Amasimu Aselungele Ukuvunwa EBrazil
“PHAKAMISANI amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa. Ovunayo wamukeliswa umvuzo, abuthe isithelo kube-ngukuphila okuphakade.” (Johane 4:35, 36) Lawomazwi esiprofetho kaJesu Kristu ayiqiniso namuhla ezindaweni ezikude zezwe elikhulu laseNingizimu Melika iBrazil.
Eminyakeni eminingana oFakazi BakaJehova eBrazil bebejabulela ukwanda okuhle. NgoApril 1991, inani eliphakeme labavuni boMbuso abangu-308 973 laqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaphezu kuka-401 574. NgoMarch 30, 1991, ingqikithi yabantu abangu-897 739 babuthana ukuba bakhumbule ukufa kukaJesu, okunguyena owaqalisa umsebenzi wokuvuna.
Naphezu kwemiphumela enjalo emihle, ingxenye yensimu isalindele ukuvunwa. Abantu abangaphezu kwezigidi ezinhlanu bahlala ezindaweni zaseBrazil lapho umncane noma ungekho khona umsebenzi wokushumayela owenziwa oFakazi BakaJehova. Yini eyenziwayo ukuze ukuvuna kwenziwe nakulezindawo?
Amaphayona Ahlanganyela Ekuvuneni
Phakathi nenkathi yamuva yezinyanga eziyisithupha, ihhovisi legatsha leWatch Tower Society eBrazil lathumela abamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele—amaphayona akhethekile esikhashana angu-100 namaphayona avamile angu-97—emadolobheni angu-97, ikakhulukazi engxenyeni esempumalanga yezwe enabantu abaningi ngokwengeziwe. Abamemezeli boMbuso abavela emabandleni ahlukahlukene nabo basebenza ngokuzithandela kulezindawo izinkathi ezimfushane. Naphezu kwezithiyo okwakumelwe zinqotshwe, imiphumela iye ithokozise.
Ngokwesibonelo, eSão João da Ponte, ezweni laseMinas Gerais, amaphayona ahambela uthisha wezenkolo wesikole sakuleyondawo. Ngemva kokuzwa isigijimi, wa-odela ikilasi lakhe lekhathekizimu amakhophi angu-50 encwadi ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Omunye uthisha watshela amaphayona ayesehamba: “Akufanele nihambe, njengoba nenza umsebenzi omuhle kangaka lapha. Niwukuphela kwabantu abanganikeza incazelo ecacile yeBhayibheli.”
Akubona bonke ababethokoziswa yilomsebenzi omuhle. Ngokwesibonelo, cabangela enye incwadi eyakhishwa ephephandabeni lakuleyondawo (iDiário de Montes Claros) ngaphansi kwesihloko esikhulu esisekhasini lokuqala esithi “Umpristi Usolwa Ngokugqugquzela Udlame Nobandlululo.” Lencwadi yathi: “Esontweni, [umpristi] unomkhuba wokujivaza abantu abalandela amanye amahlelo nezinkolo, ngisho nakuba abefundisi bakuleyondawo bengakunikezi ukuqondisa kobuKatolika nobuKristu okwanele ngokuphathelene neVangeli kwabathembekile. NgeMisa, uye wahlasela izikhonzi ezingoFakazi BakaJehova ezisedolobheni ngamazwi, nakuba zingawaphathi kabi amaKatolika.” Ngaphandle kokubonisa ubutha obunjalo, umlobi walesihloko (isazi semfundiso yenkolo) waba khona enkulumweni yeBhayibheli eyanikezwa yilawomaphayona futhi weza nabanye abathakazelayo. Bonke bawujabulela lowomhlangano.
Abazalwane abane abavela eFortaleza bahamba ngendiza beya eSiqhingini saseFernando de Noronha, esiqhele ngamakhilomitha angu-400 ukusuka ezweni. Abantu bakulesosiqhingi abangu-1 500 babengakaze babuthole ubufakazi obuhle eminyakeni engaphezu kuka-15. Ngezinsuku eziyishumi labazalwane bahambisa izincwadi ezingu-50 nomagazini nezincwajana okungu-245, futhi baqalisa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-15. Abantu abayishumi nambili baba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, esaqondana nokuhambela kwabo. Lamaphayona anethemba lokuthi ngosizo lukaJehova umsebenzi ngokushesha uzogxila ngokuqinile lapho. Abanye abazalwane baye bacabangela ukuthuthela kulesiqhingi.
Ithonya Labefundisi Lithinta Ukuvuna
Iqembu labamemezeli boMbuso beBandla laseArpoador eRio de Janeiro lasebenzisa amasonto amabili ngokuzithandela lishumayela emadolobheni amaningana ezweni laseMinas Gerais, aqhele ngamakhilomitha angu-200. Kwabajabulisa ukuthola abantu bakuleyondawo benomoya wokungenisa izihambi kakhulu futhi benomusa. Amadoda ayenomkhuba wokuphakamisa izigqoko zawo ngaso sonke isikhathi lapho kuphathwa uNkulunkulu noma igama lakhe, elithi Jehova. Nokho, ngenxa yenhlonipho yabo ngoNkulunkulu, bathonywa kalula abefundisi.
Kwelinye idolobha umpristi wayala abantu ukuba bangabalaleli oFakazi BakaJehova noma baye emhlanganweni ababehlela ukuba nawo. Futhi wahlela neMisa elikhethekile ngesikhathi esiqondene naleso somhlangano futhi wamemezela iMisa ngokuklabalasa ngesikhulisa-zwi ngaphandle kwesonto lakhe. Nokho, naphezu kwemizamo yakhe, izakhamuzi zakuleyondawo ezingu-29 zaba khona emhlanganweni, ngaphandle kwalabo ababehambele.
Idolobha elingumakhelwane lalihluke ngokuphelele. Lapho umpristi watshela abantu ukuba balalele lapho oFakazi BakaJehova bebahambela. Umphumela waba ukuthi abangu-168 baba khona emhlanganweni wokuqala. Kamuva, wabatshela ukuba baqaphelisise indlela oFakazi BakaJehova abagubha ngayo iSikhumbuzo ngoba, njengoba asho, “bakwenza ngendlela okuyiyona.” Phakathi namasonto amabili okushumayela ngoMbuso kuleyondawo, kwahanjiswa izincwadi ezingu-1 014 nomagazini nezincwajana okungu-1 052.
Imizamo Eqhubekayo Yaletha Izibusiso
Enyangeni eyodwa kamuva abamemezeli boMbuso abangu-34 baphindela ukuze banakekele izifundo zeBhayibheli ezaqaliswa phakathi nokuhambela kokuqala. Umdala ongumKristu owayehola wabhala: “Kwakuhlaba umxhwele ukubona abantu abathakazelayo besamukela ngokubonga behlengezela izinyembezi zenjabulo.” Omunye udade ukhumbula ukuthi omunye owesifazane weza kuye nabanye oFakazi esitolo esithengisa ukudla “encenga, enezinyembezi emehlweni akhe, ukuba size futhi simfundele.” Omunye owesifazane watadisha izikhathi ezintathu phakathi nesonto oFakazi ababefike ngalo lapho. Isikhathi ngasinye, wayehlala esilungiselele isifundo sakhe futhi elungele ukufunda. Lona wesifazane wathi wayeseqalile ukuthandaza kuNkulunkulu weqiniso, uJehova. “Enhliziyweni yami yilokhu ebengilokhu ngikulindele,” enezela.
Kamuva, amaphayona amabili abelwa ukuba ayonakekela isithakazelo kuleyondawo. Njengasekhulwini lokuqala leminyaka C.E., “bakholwa bonke [ababethambekele ekuphileni, NW] okuphakade.” (IzEnzo 13:48) Futhi njengowesifazane waseSamariya uJesu ayenikeze kuye ubufakazi emthonjeni kaJakobe, baqala ukutshela abanye ngalokho ababekufundile. (Johane 4:5-30) Namuhla lawomaphayona amabili asenabanye abangu-6 abakhonza kanye nawo, futhi isilinganiso sabantu abangu-20 ababa khona emihlanganweni yamasonto onke.
Beshiseka ngokuphumelela kwalomsebenzi okhethekile, abamemezeli abangu-29 beBandla laseArpoador baya koshumayela edolobheni laseMutum, eliqhele ngamakhilomitha angu-500. “Indlela esamukelwa ngayo yayivelele ngempela,” kusho umdala owayeqondisa iqembu. “Iningi labantu lalilalela ngokucophelela nangesithakazelo kangangokuba kwaqaliswa izifundo zeBhayibheli ezingu-170, futhi sinomuzwa wokuthi abaningi babo bazoqhubeka.” Emasontweni amabili labamemezeli bashumayela isilinganiso samahora angu-90 emunye futhi bahambisa izincwadi ezingu-1 100 kulabobantu. Inani eliphakeme labangu-181 laba khona ezinkulumweni zeningi ezanikezwa abazalwane.
Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, lelibandla laqasha indlu enhle maphakathi neMutum ukuze isetshenziswe njengeHholo LoMbuso nanjengekhaya lamaphayona. Umbiko wokuqala owathunyelwa eNhlanganweni odade ababili abangamaphayona abababelwe lapho wawufundeka kanje ngokwengxenye: “Njengoba kunezifundo eziningi kangaka esesiziqalisile kakade, sidinga amaphayona engeziwe. Ngisho nangosizo lwabazalwane abavela eRio de Janeiro kanye ngenyanga, umsebenzi mkhulu kakhulu. Abaninikhaya abayisishiyagalolunye kwabayishumi esikhuluma nabo basicela ukuba sibuye. Futhi sidinga usizo lokuba siqhube imihlangano.” Manje sebeye bajoyinwa elinye iphayona.
Ukuphila Kuyaguqulwa
Kuye kwakhuthaza kakhulu ukubona iqiniso ligxila futhi liveza izithelo ezinhle. Omunye osanda kuba ummemezeli wabhala: “Ukuthola lolulwazi lweBhayibheli kuyinto engcono kakhulu eyake yenzeka kimina. Ukuphila kwami kuye kwashintsha kwaba ngcono kakhulu, futhi akusadingeki ukuba ngiphinde ngisebenzise izidakamizwa. . . . Kwangathi uJehova anganivuza ngakho konke eniye nangenzela khona.”
Omunye umuntu waphawula: “Indlela uJehova avule ngayo amehlo ami iyangimangalisa ngempela. Nakuba ngishonelwe ugogo kulelisonto, manje nginalo ithemba lokuphinde ngimbone. Ngifisa ukubhapathizwa, kodwa ngifuna ukuzilungiselela kahle kuqala. Kwangathi uJehova anganibusisa ngokuza lapha nizosibonisa indlela eyingcingo eholela ekuphileni okuphakade.” Omunye futhi umuntu wathi: “Ngifuna ukuba nazi ukuthi senginenyanga ngikuyekile ukubhema. Ngijabula kakhulu ngomagazini enangithumelela wona. Wawunezinto eziningi ezinhle ezangisiza ukuba ngenze kanjalo.” Ngempela, isivuno sinikeza isizathu esihle sokujabula.
Nokho, izibusiso ezinjalo azizange zize ngaphandle kokushikashikeka. Ngokwesibonelo, lapho omunye owesifazane nendodakazi yakhe beqala ukufunda, umpristi wakuleyondawo wabaxwayisa ngokuthi uma beya emihlanganweni yoFakazi, wayezobaxosha esontweni. Bengakunaki lokho kusongela, baya emihlanganweni. Khona-ke bagxekwa abangane babo bakuqala, abanye babo ababebasola ngokuthi bayahlanya ngoba “lowoJehova” akaveli eBhayibhelini lamaKatolika. Njengoba lona wesifazane ayengalitholi igama likaJehova eBhayibhelini lakhe lamaKatolika wamema omakhelwane ukuba bamvakashele ngosuku lwesifundo sakhe namaphayona. Omunye owesifazane weza nenguqulo yakhe yeBhayibheli yeCatholic Paulinas. Lapho efunda igama likaNkulunkulu embhalweni waphansi kaEksodusi 6:3, wamukela isifundo seBhayibheli ekhaya lakhe.
Hlanganyela Ngokugcwele Ekuvuneni
Imuphi umphumela ukukhonza ensimini engasetshenzwa njalo okwaba nawo ezisebenzini ngokwazo? Omunye ummemezeli woMbuso wathi: “Lomsebenzi wasiza ukuba uqinise ukholo lwethu nobuhlobo bethu noJehova futhi wasisiza ukuba sibukeze izinto eziza kuqala kithi.” Omunye ummemezeli wathi: “Leyonkathi yezinsuku ezingu-14 yandisa uthando lwami ngabafowethu, abakhonza njengomkhaya owodwa onenjongo eyodwa: ukufuna abathobekileyo abengeziwe. Kwangenza ngabathanda ngokwengeziwe labo abamukela isigijimi sethu, ngokuvamile behlengezela izinyembezi, bebonisa ukulomela kwangempela iqiniso. Futhi okungaphezu kwakho konke, ngaluzwa uthando lukaJehova ngokusinikeza ilungelo lokumkhonza.”
Umdala owahlanganyela ekushumayeleni ensimini engasetshenzwa njalo waphawula umehluko ophakathi kwempilo yalapho neyasemadolobheni amakhulu. Wathi: “Ngihlala ngicabanga ngendlela ukuphila kwabazalwane abaningi okungacetshiswa ngayo ngokuthuthela endaweni esemaphandleni. Ubudlova abukho nhlobo lapha. Ukuphila emadolobheni amancane nangemakhulu kangako akusivumeli kuphela ukuba siphile ngeholo elincane kodwa futhi ukuba sibe nobudlelwano obengeziwe nabafowethu futhi sinikele isikhathi esengeziwe emisebenzini engokomoya. Ingabe abazalwane asebethathe umhlala-phansi abengeziwe, intsha enomthwalo wemfanelo womkhaya ongasindi, noma abazalwane umsebenzi wabo obavumela ukuba bathuthe bangalemukela lelilungelo eliyingqayizivele futhi bazilethele injabulo, kuJehova, nakomakhelwane babo?”
Lombiko wensimu engasetshenzwa njalo eBrazil ufakazela ukuthi amasimu aselungele ukuvunwa. Eminyakeni emibili nje kuphela, umsebenzi kulensimu uye waphumela emabandleni amasha namaqembu angawodwa angu-191. Kuningi okusamelwe kwenziwe, kodwa ngokuqinisekile uJehova uyoqhubeka ethulula isibusiso sakhe njengoba abamemezeli boMbuso abengeziwe behlanganyela kulokuvuna okunezithelo. Ingabe wena ungaba nengxenye enkulu ngokwengeziwe kuwo?
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 25]
OFakazi abajabulayo abavela eRio de Janeiro bahlanganyela ekuvuneni
[Ibalazwe]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IBRAZIL
[Isithombe ekhasini 26]
Ukufakaza emaphandleni eMinas Gerais