‘Babevame Ukuhleka’
Indoda ethile esebuthweni lezempi eHungary ithi esikhathini esidlule esingekude abantu babevame ukubahleka labo abakhuluma ngeBhayibheli. Kodwa izikhathi zishintshile. Muva nje isosha liye labhalela iWatch Tower Society eBudapest, lithi:
“Ezinsukwini ezimbalwa ezidlule, ngifunde incwadi yenu ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngangiyibolekwe ngothile ukuba ngiyifunde kuze kube yilapho ngiyiqeda. Okulotshwe kulencwadi kuye kwangithinta ngokujulile futhi kuye kwangenza ngacabanga.” Lelisosha lafuna iBhayibheli nokwaziswa okwengeziwe. Ukusabela okunjalo akusekhona okungavamile eMpumalanga Yurophu.
Enye incwadi eyamukelwa yihhovisi laseBudapest ithi: “Ngiye ngafunda incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Lencwadi iye yangihlaba umxhwele kakhulu, ngakho nginibhalela ngenjongo yokucela ukuba noma yimuphi uFakazi angivakashele ekhaya lami ukuze ngibe nesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.”
Incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni iyincwadi enikeza ithemba ngokukubonisa izimpendulo eziseBhayibhelini. Iye yaba usizo ekuguquleni ukuphila kwabaningi. Uma ungathanda ukuthola ikhophi yayo, siza ugcwalise bese uthumela isigqebhezana esilapha.
Ngingathanda ukuthola incwadi enoqwembe oluqine enamakhasi angu-256 ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)
[Isithombe ekhasini 32]
Ngesizathu esihle, umzali uyovumela ukuba umntwana amthandayo ahlinzwe nakuba kubuhlungu. NoNkulunkulu unezizathu ezinhle zokuvumela abantu ukuba bahlupheke okwesikhashana