Imithandazo Eyophendulwa Nakanjani
KUNEMITHANDAZO eyophendulwa nakanjani. Umongo wayo uhlanganiswe esibonelweni uJesu Kristu asinikeza abafundi bakhe lapho ethi: “Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:9-13.
Lawomazwi omthandazo kaJesu oyisibonelo aye aphindaphindwa izikhathi eziyizigidigidi. Nakuba uKristu engazange alindele ukuba abalandeli bakhe beqiniso bamane nje bawusho ngekhanda umthandazo onjalo, ukunxusa kwabo okubonisa imizwa efanayo kuyophendulwa nakanjani. (Mathewu 6:7, 8) Ngakho, kusho ukuthini ukuba igama likaNkulunkulu lingcweliswe? Kungani kumelwe uthandazele ukuba uMbuso wakhe ufike? Futhi kungani kumelwe ucele ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe?
“Malingcweliswe Igama Lakho”
UJehova, “oPhezukonke emhlabeni wonke,” unguLowo uJesu ambiza ngokuthi ‘uBaba wethu osezulwini.’ (IHubo 83:18) UNkulunkulu ‘wayezale’ amaIsrayeli ngokuwakhulula ebugqilini baseGibithe nangokuwangenisa ebuhlotsheni besivumelwano naye. (Duteronomi 32:6, 18; Eksodusi 4:22; Isaya 63:16) Namuhla, amaKristu agcotshiwe anokwazisa kothando ngoJehova njengoYise. (Roma 8:15) Futhi abangane bawo, abanethemba lasemhlabeni, ngokufanayo bathandaza kuJehova uNkulunkulu njengoYise.—Johane 10:16; IsAmbulo 7:1-9.
Kodwa kungani kumelwe kuthandazelwe ukuba igama likaNkulunkulu lingcweliswe? Phela, kusukela ekuhlubukeni kombhangqwana wokuqala wabantu ensimini yase-Edene, kuye kwalethwa isihlamba egameni laphezulu. Lapho ephendula umthandazo onjalo, uJehova uyosusa sonke isihlamba ebesilokhu silethwa egameni lakhe eliyisikhumbuzo. (IHubo 135:13) Lokhu uyokwenza ngokususa ububi emhlabeni. Ngokuphathelene nalesosikhathi, uNkulunkulu wathi ngomprofethi uHezekeli: “Ngiyakuzenza-mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.”—Hezekeli 38:23.
UJehova uNkulunkulu ungcwele futhi uhlanzekile. Ngakho-ke igama lakhe kufanele lingcweliswe, noma lihlukaniswe njengelingcwele. Uyobonisa ubungcwele bakhe ngokuthatha isinyathelo sokuzingcwelisa phambi kwayo yonke indalo. (Hezekeli 36:23) Labo abafisa ukuvunyelwa nguye nokuphila okuphakade kumelwe bamesabe uJehova futhi bangcwelise igama lakhe ngokuliphatha njengelihlukile neliphakeme kunawo wonke. (Levitikusi 22:32; Isaya 8:13; 29:23) Ngakho, uJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bathandaze: “Malingcweliswe igama lakho” noma, “liphathwe ngobungcwele; liphathwe njengelingcwele.” Singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyoyiphendula lengxenye yomthandazo kaJesu oyisibonelo.
“Mawufike Umbuso Wakho”
UJesu futhi watshela abalandeli bakhe ukuba bathandaze: “Mawufike umbuso wakho.” Imithandazo ecela ukufika koMbuso kaNkulunkulu iyophendulwa nakanjani. UMbuso uwukubusa kobukhosi bukaJehova njengoba kubonakaliswa ngohulumeni wobuMesiya wasezulwini ezandleni zeNdodana yakhe, uJesu Kristu, ikanye ‘nabangcwele.’ (Daniyeli 7:13, 14, 18, 22, 27; Isaya 9:6, 7) OFakazi BakaJehova sekuyisikhathi eside bebonisa ngokusuka emiBhalweni ukuthi uJesu wamiswa njengeNkosi yasezulwini ngonyaka ka-1914. Khona-ke, kungani kufanele ukuba abantu bathandazele ukuba uMbuso “ufike”?
Empeleni ukuthandazela ukuba uMbuso ufike kusho ukucela ukuba uze ngokumelene nabo bonke abaphikisana nokubusa kwaphezulu emhlabeni. Ngokushesha manje “umbuso [kaNkulunkulu] . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [yasemhlabeni], wona uqobo ume phakade.” (Daniyeli 2:44) Lesisenzakalo siyoba nengxenye ekungcwelisweni kwegama likaJehova elingcwele.
“Mayenziwe Intando Yakho”
UJesu waqhubeka wayala abafundi bakhe ukuba bathandaze: “Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” Lesi yisicelo sokuba uJehova athathe isinyathelo ngokuvumelana nentando yakhe ngomhlaba. Kuyafana nalamazwi omhubi: “Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke. Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube-yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe. Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane. Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke. Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla.”—IHubo 135:6-10.
Ukuthandazela ukuba intando kaJehova yenziwe emhlabeni kuyisicelo sokuba afeze izinjongo zakhe kulembulunga. Lokhu kuhlanganisa ukususwa phakade kwabaphikisi bakhe, njengoba nje abasusa ngezinga elincane ngezikhathi zasendulo. (IHubo 83:9-18; IsAmbulo 19:19-21) Imithandazo yokuba intando kaJehova yenziwe emhlabeni wonke nasendaweni yonke iyophendulwa nakanjani.
Lapho UMbuso Ubusa
Esikhundleni sobubi manje obusakazeka emphakathini wesintu, yini engalindelwa lapho uMbuso kaNkulunkulu ubusa futhi intando yaphezulu yenziwa emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini? Ngokukamphostoli uPetru, “siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.” (2 Petru 3:13) “Amazulu amasha” angamandla abusayo okulunga angokomoya—uJesu Kristu nezindlalifa ezikanye naye ezingu-144 000 eMbusweni wasezulwini. (Roma 8:16, 17; IsAmbulo 14:1-5; 20:4-6) ‘Umhlaba omusha’ awuyona enye imbulunga ewumhlaba. Kunalokho, uwumphakathi olungile wabantu ohlala emhlabeni.—Qhathanisa neHubo 96:1.
Ngaphansi kokubusa koMbuso, umhlaba uyoguqulwa ube yipharadesi lembulunga yonke. (Luka 23:43) Ngalesosikhathi ukuthula kweqiniso nokuchuma kuyojatshulelwa yiso sonke isintu esilalelayo. (IHubo 72:1-15; IsAmbulo 21:1-5) Ungaba phakathi kwalezozixuku ezijabulayo uma ungummeleli othembekile wokubusa kobuMesiya phezu kwezikhonzi zasemhlabeni ezilalelayo. Abameleli bokubusa okunjalo ngobuqotho bathandazela ukungcweliswa kwegama likaJehova, ukuba uMbuso wakhe ufike, nokuba intando yakhe yenziwe. Imithandazo yabo eqotho iyophendulwa nakanjani.