“OFakazi BakaJehova?”
LOMBUZO ongenhla wavela njengesihloko kuyiBulletin of the University of Helsinki ngolimi lwesiFinnish. Ngaphansi kwalesihloko kwakunencwadi ebhalwe uProfesa Jorma Palo, futhi yayithi ngokwengxenye: “Ngiye ngabhekisisa uphawu lweyunivesithi yethu olunyatheliswe esembozweni seBulletin. Maphakathi nengxenye engenhla, ngathola umbhalo wesiHeberu incazelo yawo engayibuza esivakashini sami esingumJuda. Ngokwalesisazi, esazi isiHeberu, leligama lithi ‘Jehova’ ngesiFinnish.”
Ukuba khona kwegama lomuntu siqu likaNkulunkulu livela kuloluphawu lwaleyunivesithi yaseFinland kwabamangaza abanye. Nokho, eqinisweni leyunivesithi ineminyaka engu-350 ubudala, futhi ngesikhathi yakhiwa, igama elithi Jehova lalaziwa kabanzi futhi lisetshenziswa kuyo yonke iYurophu. Leligama livela ezakhiweni zomphakathi ezingenakubalwa, izinhlamvu zemali, nasezimpawini ezisukela kulesosikhathi.—Bheka incwajana ethi IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade.
Ekhulwini lethu leminyaka, eLobukholwa alisalisebenzisi igama likaNkulunkulu, naleso sithakazelo sokuqala kulo siye salibaleka ngezinga eliphakeme. Linye iqembu elisebenzisa leligama laphezulu ekukhulekeleni futhi lilisakaze kabanzi, ngokuvumelana nesicelo sokuqala eMthandazweni weNkosi: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Yingakho lapho leligama livela kuloluphawu lwaleyunivesithi, ngokushesha abantu bacabanga ngoFakazi BakaJehova.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Yliopisto