Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“Izimvu Ziyalizwa Izwi Lakhe”
◻ UJESU wathi: “Izimvu ziyalizwa izwi [likamalusi]; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.” (Johane 10:3) Wanezela ngokuqhubekayo: “Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi.” (Johane 10:14) Abanjengezimvu balalela izwi likaJesu njengoba ekhuluma nabo ngeBhayibheli. Phawula indlela abantu ababili abanezinhliziyo eziqotho eItaly abalandela ngayo lenkambo.
Ekugcineni Walalela
◻ UAlberto uyabhala: “Ngangineminyaka engu-16 lapho ngiqala ukubhema insangu nokusebenzisa iLSD, futhi lapho sengineminyaka engu-18 ngaqhubekela ekusebenziseni iheroin. Ukuze ngithole izidakamizwa, ngenza noma yini ongayicabanga. Ngantshontsha, ngathengisa izidakamizwa, ngakhwabanisa, ngathengisa zonke izimpahla zami. Ngangingasakwazi nhlobo ukuyeka. Ukuvakashela amazwe aphesheya, ukuba nesikhathi eside ngisemaphandleni, noma ukuhileleka ngokwezombangazwe emaqenjini afuna izinguquko ayezimisele ukuqeda ukungalungi—akukho kulezinto okwasiza. Ngazama umshado, kodwa ngemva kwesikhashana ngase ngibuyele lapho engangiqale khona. Ngisho nokufika komntwana wentombazane akuzange kungivimbe ekusebenziseni izidakamizwa. Eqinisweni, izinto zaba zimbi kakhulu, njengoba manje ngase ngidinga imali eyengeziwe. Khona-ke umkami wangishiya, futhi eminyakeni emibili ngihlezi ngedwa, indodakazi yami ngayibona kabili kuphela. Ngangihlala ngibalekela abathengisi bezidakamizwa engangibakweleta imali, futhi izikhathi eziningi ngangihlushwa imiphumela yokuyeka izidakamizwa.
“Khona-ke ngakhumbula incwadi ethile oFakazi BakaJehova ababenginikeze yona eminyakeni ethile ngaphambili. Ngangisenayo futhi ngaqala ukuyifunda neBhayibheli. Ngalendlela ngafinyelela ekwazini uNkulunkulu weqiniso, uJehova, futhi ngathandaza kuye ngicela usizo. Njengoba ngangisebenzisa kancane kancane izinto engangizifunda, imiphumela yokuyeka izidakamizwa ayibange isahlupha kangako. Ngathola umsebenzi, futhi ngosizo lukaJehova ngaphinde ngahlanganisa umkhaya wami ndawonye. Ngaya eHholo LoMbuso, futhi lapho ngaqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova banalo iqiniso. Lapho sesiphinde sahlangana, mina nomkami satadisha iBhayibheli noFakazi futhi ekugcineni sabhapathizwa. Manje, yeka injabulo okuyiyo ukuhlanganyela ithemba lethu nabanye njengamaphayona avamile!”
Umkhuleko Wowesifazane Oqotho Uyaphendulwa
◻ Owesifazane uyabika: “Ngo-1958, ngangihileleke ngenkuthalo emisebenzini yesifunda somfundisi, ikakhulu ohambweni lokuyokhuleka eSontweni leNcasakazi yoThando LwaPhezulu eRome. Ngokuhamba kwesikhathi ngaba umngane oseduze kakhadinali owayengumfundisi ophethe waseRome, futhi ngaba nezingxoxo eziningi zangasese noPapa Paul VI noJohn Paul II. Ngemva kweminyaka engu-25 yokuhlela izinkambo zokuyokhuleka, ngathola idiploma yokubongwa. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ukholo lwami njengomKatolika oshisekayo lwaqala ukuntengantenga. Ngaphawula ubusela, ukukhwabanisa, ukutuselana izikhundla ngobuhlobo, nokuhwebelana okungajwayelekile. Ngaqala ukulibheka ngamanye amehlo isonto njengoba ngangiqaphela ukuthi umthetho kaNkulunkulu izikhathi eziningi wawunyathelelwa phansi. Izinto ezinjalo zangiphazamisa, futhi ngacela ukuba uNkulunkulu angisize ngoba ngangilahlekelwa ukholo. Ngangikhala izikhathi eziningi.
“Khona-ke, eminyakeni emine edlule, indodana yami yangilethela amakhophi ambalwa eNqabayokulinda nePhaphama! eyayiwathole koFakazi BakaJehova. Labomagazini babethakazelisa kangangokuba ngayicela ukuba ingitholele abengeziwe. Ngokushesha ngemva kwalokho ngathola iHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova futhi ngashiya isiqeshana sephepha emnyango ngicela ukuba othile angivakashele. OFakazi bafika ezinsukwini ezine kamuva. Ngaqalisa isifundo seBhayibheli futhi ngathuthukela ezingeni lokubhapathizwa. Manje ngiyaqiniseka ukuthi ekugcineni ngikutholile lokho ebengilokhu ngikufuna—iqiniso!”
Labantu balalela izwi likaMalusi Omuhle, uJesu Kristu, futhi ‘iqiniso labakhulula.’—Johane 8:32.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 14]
Garo Nalbandian