Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
Ukumpompela igazi kuye kwatuswa kakhulu njengenqubo elondekile, esindisa ukuphila. Kodwa uDkt. Alan A. Waldman uyachaza: “Umqondo owawumuhle ngokuqhathaniswa wokulondeka kwemikhiqizo yegazi washintsha kakhulu ngokutholakala kwengculaza ehlangene nokumpontshelwa.”
Nokho akuyona kuphela ingculaza eyingozi. “Ezinye izenzakalo eziningana ziye zabangela umuzwa wokuthi kunezingozi ezingaziwa nezingalawuleki zokusebenzisa igazi elinikeliwe,” kuphawula uDkt. Waldman. “Manje, ngisho nezindaba ezake zacatshangelwa njengezilungisiwe—ngokwesibonelo, ukuphumelela kokuhlolwa kwabathwali begciwane lesifo sokusha kwesibindi sohlobo B—kuye kwangatshazwa.”—Diagnostics & Clinical Testing, July 1989.
Ngempela, igazi liyinto eyingozi. Ngesikhathi esifanayo, igazi libalulekile ekusindiseni ukuphila. Igazi lingakusindisa kanjani ukuphila kwakho? Uzozuza ngokuhlola lombuzo encwajaneni enamakhasi angu-32 ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
Uma ufisa ukuzitholela eyakho, siza ugcwalise bese uthumela ikhuphoni elingezansi.
Ngingathanda ukuthola incwajana enamakhasi angu-32 ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho? (Ngaphandle kweR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)