Ukubekezela KukaNkulunkulu Kuzothatha Isikhathi Eside Kangakanani?
EMINYAKENI ecishe ibe u-3 000 edlule, indoda ehlakaniphile yabhala: “Lapho umuntu ebusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.” (UmShumayeli 8:9) Selokhu aphawula lokho, izimo azikathuthuki. Kuwo wonke umlando, abantu baye babusa bengabodwa noma bengamaqembu, bededelana, bebusa futhi bexhaphaza abanye abantu. UJehova uNkulunkulu uye wakukhuthazelela ngokubekezela lokhu.
UJehova ubelokhu ebekezele lapho ohulumeni bethumela izigidi ukuba ziyofela empini futhi bevumela ukungalungi okukhulu kwezomnotho. Namuhla, usalokhu ebonisa ukubekezela njengoba abantu bonakalisa ungqimba lomkhathi ongaphezulu futhi bengcolisa umkhathi nolwandle. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kumphatha kabuhlungu kanjani ukubona ukonakaliswa kwendawo enhle ekhiqizayo nokucekelwa phansi okukhulu kwamahlathi nezilwane zasendle!
Kungani UNkulunkulu Ebekezela Kangaka?
Umfanekiso olula ungase usisize ukuba siphendule lombuzo. Cabanga ngomphumela ongaba khona ebhizinisini lapho isisebenzi siqhubeka sifika sekwephuzile. Yini umnini-msebenzi okufanele ayenze? Ukwahlulela ngokulunga kungase kufune ukuba asixoshe ngokushesha leso sisebenzi. Kodwa angase akhumbule isaga seBhayibheli esithi: “Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi, kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.” (IzAga 14:29) Ukuqonda kungase kumbangele ukuba alinde ngaphambi kokuba athathe isinyathelo. Angase anqume ukuvumela ukuba kube nesikhathi sokuqeqesha esinye isisebenzi esizothatha indawo yalesi ukuze ibhizinisi lingaphazamiseki ngisho nangaphezulu.
Uzwela nalo lungase lumbangele ukuba alinde. Kuthiwani ngokuxwayisa lesisebenzi esinganaki ukuze kubonakale ukuthi siyaphenduka yini endleleni yaso? Bekungaba njani uma ebengakhuluma naso ukuze athole ukuthi ukufika kwaso sekwephuzile okuwumkhuba akunakuba yini ukuthi kubangelwa inkinga ethile engase ixazululwe noma kubangelwa isimo sengqondo esibi esingenakwelapheka? Nokho, nakuba umnini bhizinisi engase anqume ukubonisa ukubekezela, ukubekezela kwakhe bekungeke kungabi namkhawulo. Isisebenzi bekuyodingeka sishintshe noma ekugcineni sibhekane nokuxoshwa. Lokho bekuyoba ukusetshenziswa kokulunga ebhizinisini ngokwalo nakwezinye izisebenzi ezilalela imithetho.
Ngendlela ethi ayifane, uJehova uNkulunkulu ubonisa ukubekezela lapho ehlangabezana nokona kwabantu ukuze avumele ukuba kube nesikhathi sokwenza ikhambi ezinkingeni ezithile elivumelana nokulunga. Ngaphezu kwalokho, ukubekezela kwakhe kunikeza abenzi bobubi ithuba lokuba baphenduke futhi bathole izinzuzo zaphakade. Ngakho, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba kungasiphathi kabi ukubekezela kukaNkulunkulu. Kunalokho, lithi: “Nithi ukubekezela kweNkosi yethu kungukusindiswa.”—2 Petru 3:15.
Isibonelo Sokubekezela KukaNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wabekezela ngaphambi kukaZamcolo omkhulu wosuku lukaNowa. Izwe langalesosikhathi laligcwele ubudlova futhi lalilibi kakhulu. Siyafunda: “UJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni . . . UJehova wathi: Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba.” (Genesise 6:5, 7) Yebo, uJehova wayecabanga ngekhambi elingunqamula-juqu elalingaxazulula lenkinga yobubi emuva ngalesosikhathi: ukususwa kwabantu ababi. Kodwa akazange athathe isinyathelo ngokushesha. Ngani?
Ngenxa yokuthi akubona bonke abantu ababebabi. UNowa nomkhaya wakhe babelungile emehlweni kaNkulunkulu. Ngakho ukuze bazuze, uJehova walinda ngokubekezela ukuze avumele abantu abambalwa abalungile ukuba bazilungiselele ukusindiswa. Ngaphezu kwalokho, lokho kulinda isikhathi eside kwanikeza uNowa ithuba lokuba abe “umshumayeli wokulunga,” enikeza labo bantu ababi ithuba lokuba baphenduke. IBhayibheli lithi: “Lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi.”—2 Petru 2:5; 1 Petru 3:20.
Isizathu Sokuba UNkulunkulu Abekezele Manje
Namuhla, isimo siyefana. Izwe seliphinde lagcwala ubudlova. Njengasosukwini lukaNowa, uNkulunkulu kakade uselahlulele lelizwe, iBhayibheli elithi ngalo, ‘lilindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.’ (2 Petru 3:7) Lapho lokho kwenzeka, ngeke kusaba khona ukonakaliswa kwendawo ezungezile, ukucindezelwa kwababuthaka, noma ukusetshenziswa kabi ngobugovu kwamandla.
Kungani-ke uNkulunkulu engazange ababhubhise kudala abantu abangamesabi uNkulunkulu? Ngoba bekunezimpikiswano obekumelwe zixazululwe nezindaba ezibalulekile obekumelwe zihlelwe. Ngempela, uJehova usezosebenzisa ikhambi elihlala njalo enkingeni yobubi elihilela izinto eziningi, kuhlanganise nokusindiswa kwabantu abanezinhliziyo ezilungile ebugqilini bokugula nokufa.
Ecabanga ngalomphumela okugcinwe ngawo, uJehova wahlongoza ukulungiselela uMsindisi owayezonikela ngesihlengo ngenxa yezono zethu. Ngaye, iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Kwathatha izinkulungwane zeminyaka ukuba kulungiselelwe indlela yokuba uJesu eze futhi enze umhlatshelo ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu. Phakathi nayo yonke leyominyaka, uNkulunkulu wayebekezele ngothando. Kodwa ingabe ilungiselelo elinjalo lalingakufanelekele yini ukulindelwa?
UJesu walungiselela isintu isihlengo cishe eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule. Khona-ke, kungani uNkulunkulu esabonisa ukubekezela? Phakathi kokunye, ukufa kukaJesu kwabonisa ukuqala komkhankaso wokufundisa. Isintu kwakumelwe sifunde ngalelilungiselelo lothando futhi sinikezwe ithuba lokuba silamukele noma silenqabe. Lokho kwakuyothatha isikhathi, kodwa kwakuyoba isikhathi esisetshenziswe kahle. IBhayibheli lithi: “INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.”—2 Petru 3:9.
Impikiswano Ephathelene Nohulumeni
Kunenye futhi into ebalulekile eyayizothatha isikhathi. Kwakuyisidingo sokuxazulula inkinga ephathelene nohulumeni wesintu. Ekuqaleni, umuntu wayengaphansi kukahulumeni waphezulu. Kodwa ensimini yase-Edeni, abazali bethu bokuqala bawushiya. Bakhetha ukunganciki kuNkulunkulu, befuna ukuzibusa. (Genesise 3:1-5) Nokho, empeleni umuntu wayengadalelwanga ukuba azibuse. Umprofethi uJeremiya wabhala: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”—Jeremiya 10:23; IzAga 20:24.
Nokho, selokhu kwaphakanyiswa impikiswano ephathelene nohulumeni, uJehova ngokubekezela uye wavumela ukuba kube nesikhathi sokuyixazulula. Ngempela, ngomusa uye wanikeza umuntu izinkulungwane zeminyaka ukuba azame zonke izinhlobo zohulumeni angazicabanga. Kwaba namuphi umphumela? Kuye kwaba sobala ukuthi awukho uhulumeni wabantu ongasusa ukucindezeleka, ukuphathwa ngokungalingani, noma ezinye izimbangela zokungajabuli.
Ngempela, uma kucatshangelwa umlando wesintu, ingabe ukhona ngempela ongathi uNkulunkulu akalungile lapho ememezela inhloso yakhe yokususa bonke ohulumeni babantu futhi esikhundleni sabo amise owakhe siqu? Ngokuqinisekile akekho! Sikwamukela ngokuqiniseka ukugcwaliseka kwalesiprofetho seBhayibheli: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
INkosi yasezulwini yalowoMbuso inguJesu ovusiwe. Ukumhlomisela lesosikhundla—kanye nokukhetha abantu abazobusa kanye naye—kuye kwathatha isikhathi. Phakathi naso sonke lesosikhathi, uNkulunkulu uye wabonisa ukubekezela.
Zuza Manje Ekubekezeleni KukaNkulunkulu
Namuhla, izigidi zabantu abasemazweni okungenani angu-212 ziyazuza ekubekezeleni kukaNkulunkulu. Ziye zaba munye esifisweni sazo sokulalela uNkulunkulu nokukhonza uhulumeni wakhe wasezulwini. Lapho zihlangana ndawonye emaHholo azo oMbuso, zifunda indlela okungcono kakhulu ngayo ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwazo. Azihlanganyeli kwezombangazwe zalelizwe ezibangela ukwehlukana, nakuba zizithoba kohulumeni babantu uma nje uNkulunkulu ngokubekezela esabavumela ukuba basebenze.—Mathewu 22:21; Roma 13:1-5.
Ukubambisana okunjalo phakathi kwabantu abaningi kangaka kuqinisekisa ukuthi uJehova nguYe ongabangela ukuzwana phakathi kwabantu abanenkululeko yokuzikhethela abafunda ukumthanda nabafuna ukumkhonza. Ngokungangabazeki uye wahlangana nalabantu njengoba beqhubekisela phambili wona kanye umsebenzi owaqaliswa uJesu, wokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. UJesu wabikezela umvuthwandaba walomsebenzi lapho ethi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”—Mathewu 24:14.
Ngeke Kusathatha Isikhathi Eside!
Ubufakazi obusobala bufakazela ukuthi asezophela amalungiselelo kahulumeni wokulunga kaNkulunkulu okuba ubuse nsuku zonke emhlabeni. Ngemva kokuchaza imiphumela eyesabekayo yokuhluleka kukahulumeni wabantu esiye sakubona phakathi nalelikhulu leminyaka, uJesu wathi: “Nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.”—Luka 21:10, 11, 31.
Ngokushesha, uNkulunkulu uzosusa ababi emhlabeni. Amazwi omhubi ayogcwaliseka ngokoqobo: “Ababi bazakuchithwa . . . Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.” (IHubo 37:9, 10) Ingabe ungacabanga ngezwe elingenabo ububi? Ubani oyophatha izintambo ngalesosikhathi? IBhayibheli lithi: “Kuyakuba-khona inkosi [uKristu Jesu ohlezi esihlalweni sobukhosi emazulwini] ebusa ngokulunga, izikhulu [abantu bakhe abathembekile abamiswe emhlabeni] zibuse ngokwahlulela. Umsebenzi wokulunga uyakuba-ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe-ngukulondeka kuze kube-phakade. Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.”—Isaya 32:1, 17, 18.
Ngakho, uhulumeni wasezulwini kaNkulunkulu uyoqeda imiphumela emibi yokona komuntu futhi uhlele labo abathembela kuYe ukuba babe umphakathi wabantu ozwanayo. Lichaza lokhu kuzwana, iBhayibheli lithi: “Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba . . . Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Isaya 11:6-9.
Yeka umphumela omuhle obangelwa ukubonisa kukaNkulunkulu ukubekezela! Ngakho, kunokuba ukhononde ngokuthi uNkulunkulu uselinde isikhathi eside kakhulu, kungani ungakusebenzisi ngokugcwele ukubekezela kwakhe ngokuba uzithobe eMbusweni wakhe? Funda eBhayibhelini ukuthi ziyini izindinganiso zakhe futhi uzivumelanise nazo. Hlanganyela nabanye abazithobayo kuye ngokuzwana. Khona-ke, ukubekezela kukaNkulunkulu kuyophumela ekubeni uthole izibusiso zaphakade.