Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 6/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hambani Njengabafundiswa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Thembeka KuNkulunkulu “Obona Ekusithekeni”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 6/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ UmKristu kufanele akwenqabe ngamandla kangakanani ukumpontshelwa igazi okuye kwayalelwa noma kwagunyazwa inkantolo?

Isimo ngasinye sihlukile, ngakho awukho umthetho ohlanganisa konke kulokhu. AmaKristu ayaziwa ‘ngokumnika’ ngenhlonipho “uKesari okukaKesari,” elalela imithetho kahulumeni wezwe. Nokho, ayaqaphela ukuthi isibopho sawo esiwabusayo siwukunika “uNkulunkulu okukaNkulunkulu,” angaphuli umthetho wakhe.—Marku 12:17.

EyabaseRoma 13:1-7, (NW) ixoxa ngobuhlobo bamaKristu ‘namagunya aphakeme’ angohulumeni. Ohulumeni abanjalo banegunya lokubeka imithetho noma ukukhipha iziqondiso, ngokuvamile ukuze bathuthukise inhlala-kahle evamile yomphakathi. Futhi ohulumeni ‘baphatha inkemba’ ukuze benze imithetho yabo isebenze futhi ‘behlisele ulaka kowenza okubi ngokwemithetho yabo.’ Njengoba ezithoba emandleni ombuso, amaKristu afisa ukulalela imithetho nemiyalo yenkantolo, kodwa lokhu kuzithoba kumelwe kube okulinganiselwe. Uma umKristu ecelwa ukuba athobele okuthile okungaba ukwephulwa komthetho ophakeme kaNkulunkulu, umthetho waphezulu uza kuqala; uthatha indawo yokuqala.

Eminye imithetho yanamuhla ngokuyisisekelo emihle ingase isetshenziswe kabi ukuze igunyaze ukuphoqelelwa kokumpompela igazi kumKristu. Kulesisimo amaKristu kumelwe athathe ukuma okufana nalokho okwathathwa umphostoli uPetru: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu [njengombusi, NW] kunabantu.”—IzEnzo 5:29.

UJehova wayala amaIsrayeli: “Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.” (Duteronomi 12:23) Inguqulo yeBhayibheli yesiJuda ka-1917 ifundeka kanje: “Kuphela yiba ongantengantengi ekungadlini igazi.” Futhi uIsaac Leeser wahumusha lelivesi kanje: “Kuphela yiba ngoqinile ukuze ungalidli igazi.” Ingabe lokho kuzwakala njengokungathi izinceku zikaNkulunkulu kwakumelwe zibe ezingakhathali noma eziyekelelayo ekusekeleni umthetho wakhe?

Ngesizathu esizwakalayo amaKristu aye anquma ngokuphelele ukulalela uNkulunkulu, ngisho nakuba uhulumeni ewaqondisa ukuba enze ngenye indlela. UProfesa uRobert L. Wilken uyabhala: “AmaKristu awazange enqabe inkonzo yezempi [yamaRoma] kuphela kodwa ayengasemukeli isikhundla sakwahulumeni futhi ayengamukeli noma yimuphi umthwalo wemfanelo wokubusa amadolobha.” (The Christians as the Romans Saw Them) Ukwenqaba kwakungasho ukuba aphawulwe njengezaphula-mthetho noma ajeziswe enkundleni yamaRoma.

AmaKristu namuhla nawo kumelwe abe angantengantengi, anqume ngokuqinile ukuba angawuphuli umthetho waphezulu, ngisho nakuba lokho kuwabeka engozini ethile ngokuqondene nohulumeni bezwe. Umthetho ophakeme kunayo yonke wendawo yonke—umthetho kaNkulunkulu—ufuna ukuba amaKristu ayeke igazi, njengoba nje eyalwa ukuba agweme ubufebe (ukuziphatha okubi ngokobulili). IBhayibheli libiza lokhu kwenqabela ngokuthi “izinto ezifunekayo [ezidingekayo, NW].” (IzEnzo 15:19-21, 28, 29) Umthetho onjalo waphezulu akumelwe uthathwe kalula, njengokuthile okumelwe kulalelwe kuphela uma kumlungele umuntu noma kungambangeli izinkinga. Umthetho kaNkulunkulu kumelwe ulalelwe!

Khona-ke, singabona ukuthi kungani umKristu osemusha okukhulunywe ngaye ekhasini 17 atshela inkantolo ukuthi “ukumpontshelwa wayekubheka njengokuhlaselwa komzimba wakhe futhi wakufanisa nokudlwengulwa.” Ingabe ukhona owesifazane ongumKristu, kungakhathaliseki ukuthi usemusha noma usemdala, obengavuma ngokuyekelela ukudlwengulwa, ngisho nakuba kunemvume engokomthetho yokuthi ubufebe obenziwa ngokuhlaselwa ngokobulili kumelwe benziwe?

Ngokufanayo, lowo oneminyaka engu-12 ocashunwe ekhasini elifanayo wenza kwangangabazeka ukuthi ‘wayengalwa nanoma yikuphi ukumpontshelwa okugunyazwe inkantolo ngawo wonke amandla ayengaba nawo, ukuthi uyomemeza futhi azabalaze, ukuthi uyobhoncula inaliti ayikhiphe engalweni yakhe futhi uyozama nokulichitha igazi elisesikhwameni esingenhla kombhede wakhe.’ Wayenqume ngokuqinile ukuthi uzolalela umthetho waphezulu.

Lapho isixuku sifuna ukumenza inkosi, uJesu wasuka kuleyondawo. Ngokufanayo, uma ukumpontshelwa okugunyazwa inkantolo kubonakala kungenzeka, umKristu angase akhethe ukugwema ukuba atholakalele okungamenza aphule umthetho kaNkulunkulu. (Mathewu 10:16; Johane 6:15) Ngesikhathi esifanayo, umKristu kufanele ngokuhlakanipha afune okunye ukwelashwa ngemithi, kanjalo enza umzamo oqotho wokulondoloza ukuphila futhi ukuze aphinde azuze impilo enhle.

Uma umKristu eye wenza umzamo oqotho wokuba agweme ukwephula umthetho kaNkulunkulu ophathelene negazi, iziphathi-mandla bezingase zimbheke njengesaphula-mthetho noma zithi ufanele ukujeziswa. Uma kuye kwaphumela esijezisweni, umKristu angasibheka njengokuhlupheka ngenxa yokulunga. (Qhathanisa neyoku-1 Petru 2:18-20.) Kodwa ezimweni eziningi, amaKristu aye akugwema ukumpontshelwa futhi aye alulama ngokunakekela kokwelapha okusezingeni elihle, okwenze kwangababikho zinkinga ezingokomthetho eziqhubekayo. Futhi okubaluleke nakakhulu, aye alondoloza ubuqotho bawo kuMniki-Kuphila nakuMahluleli wawo Waphezulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela