Uyamenywa Emihlanganweni Yesigodi ‘Yabaphathi Bokukhanya’
NGALO kanye usuku lokuqala lokudala kwadalwa ukukhanya emhlabeni. Sifunda ukuthi uJehova uNkulunkulu wathi: “Makube-khona ukukhanya.” Futhi “kwaba-khona ukukhanya.’ (Genesise 1:3) Lokhu kuvumelana nalokho umphostoli uJohane akubhala: “UNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.”—1 Johane 1:5.
Njengoba indodana kaNkulunkulu imunye noYise, akumangalisi ukuthi uJesu wake wathi: “Ngingukukhanya kwezwe.” (Johane 9:5) Singaphuma ebumnyameni futhi singene ekukhanyeni ngokuba nokholo kuJehova uNkulunkulu naseNdodaneni yakhe. UJesu futhi wafakaza: “Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.” (Johane 12:46) Ngakho, ngokufanelekile uJesu Kristu wathi ngabalandeli bakhe beqiniso: “Nina ningukukhanya kwezwe. . . . Makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.”—Mathewu 5:14, 16.
Yeka isibusiso okuyiso ukuba neqiniso, ukuqonda iZwi likaNkulunkulu njengoba likhanyiswa “inceku ethembekileyo neqondayo”! (Mathewu 24:45-47) Asisadukisiwe ukukholelwa kuZiqu-zintathu; asisadidekile ngokuthi kungani uNkulunkulu onguMninimandla onke nonothando evumela ububi nobudlova; asisenakho ukungabaza ngesimo sabafile. Ukukhanya kusinikeze ithemba, ithemba loMbuso. Kuye kwasembulela indlela uMdali anguNkulunkulu omangalisa ngayo. Ukukhanya kweqiniso kuye kwasinikeza injongo ekuphileni, ukuze sifeze injongo yalokho esasidalelwe khona kwasekuqaleni, ukukhazimulisa uMenzi wethu, uJehova uNkulunkulu. Lokhu sikwenza ngokuba ngabaphathi bokukhanya. Ukuba ngabaphathi bokukhanya kuwudumo olukhulu nelungelo, kodwa futhi kungumthwalo wemfanelo ongathi sina. Ukuze sifeze lesibopho ngokufanelekile, sidinga ukusebenzisa lonke usizo uJehova alunikezayo. Ngakho yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi imihlangano yethu yesigodi ka-1992 kufanele ibizwe ngokuthi Imihlangano Yesigodi ‘Yabaphathi Bokukhanya’!
Ukuze sithuthukise kokubili amakhono ethu nokwazisa kwethu ngengxenye esinayo njengabaphathi bokukhanya, sizofuna ukuba khona okungenani kowodwa walemihlangano, ngokuba khona engomeni yokuvula futhi sihlale kuze kube semthandazweni wokuphetha. Futhi siyofuna ukulalelisisa konke okushiwo endaweni yesikhulumi, kungaba ngezinkulumo, izingxoxo, okuhlangenwe nakho, noma ngedrama. Ukubhala amaphuzu akusinikezi nje kuphela okuthile kokubhekisela kukho kamuva ukuze sivuselele inkumbulo yethu kodwa kusisiza kakhulu ukuba sinakisise lokho okunikezwayo. Yebo, phakathi naso sonke isimiso somhlangano, siyofuna ‘ukubheka ukuthi sizwa kanjani.’—Luka 8:18.