Benza Lokho Abangakwenza
Nakuba bengenakukwazi ukukhokhela uJehova ngenxa yazo zonke izinto abazuzisa ngazo, abaningi benza lokho abangakwenza ukuze basekele umsebenzi woFakazi bakhe wokushumayela emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14; qhathanisa noMarku 14:3-9.) Okuthakazelisayo ngokuqondene nalokhu yilencwadi evela emkhayeni othile eMinnesota, eU.S.A.:
“Bafowethu Abathandekayo,
“Sithumela umnikelo wemali engu-$——. Sicela ukuba usetshenziselwe ukuxhasa ngokwezimali umsebenzi owenziwa emhlabeni wonke noma ufakwe eSikhwameni Sokwakha Samahholo OMbuso, noma usetshenziswe kunoma yisiphi esinye isidingo inhlangano engase ibe naso. . . .
“Siyaqiniseka ngokuthi lemali izosetshenziswa ngokuvumelana nentando [kaJehova]. Sithanda ukusebenzisa lelithuba ukuze sinikhuthaze ukuba niqhubeke nomsebenzi omuhle, futhi sinibonga ngokukhethekile ngekhasethi le“video” elibonisa imisebenzi yeNhlangano [yeWatch Tower] eyenziwa emhlabeni wonke. Yilona lelikhasethi elasenza saqaphela ubukhulu bomsebenzi, futhi lagcizelela kithi ukuthi iminikelo yethu yokuzithandela iyadingeka. Ngaphambili, sasikushiyela kubazalwane abasebandleni, esifundeni, nasesigodini ukuba banakekele ukuthumela iminikelo kinina, kodwa manje sibonga uJehova ngokusibekezelela ekungaqondini kwethu nangokusibonisa ngothando isidingo sokuba thina ngokwethu sisize ekuxhaseni ngokwezimali lomsebenzi osindisa ukuphila, ngaphezu kwezinye izinhlobo zeminikelo ezikhona. Njengomkhaya, sinquma ukuthumela imali engengaphansi kuka-$—— ngenyanga . . . siyithumele eNew York ngokuqondile.
“Siyaphinda futhi, siyabonga ngenkonzo enhle eniye nasenzela yona nokuthembeka kuJehova eniye nakubonisa.”