Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 2/15 k. 29
  • Igama LikaNkulunkulu Libuyiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Igama LikaNkulunkulu Libuyiselwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 2/15 k. 29

Igama LikaNkulunkulu Libuyiselwe

“KUYE kwathatha iminyaka engaba ngu-60 ukuba igama likaNkulunkulu, elithi ‘JHWH,’ ongeyena uNkulunkulu wamaJuda kuphela kodwa nowamaKristu, ukuba libuyiselwe lapho umdwebi wemifanekiso ayelibeke khona ekuqaleni.” Yileyondlela iphephandaba laseJalimane iSchwarzwälder Bote elikuphawula ngayo ukubuyiselwa kwegama likaNkulunkuu odongeni olungaphambili lwehholo ledolobha laseHorb, eningizimu yeJalimane. Kodwa kungani leligama lalisusiwe?

Leliphephandaba libika ukuthi ingaphandle lalelihholo ledolobha lalidwetshwe imifanekiso emihle yezithombe ezilandisa indaba ezazihlobisa udonga lwalo lwangaphambili. Okwakuhlanganisiwe kwakuyiTetragrammaton, izinhlamvu ezine zesiHeberu ezimelela igama likaNkulunkulu.

“Leligama, elivela izikhathi ezingaphezu kuka-6 000 eBhayibhelini,” kuqhubeka iphephandaba, “lithi ‘Jehova’ noma okuthile okufanayo ngesiJalimane. Ukubizwa kwalo okuqondile akuqinisekile ngoba isiHeberu esibhalwayo sasinongwaqa kuphela. Onkamisa babefakwa umfundi.”

Nokho, ngo-1934 abameleli beQembu LamaNazi banquma ukuthi iTetragrammaton “yayingavumelani nezimfundiso zangalesosikhathi” ngakho kwakumelwe icishwe ngopende. Ngokujabulisayo, leTetragrammaton manje isiye yabuyiselwa. Leliphephandaba liyaphawula: “Namuhla ingaphambili [lehholo ledolobha], elihlotshiswe ngemifanekiso elandisa indaba engokomlando, izimpawu zesikhundla, nemidwebo yabantu, liyindawo yokubukwa eHorb.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela