kwakudingeka siye kuyo yonke imihlangano.
Izinkumbulo Ezindala
Inkumbulo endala enginayo ngeyomhlangano owawuhlelwe ebandleni lakithi ngo-1929, ngenkathi ngineminyaka emihlanu ubudala. Kwakubuthene abantu abaningi bevela emabandleni aseduze, futhi kwakukhona nommeleli ovela ehhovisi legatsha. Ngalezozinsuku kwakuwumkhuba, okungenani eFinland, ukubusisa abantwana emihlanganweni. Ngakho umzalwane ovela eBethel wabusisa abantwana, njengoba kwenza uJesu phakathi nenkonzo yakhe. Angikaze ngikukhohlwe lokho.—Marku 10:16.
Enye inkumbulo endala iwukwamukelwa kwegama elithi oFakazi BakaJehova ngo-1931. Ubaba, eqaphela ukubaluleka kwalesosenzakalo, ngobuqotho wafundela ibandla isaziso esiphathelene negama lethu elisha.
Ngahlanganyela nobaba emsebenzini wokushumayela cishe kusukela esikhathini engingasasikhumbuli. Ngaqala ngokumane ngilalele yena, kodwa ekugcineni ngase ngiwenza ngedwa lomsebenzi. Ngo-1935, lapho umbonisi ojikelezayo esihambele, ngaya kubo bonke omakhelwane bethu ngabamema ukuba babe khona emhlanganweni. Futhi ngabahambisela izincwajana, futhi abanye abantu bazemukela.
Isikole Nesinqumo Esibalulekile
Yithina sobane kuphela esikoleni esasingabantwana abanabazali abangoFakazi, futhi kaningi sasigconwa ngenxa yokungahlanganyeli nenye intsha ekuziphatheni okungekhona okobuKristu. Nakuba engangifunda nabo bazama ukungiyenga ukuba ngibheme, angilokothanga ngabhema. Futhi sasigconwa ngokubizwa ngokuthi singamaRussellite (uRussell wayengumongameli wokuqala weWatch Tower Society) noma amaHartevalite (uHarteva wayengumbonisi wegatsha laseFinland ngalesosikhathi). Ngiyajabula ukusho ukuthi enye intsha eyayisigcona ekugcineni yaba ngoFakazi.
Uthisha wami wangikhuthaza ukuba ngiqhubeke nemfundo yami, futhi ngesinye isikhathi ngacabangela ukuba unjiniyela. Kodwa kwabe sekuba nomhlangano woFakazi BakaJehova ePori entwasahlobo ka-1939, owaguqula ukuphila kwami. Sobabili mina nomfowethu, uTuomo, sazinikezela kuJehova futhi lokhu sakubonakalisa ngokubhapathizwa emanzini kulowomhlangano, ngoMay 28, 1939. Khona-ke, ekuqaleni kukaSeptember, kwagqashuka iMpi Yezwe II.
Izimo zashintsha ngokuphawulekayo eYurophu. Isimo phakathi kweFinland neSoviet Union saba sibi. Ubaba wagcizelela ukuthi iArmagedoni yayisondela ngokwengeziwe futhi wasikhuthaza ukuba siphayone. Ngakho-ke, ngoDecember 1940, mina nomfowethu saqala ukuphayona enyakatho Finland.
Ukuphayona Nenkonzo YaseBethel
Ngenkathi siphayona, esikhathini esiningi sasihlala noYrjö Kallio. Wayengumzalwane owayebe ngumFundi WeBhayibheli ePennsylvania eUnited States, cishe eminyakeni engu-30 ngaphambili. UYrjö wayenomusa kakhulu, futhi wenza konke okusemandleni ukuze asilungiselele indawo ezungezile ejabulisayo. Umfowabo wegazi, uKyösti Kallio, wayengumongameli waseFinland kusukela ngo-1937 kuya ku-1940. UYrjö wasitshela ukuthi wayenikeze umfowabo ubufakazi obugcwele, emchazela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba likahulumeni omuhle nelokuthula okuhlala njalo, komhlaba wonke.
Njengoba isikhathi sihamba, isifiso sami sokuba ilungu lomkhaya waseBethel sakhula. Ngokujabulisayo, naphezu kwesixwayiso sombonisi ojikelezayo sokuba ngingazithembisi, isicelo sami sokukhonza eBethel semukelwa. Umsebenzi wami wokuqala waba ukuba umfana othunywayo. Nokho, ngokushesha ngaba nelungelo lokusebenza efekthri. Lapho ngasebenza eminyangweni eminingi, kuhlanganise nasendlini yethu encane yokunyathelisa naseMnyangweni Wokuthumela Izincwadi.
Ukulondoloza Ukungathathi-hlangothi
Ngo-1942, lapho ngineminyaka engu-18 ubudala, ngabizelwa inkonzo yasempini. Njengoba ngenqaba ukuya, ngabhekana nesikhathi eside sokuphenywa, ezehlakalweni ezimbili ngikhonjwe ngesibhamu. Ngezinye izikhathi kwakusetshenziswa ubudlova obungokomzimba. Futhi, phakathi nenkathi yophenyo, ngangigcinwe esitokisini esingabasiwe lapho okwakubanda kushubisa umnkantsha.
Ekugcineni, ngoJanuary 1943, kwafika isikhathi sokuba mina nabanye oFakazi sigwetshwe. Isikhulu sezempi esasikade sisiphenya safuna ukuba isigwebo sethu singabi ngaphansi kweminyaka eyishumi. Umfundisi wamabutho wayefuna isigwebo esinzima ngokwengeziwe, encwadini ayibhala wayala ngenkani ukuba sithole ‘isigwebo sokufa noma ukuthumela lamambuka eRussia njengezinhloli ezehliswa endizeni ngezambulela [cishe ukufa okuqinisekile], okuyisijeziso esiwafanelayo.’
Kwahlelwa ukuqulwa kwecala mbumbulu. Ngabizelwa phambi kwenkantolo futhi ngagwetshwa intambo. Nokho, kwabe sekuvela ukuthi kwakungomunye umzamo wokwesabisa, ngoba kamuva ngalolosuku ngabizelwa phambi kwenkantolo futhi ngagwetshwa iminyaka emithathu nengxenye endaweni yokuqondisa izigwegwe. Ngafaka isikhalo ngalesigwebo, futhi sancishiswa saba iminyaka emibili.
Ejele, ukudla kwakuntuleka, futhi kwakunezinsongo zonya ezivela kwezinye iziboshwa. Kabili ngahlaselwa ongqingili, kodwa ngenhlanhla ngakwazi ukuphunyula. Omunye wabo wasongela ngokungibulala uma ngingavumelani nalokho ayekufuna. Kodwa njengoba ngangenzile kukho konke ukulingwa kwami, ngathembela kuJehova, futhi wangisiza. Empeleni, lolusongo lwesiboshwa lwalungeyona into ewubala, ngoba sasike sabulala ngaphambili. Ngemva kokuba ikhululiwe, lendoda yaphinde yabulala yase iphindiselwa ejele.
Ngokungangabazeki kungenxa yokuthi oFakazi BakaJehova baziwa ngokwethembeka okwenza ukuthi ngokushesha ngibe isiboshwa esiyisethenjwa. Umsebenzi wami kwakuwukunika ezinye iziboshwa izabelo zokudla, futhi ngangivunyelwe ukuhamba ngokukhululeka ngaphakathi ejele. Ngakho-ke, akukhona nje kuphela ukuthi nganginokudla okwanele mina siqu kodwa futhi ngakwazi nokuqikelela ukuthi abafowethu abangamaKristu babenakekelwe kahle. Omunye umzalwane waze wazimuka ngisho nangamakhilogremu ambalwa ngenkathi esejele, okuyinto engavamile uma kucatshangelwa ukuntuleka kokudla!
Ngakhululwa ejele ngoSeptember 1944, ngosuku olufanayo uMzalwan’ uHarteva akhululwa ngalo. Ukukhululwa kwami kwasho ukuphindela enkonzweni yaseBethel. Ngathi ngenhliziyo, ‘Ukusebenza ngokuzikhandla amahora angu-16 ngosuku eBethel kungcono kakhulu kunempilo yasejele.’ Angikaze ngiwubalekele umsebenzi kusukela lapho!
Amalungelo Enkonzo Ahlukahlukene
Kamuva ngo-1944, ngahlangana noMargit, isimomondiya sephayona eliselisha, elasabela esithakazelweni sami kulo, futhi sashada ngoFebruary 9, 1946. Phakathi nonyaka wethu wokuqala njengombhanqwana oshadile, mina ngakhonza eBethel kwathi uMargit wasebenza eHelsinki njengephayona. Khona-ke ngoJanuary 1947 sabelwa emsebenzini wokujikeleza.
Lapho sisemsebenzini wokujikeleza, sasivame ukuhlala nemikhaya ethile futhi sihlanganyele ikamelo elilodwa nayo. Sasazi ukuthi yayisilungiselela okungcono kakhulu eyayinakho, futhi asizange sikhononde. Izifunda zazizincane kulezozinsuku, futhi amanye amabandla ayengenabo kwanhlobo oFakazi ababhapathiziwe!
Ngo-1948 samenywa ukuba siphindele enkonzweni yaseBethel. Eminyakeni emibili kamuva uWallace Endres wafika eFinland evela eUnited States, futhi ngokushesha ngemva kwalokho wamiswa njengombonisi wegatsha. Wasikhuthaza ngokufudumele ukuba siqhubeke sifunda isiNgisi, okuyinto esayenza. Ngakho, samenywa ukuba siye ekilasini le-19 lezithunywa zevangeli leWatchtower Bible School of Gilead, elaqala eNingizimu Lansing, eNew York, ngoFebruary 1952.
Ngemva kokuthweswa iziqu sabelwa emuva eFinland. Nokho, ngaphambi kokuba sihambe eUnited States, ngaqeqeshelwa ukusebenza ngemishini yokunyathelisa endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York.
Lapho siphindela eFinland, sabelwa emsebenzini wokujikeleza, kodwa-ke ngo-1955 samenyelwa emuva egatsheni laseFinland. Ngalowonyaka ngaba umbonisi wasefekthri, futhi eminyakeni emibili kamuva, ngo-1957, ngamiswa njengombonisi wegatsha. Kusukela ngo-1976, ngiye ngakhonza njengomxhumanisi weKomiti Yegatsha YaseFinland.
Ngokujabulisayo, bobabili ubaba nomama bahlala bethembekile kuJehova baze bashona. Ngokuhamba kwesikhathi, izihlobo zikaBaba ezingaphezu kwekhulu zaba oFakazi. Futhi kuze kube namuhla, umfowethu nawodadewethu nemikhaya yabo bonke bakhonza uJehova, omunye wodadewethu uyiphayona.
Ukuphila Okucebile, Okunomvuzo
Iminyaka iye yaba nomsebenzi omningi, kodwa umsebenzi, ngenxa yokuthi ungumsebenzi kaNkulunkulu, uye waba ngocebile nonomvuzo ngempela. (1 Korinte 3:6-9) Ukuphila kwami bekungekhona neze okulula nokuthokozisayo ngaso sonke isikhathi. Bekunezinkinga nobunzima. Ekuqaleni kakhulu ekuphileni, ngaqaphela ukuthi kumelwe ufunde ukuzithiba. Ngeke wenze ncamashi njengoba uthanda ngaso sonke isikhathi. Ngaqondiswa kaningi, futhi kancane kancane ngafunda indlela efanele yokuphila.
Ngokwesibonelo, izilingo nokweswela engabhekana nakho phakathi nempi kwangifundisa ukuphila ngaphandle kokunethezeka. Ngafunda ukuhlola ukuthi into idingekile yini ngempela noma cha. Ngisenawo umkhuba wokuzibuza ukuthi ngiyakudinga yini lokhu noma lokhuya. Khona-ke uma ngibona ukuthi empeleni akubalulekile kangako, angikuthengi.
Isiqondiso esinikezwa uJehova ngenhlangano yakhe siye saba sobala. Ngiye ngaba nenjabulo yokubona inani loFakazi BakaJehova likhula phakathi neminyaka yokuba kwami segatsheni laseFinland lisuka ku-1 135 liba ngaphezu kuka-18 000! Ngempela, ngiyabona ukuthi umsebenzi wami ubusisiwe, kodwa ngiyazi ukuthi uye wabusiswa ngoba umsebenzi ungokaJehova, akuwona owethu. (1 Korinte 3:6, 7) Kusukela ngisemncane ngakhetha indlela kaJehova, futhi ngempela iye yaba indlela engcono kakhulu yokuphila.
[Isithombe ekhasini 23]
UErkki Kankaanpää namuhla, enomkakhe uMargit