Ukuzithiba—Kungani Kubaluleke Kangaka?
“Nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba.”—2 PETRU 1:5, 6.
1. Yikuphi ukubonakaliswa okuphawulekayo kokuzithiba okungokomzimba okwenzeka ngekhulu le-19 leminyaka?
NGAPHANDLE kokungabaza, okunye kokubonakaliswa okumangalisa kakhulu kokulawula umzimba kwenziwa uCharles Blondin engxenyeni yokugcina yekhulu le-19 leminyaka. Ngokomunye umbiko, wanqamula iziMpophoma ZeNiagara izikhathi eziningana, okokuqala ngo-1859, ehamba entanjeni edonswe yaqiniswa engamamitha angu-340 ubude futhi ephakeme ngamamitha angu-50 ngaphezu kwamanzi. Ngemva kwalokho, isikhathi ngasinye lokho wakwenza ngokubonakaliswa okwehlukile kwekhono lakhe: emboze amehlo, esesakeni, eqhuba ibhala, ehamba ngonoxhongo, futhi ebelethe indoda emhlane. Kwesinye isimo, washaya ungqimphothwe konoxhongo esentanjeni enwetshwe yaba ngamamitha angu-52 ukusuka phansi. Ukulondoloza ukulinganisela okunjalo kwakufuna ukuzithiba okukhulu kakhulu okungokomzimba. Njengenkokhelo, uBlondin wavuzwa ngakho kokubili udumo nengcebo.
2. Yiziphi ezinye izinhlobo zomsebenzi ezikhona ezidinga ukulawula okungokomzimba?
2 Nakuba bembalwa abangasondela ngisho nokusondela nje ekuphindeni leyomibukiso, ukubaluleka kokuzithiba okungokomzimba ekuboniseni amakhono obungcweti noma emidlalweni kusobala kithina sonke. Ngokwesibonelo, echaza ubuciko bomshayi wophiyano odumile ongasekho uVladimir Horowitz, omunye umculi wathi: “Kimina into eyayingihlaba umxhwele kwakuwumuzwa wokulawula okuphelele . . . , umuzwa wamandla athile angakholeki lapho esetshenziswa.” Omunye umbiko ophathelene noHorowitz wakhuluma ‘ngamashumi ayisishiyagalombili eminyaka eminwe endiza ngokulawulwa okuphelele.’
3. (a) Yiluphi uhlobo olubizela kakhulu lokulawula, futhi luchazwa kanjani? (b) Lisho ukuthini igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuzithiba” eBhayibhelini?
3 Kudinga umzamo omkhulu ukuba namakhono anjalo. Nokho, okubalulekile futhi okuyinselele ngisho nangokwengeziwe ukuzithiba. Kuye kwachazwa ‘njengokuzibamba umuntu akwenza emizweni yakhe siqu, imizwelo, noma izifiso.’ EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, igama elihunyushwe ngokuthi “ukuzithiba” kweyesi-2 Petru 1:6 nakwezinye izindawo, liye lachazwa ngokuthi “ubuhle bomuntu okwazi ukubusa izifiso zakhe nemizwelo, ikakhulukazi izinkanuko zakhe zenyama.” Ukuzithiba komuntu kuye kwabizwa ngisho nangokuthi “isiqongo salokho umuntu akufinyelelayo.”
Isizathu Sokuba Ukuzithiba Kubaluleke Kangaka
4. Ukuntuleka kokuzithiba kuye kwavuna siphi isithelo esibi?
4 Yeka uhlobo lwesivuno ukuntuleka kokuzithiba obekulokhu kuluvuna! Izinkathazo eziningi emhlabeni namuhla ngokuyinhloko zibangelwa ukuntuleka kokuzithiba. Yiqiniso, ‘sisezinsukwini zokugcina,’ lapho ‘kuvela khona izikhathi ezinzima.’ Abantu ‘abanakho ukuzithiba’ ngokuvamile ngenxa yokuhaha, olunye uhlobo lwakho oluwukuba “abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1-5) Leliqiniso elisangulukisayo liye lakhanya ngokwethusayo kithina ngokukhishwa kwabantu abonile abangaphezu kuka-40 000 ekuhlanganyeleni nebandla phakathi nonyaka wenkonzo odlule, ikakhulukazi ngenxa yokuziphatha okubi kakhulu. Kulaba kumelwe kunezelwe abaningi abasolwa, ikakhulukazi ngenxa yokuziphatha okubi ngokobulili kodwa kubo bonke kungenxa yokwehluleka ukubonisa ukuzithiba. Okunye okusangulukisayo yiqiniso lokuthi abanye abadala abangomakadebona balahlekelwa yiwo wonke amalungelo abo okuba ababonisi ngenxa yesizathu esifanayo.
5. Ukubaluleka kokuzithiba kungafanekiswa kanjani?
5 Ukubaluleka kokuzithiba kungafanekiswa ngemoto. Inamasondo amane ayenza ikwazi ukuhamba, inenjini enamandla engaphendula lawomasondo ngokushesha okukhulu, kanye namabhuleki angawamisa. Nokho, kungenzeka inhlekelele uma kungekho-muntu esihlalweni somshayeli ozonquma ukuthi lawomasondo aya kuphi, aphenduka ngokushesha kangakanani, futhi ama nini, ngokusebenzisa ngendlela elawulayo isondo lokuqondisa, ithuluzi lokulawula ijubane, namabhuleki.
6. (a) Iyiphi indinganiso ephathelene nothando engase isetshenziswe ngokufanelekile ekuzithibeni? (b) Yisiphi esinye iseluleko okumelwe sisikhumbule?
6 Kungaba nzima ukukugcizelela ngokweqile ukubaluleka kokuzithiba. Lokho umphostoli uPawulu akusho kweyoku-1 Korinte 13:1-3 ngokubaluleka kothando kungashiwo ngokufanelekile ngokuzithiba. Kungakhathaliseki ukuthi siqephuza kangakanani njengezikhulumi zasobala, kungakhathaliseki ukuthi sesiye sazuza ulwazi nokholo oluningi kangakanani ngemikhuba emihle yokutadisha, kungakhathaliseki ukuthi senza miphi imisebenzi ukuze sizuzise abanye, uma singakubonisi ukuzithiba, konke lokho kuyize. Kufanele sikhumbule amazwi kaPawulu: “Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo. Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke.” (1 Korinte 9:24, 25) Okusisiza ukuba sibonise ukuzithiba ezintweni zonke yisixwayiso sikaPawulu esikweyoku-1 Korinte 10:12: “Osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.”
Izibonelo Eziyizixwayiso
7. (a) Ukuntuleka kokuzithiba kwalufaka kanjani uhlanga lwesintu ekuwohlokeni kwalo? (b) Yiziphi ezinye izibonelo zakuqala zokuntula ukuzithiba imiBhalo esinikeza zona?
7 Ngokuvumela umzwelo kunomcabango ukuba ubuse izenzo zakhe, uAdamu wehluleka ukubonisa ukuzithiba. Ngenxa yalokho, “isono sangena ezweni . . . , nangesono kwangena ukufa.” (Roma 5:12) Ukubulala kokuqala nakho kwabangelwa ukuntula ukuzithiba, ngoba uJehova uNkulunkulu wayemxwayisile uKayini: ‘Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? Isono sihlezi ngasemnyango, kepha wena umelwe ukusibusa.’ Ngenxa yokuthi uKayini akazange asibuse isono, wabulala umfowabo uAbela. (Genesise 4:6-12) UmkaLoti naye wehluleka ukubonisa ukuzithiba. Wamane nje wangamelana nesilingo sokubheka emuva. Ukuntula kwakhe ukuzithiba kwamlahlekisela ngani? Phela, khona kanye ukuphila kwakhe!—Genesise 19:17, 26.
8. Okuhlangenwe nakho kwamaphi amadoda amathathu asendulo okusinikeza izixwayiso ngokuphathelene nesidingo sokuzithiba?
8 Indodana kaJakobe eyizibulo, uRubeni, yalahlekelwa ubuzibulo ngenxa yokuntula kwayo ukuzithiba. Yangcolisa umbhede kayise ngokuba nobuhlobo bobulili nesinye sezancinza zikaJakobe. (Genesise 35:22; 49:3, 4; 1 IziKronike 5:1) Ngenxa yokuthi uMose wathukuthela ngenxa yendlela amaIsrayeli amlinga ngayo ngokukhononda kwawo, ukukhalaza, nokuhlubuka, waphucwa ilungelo elifiseleka kakhulu lokungena eZweni Lesithembiso. (Numeri 20:1-13; Duteronomi 32:50-52) Ngisho neNkosi ethembekile uDavide, ‘umuntu ongokwenhliziyo kaNkulunkulu,’ ngesinye isikhathi wangena enkathazweni enkulu ngenxa yokuntula kwakhe ukuzithiba. (1 Samuweli 13:14; 2 Samuweli 12:7-14) Zonke izibonelo ezinjalo zisinikeza izixwayiso eziphilile zokuthi sidinga ukubonisa ukuzithiba.
Okudingeka Sikulawule
9. Yimiphi eminye imibhalo eqokomisa ukubaluleka kokuzithiba?
9 Okokuqala ngqa, ukuzithiba kuhilela imicabango nemizwelo yethu. Lokhu ngokuvamile kubhekiselwa kukho emiBhalweni ngokusetshenziswa okungokomfanekiso kwamagama anjengathi “inhliziyo” nelithi “izinso.” Lokho esivumela ukuba izingqondo zethu zigxile kukho kuyasisiza noma kuyasivimbela emzamweni wethu wokujabulisa uJehova. Ukuzithiba kuyadingeka ukuze silalele iseluleko esingokomBhalo esitholakala kwabaseFilipi 4:8, sokuba sizindle ngokuyiqiniso, okumhlophe, nokuhle. Umhubi uDavide wazwakalisa imizwa efanayo emthandazweni, ethi: “[U]kuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, dwala lami nomhlengi wami.” (IHubo 19:14) Umyalo weshumi—ukungafisi lutho olungolukamakhelwane wakho—wawufuna ukuba umuntu alawule imicabango yakhe. (Eksodusi 20:17) UJesu waqokomisa ukungathi sína kokulawula imicabango nemizwelo yethu lapho ethi: “Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.”—Mathewu 5:28.
10. Yimiphi imibhalo yeBhayibheli egcizelela ukubaluleka kokulawula inkulumo yethu?
10 Ukuzithiba futhi kuhilela amazwi ethu, inkulumo yethu. Miningi ngempela imibhalo eseluleka ukuba silawule ulimi lwethu. Ngokwesibonelo: “UNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe-yingcosana.” (UmShumayeli 5:2) “Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.” (IzAga 10:19) “Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube-ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo . . . Konke . . . nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.” Futhi uPawulu uyaqhubeka enikeza iseluleko sokuba siyeke ukubheda namahlaya angcolile.—Efesu 4:29, 31; 5:3, 4.
11. UJakobe uxoxa kanjani ngenkinga yokulawula ulimi?
11 UJakobe, umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa, uyayilahla inkulumo engalawuliwe futhi ubonisa indlela okunzima ngayo ukulawula ulimi. Uthi: “[Ulimi] luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthela ihlathi elingaka; nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo [“yiGehena,” NW]. Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu; kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo. Ngalo sibonga iNkosi uBaba, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu; emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube-kanjalo.”—Jakobe 3:5-10.
12, 13. Yimiphi eminye imibhalo ebonisa ukubaluleka kokulawula izenzo nokuziphatha kwethu?
12 Yebo, ukuzithiba kuhilela izenzo zethu. Enye indawo okudingeka kuyo ukuzithiba okukhulu iphathelene nobuhlobo bethu nalabo bobulili obuhlukile. AmaKristu ayayalwa: “Balekelani ukuziphatha okubi ngokobulili.” (1 Korinte 6:18, New International Version) Amadoda anxuswa ukuba enze isithakazelo sawo sobulili sigcine komkawo, ngokwengxenye etshelwa: “Phuza amanzi emgodini wakho, amanzi agobhozayo emthonjeni wakho.” (IzAga 5:15-20) Sitshelwa ngokucacile ukuthi “izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.” (Heberu 13:4) Ukuzithiba kudingwa ikakhulukazi yilabo abazohlakulela isipho sokungashadi.—Mathewu 19:11, 12; 1 Korinte 7:37.
13 UJesu wayihlanganisa yonke indaba ephathelene nezenzo zethu kubantu esikanye nabo lapho enikeza lokho ngokuvamile okubizwa ngokuthi “uMthetho Wegolide,” ethi: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.” (Mathewu 7:12) Yiqiniso, kudinga ukuzithiba ukuba singavumeli ukuthambekela kwethu kobugovu noma ukucindezela kwangaphandle noma izilingo kusibangele ukuba siphathe abanye ngokwehlukile endleleni ebesingathanda ukuba bona basiphathe ngayo.
14. IZwi likaNkulunkulu linikeza siphi iseluleko ngokuphathelene nokudla nophuzo?
14 Khona-ke kunendaba yokuzithiba ngokuphathelene nokudla nophuzo. IZwi likaNkulunkulu leluleka ngokuhlakanipha: “Ungabi-phakathi kwezinseli zewayini nabayiziminzi zenyama.” (IzAga 23:20) Ikakhulukazi ngokuphathelene nosuku lwethu, uJesu waxwayisa: “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhukuphila, lunizume lolosuku ningazelele.” (Luka 21:34, 35) Yebo, ukuzithiba kuhilela imicabango yethu nemizwa yethu, kanye namazwi ethu nezenzo zethu.
Isizathu Sokuba Ukuzithiba Kube Inselele Kangaka
15. ImiBhalo ikubonisa kanjani ukuba ngokoqobo kokumelana kukaSathane nokubonisa ukuzithiba okwenziwa amaKristu?
15 Ukuzithiba akwenzeki kalula ngoba, njengoba wonke amaKristu azi, kunamathonya amathathu anamandla amelene nokubonisa kwethu ukuzithiba. Okokuqala, kukhona uSathane namademoni akhe. ImiBhalo ayishiyi kungabaza ngokuqondene nokuba ngokoqobo kwabo. Ngakho, sifunda ukuthi “uSathane wayesengena” kuJuda ngaphambi nje kokuba aphume ayokhaphela uJesu. (Johane 13:27) Umphostoli uPetru wabuza uAnaniya: “Kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele?” (IzEnzo 5:3) Ngokufaneleke kakhulu, uPetru naye waxwayisa: “Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.”—1 Petru 5:8.
16. Kungani amaKristu kumelwe abonise ukuzithiba ngokuphathelene nalelizwe?
16 Emizamweni yawo yokubonisa ukuzithiba, amaKristu kumelwe futhi amelane nalelizwe ‘elisemandleni omubi,’ uSathane uDeveli. Ngokuphathelene nalo, umphostoli uJohane wabhala: “Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye, ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” Uma singabonisi ukuzithiba futhi simelane ngokuqinile nanoma yikuphi ukuthambekela kokuthanda izwe, siyozivumela ukuba sinqotshwe ithonya lalo, njengoba kwenza isisebenzi esake saba kanye noPawulu uDema.—1 Johane 2:15-17; 5:19, NW; 2 Thimothewu 4:10.
17. Sizalwa sinayiphi inkinga ngokuphathelene nokuzithiba?
17 NjengamaKristu, sidinga futhi ukuzithiba ukuze simelane ngokuphumelelayo nobuthakathaka nokushiyeka kwethu siqu kwenyama esikuzuze njengefa. Asinakulibalekela iqiniso lokuthi “imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.” (Genesise 8:21) NjengeNkosi uDavide, ‘sazalelwa ebubini, umame wasithabatha esonweni.’ (IHubo 51:5) Umntwana osanda kuzalwa akazi lutho ngokuzithiba. Lapho efuna okuthile, umane nje aqhubeke ekhala kuze kube yilapho ekuthola. Omunye umbiko ngokuqeqeshwa kwabantwana uthi: ‘Abantwana bacabanga ngendlela ehluke ngokuphelele kweyabantu abadala. Abantwana baba nobugovu futhi ngokuvamile bangasabeli ekunxuseni okunengqondo ngenxa yokuthi abakwazi “ukuzibeka esimweni somunye umuntu.”’ Yiqiniso, “ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana.” Nokho, ngokusebenzisa “induku yokulaya,” kancane kancane uyafunda ukuthi kunemithetho okumelwe ayilalele nokuthi ubugovu kumelwe buyekwe.—IzAga 22:15.
18. (a) NgokukaJesu, yikuphi ukuthambekela okuhlala enhliziyweni engokomfanekiso? (b) Yimaphi amazwi kaPawulu abonisa ukuyiqaphela kwakhe inkinga yokubonisa ukuzithiba?
18 Yebo, ukuthambekela kwethu kobugovu esizalwa nakho kusinikeza inselele uma kuziwa ekuboniseni ukuzithiba. Lokho kuthambekela kuhlala enhliziyweni engokomfanekiso, uJesu athi ngayo: “Enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.” (Mathewu 15:19) Kungakho uPawulu abhala: “Okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza. Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi.” (Roma 7:19, 20) Nokho, lesi kwakungesona isimo esingenathemba, ngoba uPawulu wabhala futhi: “Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.” Ukutuba umzimba wakhe kwafuna ukuba abonise ukuzithiba.—1 Korinte 9:27.
19. Kungani uPawulu ayengase asho ngokufanelekile ukuthi wayetuba umzimba wakhe?
19 UPawulu wayengase asho ngokufanelekile ukuthi wayetuba umzimba wakhe, ngoba ukubonisa ukuzithiba kwenziwa kube nzima yizici eziningi ezingokomzimba, njengomfutho wegazi ophakeme, ukugula kwemizwa, ukuntuleka kokulala, izinhlungu zekhanda, ukungagayeki kahle kokudla, nokunye. Esihlokweni esilandelayo, sizocabangela izimfanelo nezinto ezingasisiza ukuba sibonise ukuzithiba.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Kungani ukuzithiba kubalulekile?
◻ Yiziphi ezinye izibonelo zalabo abalahlekelwa ngenxa yokuntula ukuzithiba?
◻ Kukuziphi izindawo okumelwe sibonise kuzo ukuzithiba?
◻ Yiziphi izitha ezintathu ezenza kube nzima ngathi ukuba sibonise ukuzithiba?
[Isithombe ekhasini 10]
AmaKristu kudingeka abonise ukuzithiba ngokuphathelene nokudla nophuzo
[Isithombe ekhasini 11]
Ukuzithiba kuyosisiza ukuba sigweme inhlebo elimazayo
[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]
Historical Pictures Service