Abamemezeli BoMbuso Bayabika
UJehova Ulungiselela Usizo
MUVA nje, oFakazi BakaJehova baseNingizimu Afrika bathola umbiko wokuthi abafowabo abangokomoya abasezweni abakhelene nalo lapho umsebenzi wabo wokushumayela uvinjelwe khona babhekene nokuhlupheka okukhulu. Babikelwa ukuthi ngenxa yesomiso esikhulu, abafowabo babephila ngokudla izimpande ezithile. Babengenazo nezimpahla ezifanelekile zokugqoka, okwabangela ukuba abanye oFakazi banqikaze ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini.
Abazalwane baseNingizimu Afrika basabela ngokushesha. Kwathunyelwa umbiko emabandleni aseduze endaweni yaseGoli ngesidingo sezimpahla. Ezinsukwini ezimbalwa, kwase kunikelwe amathani amathathu ezimpahla. Lezimpahla zabe sezihlelwa kahle yizisebenzi zokuzithandela. Kwenziwa amalungiselelo okuthumela amathani amathathu kabhontshisi, ithani elilodwa likawoyela, ithani elilodwa lensipho, kanye namathani angu-17 empuphu. Lapho inkampani edayisa impuphu izwa ngokuhlupheka koFakazi ezweni elikhungethwe yisomiso, yanikela ngalokhu kudla okwakudingeka kakhulu okungaphezu kwethani elilodwa.
NgoMsombuluko, ngoApril 16, 1990, iloli elalithwele amathani angu-25 amalungiselelo okusiza lasuka eNingizimu Afrika liqalisa uhambo lwalo lwamakhilomitha angu-5 500. Kodwa-ke, kwadingeka ukuba kutholakale imvume ezikhulwini ukuze kungeniswe lamalungiselelo ezweni lazo elinikizwe yimpi.
Izikhulu ezisehhovisi lamanxusa kahulumeni zathi nakuba oFakazi BakaJehova babengaqashelwa ngokomthetho kulelozwe lazo, zazikuqaphela kahle kakhulu ukuba khona kwabo. Kwakungenakwenqatshelwa ukuthunyelwa kwamalungiselelo okusiza kubafowethu. Kwanikezwa imvume. Kwakhishwa amaphepha adingekayo, futhi ngoLwesihlanu, ngo-April 20, oFakazi bawela umngcele ngaphandle kwenkinga. Nokho, bamiswa ezindaweni ezingu-30 okwakuvinjelwe kuzo izimoto emgwaqweni, lapho njalo okwakudingeka khona ukuba baveze imvume yabo ebhalwe phansi. Kungalesosikhathi kuphela abaqaphela ngaso ukuthi lawomaphepha abaluleke kangakanani.
Ngemva kokuba sebehambe ama-khilomitha angu-140 bengenile kulelozwe, ababange besakwazi ukuqhubekela phambili ngenxa yomfula omkhulu owawudla izindwani. Ibhuloho lokuqala lalibhidlikile, futhi ibhuloho elalisetshenziswa okwesikhashana iloli elikhulu lalingenakudlula kulo. Nokho, bathola ukuthi imoto encane eyayibaphelezela yayingaliwela ngokuphepha ibhuloho elalimbozwe amanzi. Kwanqunywa ukuba bahlukane phakathi. Kwamiswa itende ngasemfuleni owawudla izindwani elinye iqembu elalizohlala kulo, kuyilapho elinye liqhubeka nohambo ukuze liyohlangana nabazalwane enyakatho eqhele ngamakhilomitha acishe abe ngu-260. Ekugcineni, yeka indlela ababejabule ngayo lapho bebonana nabazalwane! Babelokhu bemomotheke njalo, bangana, futhi bexhawulana. Ngokushesha amaloli amabili endawo ayesendleleni eyohlangabeza elinye iqembu labazalwane elalilinde ngasemfuleni. Lapho, amalungiselelo okusiza akhishwa elolini elikhulu afakwa emalolini amabili amancane kunalo.
Imibiko etholakele ibonisa ukubonga okujulile ngelungiselelo likaJehova lokusiza ngezinto ezibonakalayo. Nokho, naphezu kokuhlupheka kwabo ngokwenyama, isikhalo sabazalwane ngokudla okungomoya sasisikhulu ngisho nangaphezulu. Elinye ibandla lalikwazi ukuthola INqabayokulinda eyodwa kuphela, okwakudingeka ukuba yonke imikhaya yenzelwe amakhophi ayo. Ngosizo lukaJehova, manje sekwenziwa amalungiselelo okuba ukudla okungokomoya kugeleze njalo kuye kulabazalwane abakulelolizwe.