Indlela Umoya KaNkulunkulu Ongakuthinta Ngayo
“EKUQALENI uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba. Umhlaba wawungaklanyiwe futhi ungenalutho, nobumnyama babuphezu kwamanzi; futhi uMoya kaNkulunkulu wawuhamba phezu kobuso bamanzi.” (Genesise 1:1, 2, Revised Standard Version) Lenkulumo engokomBhalo iqokomisa indlela evelele wonke umuntu ophilayo aye wazuza ngayo emoyeni ongcwele. Lowomoya wawusebenza ngenkathi yokudala, futhi ngosizo lomsebenzi wawo, umhlaba waba ikhaya elijabulisayo lesintu.
Kodwa abantu bangazuza nangokwengeziwe emoyeni ongcwele. Isaga esiphefumlelwe sithi: “Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.” (IzAga 1:23) Osukwini lwethu “amazwi” kaNkulunkulu ahlanganiswe ndawonye atholakala eBhayibhelini Elingcwele, elabhalwa abantu ‘beqhutshwa ngumoya ongcwele.’ (2 Petru 1:21; Marku 12:36; 2 Thimothewu 3:16) Lapho umuntu othobekile efunda iBhayibheli, uyazuza emoyeni ongcwele.
Umoya Ongcwele Nomsebenzi Wokushumayela
Lapho omunye woFakazi BakaJehova ehambela ekhaya lakho ezokhuluma ngezindaba ezinhle zoMbuso, umoya ongcwele ungathinta ukuphila kwakho ngandlela-thile. Sazi kanjani? Eqinisweni, lapho uJesu Kristu eqala ukushumayela izindaba ezinhle, wawasebenzisa kuye ngokwakhe amazwi omprofethi uIsaya, ethi: ‘Umoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, . . . nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.’ (Luka 4:18, 19; Isaya 61:1, 2) Yebo, uJesu wayegcotshwe ngomoya ongcwele ukuba ashumayele izindaba ezinhle.
Ngaphezu kwalokho, uJesu wabikezela ukuthi ukushumayela izindaba ezinhle kwakuyoqhubeka ngemva kokufa kwakhe. Waprofetha: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Ngokushesha ngaphambi kokuba uJesu anyukele ezulwini, wanikeza abalandeli bakhe lokhu kuthunywa: ‘Hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.’ (Mathewu 28:19, 20) Ngakho-ke, ngemva kokwenyukela kukaKristu ezulwini abafundi bakhe baqhubeka nomsebenzi ogunyazwe umoya wokushumayela nokufundisa. OFakazi BakaJehova namuhla balingisa labobafundi bokuqala ekushumayeleni izindaba ezinhle emhlabeni wonke.
Ubhapathizo Nomoya Ongcwele
Lapho umuntu esabela kahle ezindabeni ezinhle, uJesu wathi kufanele abhapathizwe ‘egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.’ Ngakho abafundi abasha bathintwa umoya ongcwele ngokwengeziwe. Amazwi athi “egameni lika-” eqinisweni asho ukuthi “ngegunya lika-” noma “ukuqaphela isikhundla sika-.”a Ngakho, ukubhapathizwa egameni likaYise kusho ukubamukela ngaphandle kokungabaza ubukhosi bukaNkulunkulu ekuphileni kwethu. Ukubhapathizwa egameni leNdodana kusho ukwamukela uJesu njengoMhlengi, iSibonelo neNkosi. Futhi ukubhapathizwa egameni lomoya ongcwele kuhilela ukuthembela emoyeni nasekuzithobeni emandleni awo.b
Umoya Ongcwele Ekuphileni Kwakho
Ngokudabukisayo, ukungathembeki, ukuziphatha okubi, ubudlova, nokungabi namthetho okuvamile esikubonayo emazweni “obuKristu” kubonisa iqiniso lokuthi iningi lalabo abathi bangamaKristu eqinisweni limelene nomoya ongcwele. Kodwa labo abazithobayo kuwo babusiswa kakhulu. Phakathi kokunye, bakuthatha ngokungathi sína abakufunda eBhayibhelini eliphefumlelwe ngomoya futhi bakusebenzise ekuphileni kwabo. Kanjalo, banokuhlakanipha, ukuqonda, ukwahlulela, ubuhlakani, ulwazi nekhono lokucabanga. (IzAga 1:1-4) Lezi izinto ezibalulekile ezikhathini zethu ezinzima.
Umoya ongcwele uyabasiza futhi abanjalo ukuba banqobe izinkinga ezinzima. Ezikhathini zasendulo, uNkulunkulu wabonisa abantu bakhe indlela ababeyokwazi ngayo ukufeza umsebenzi onzima kakhulu. UJehova wathi wawungayikwenziwa ‘ngempi, noma ngamandla, kepha ngomoya [wakhe] kuphela.’ (Zakariya 4:6) Uma sizithoba kuNkulunkulu nasemoyeni wakhe, siyosizwa futhi ukuba sifeze imisebenzi futhi sinqobe izithiyo ebeziyoba nkulu kakhulu kithi.—Mathewu 6:33; Filipi 4:13.
Ngaphezu kwalokho, umoya kaNkulunkulu usisiza ukuba sijabulele inkululeko izwe ngokuvamile elingayazi. Umphostoli uPawulu wabhala: ‘Lapho umoya weNkosi ukhona, kukhona inkululeko.’ (2 Korinte 3:17) Labo abazithobayo emoyeni kaNkulunkulu bajabulela ukukhululeka enkolweni yamanga, ekukholelweni ezeni, ekwesabeni ikusasa, nakwezinye izici eziningi ezigqilazayo. Ngempela umoya kaNkulunkulu ungamandla okwenza okuhle! Ungaguqula ngisho nabantu. IBhayibheli likhuluma ngalokhu lapho lithi: ‘Izithelo zomoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho-mthetho omelana nokunjalo.’ (Galathiya 5:22, 23) Yeka ukuthi lelizwe beliyohluka kanjani uma bonke abantu bebezithoba ethonyeni lomoya kaNkulunkulu!
Njengeqembu, amaKristu eqiniso ajabulela “ubunye buka[m]oya ngesibopho sokuthula.” (Efesu 4:3) Ubunye nokuthula izinto ezingavamile namuhla. Kodwa zikhona lapho umoya kaNkulunkulu usebenza khona. Ngempela, phakathi koFakazi BakaJehova isibopho esihlanganisayo somoya ongcwele siye saletha abantu bazo zonke izinhlanga, izilimi, nezizwe ‘ekuhlanganeni kwabazalwane’ kwangempela.—1 Petru 2:17, NW.
Umoya KaNkulunkulu Nawe
Ingabe uyayibona inzuzo yokuba nokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu neyokujabulela inkululeko yeqiniso? Ingabe bekungeke kube kuhle yini ukuba nosizo lwaphezulu ekuxazululeni izinkinga nasekuhlakuleleni uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, ububele, ubuvi, ukholo, ubumnene nokuzithiba? Khona-ke zithobe emandleni omoya ongcwele kaNkulunkulu. Kodwa umuntu angakwenza kanjani lokhu?
Vumela iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ukuba lithonye ingqondo nenhliziyo yakho. Hlanganyela nalabo abavumela umoya ongcwele uthonye ukuphila kwabo. Thatha izinyathelo manje zokufunda nokwenza intando yaphezulu. Khona-ke, ‘uNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla omoya ongcwele.’—Roma 15:13.
[Imibhalo yaphansi]
a Qhathanisa nesisho sesiZulu esithi “egameni lomthetho.” Bheka futhi noMathewu 10:41 kuyiKing James Version, lapho uJesu asebenzisa khona amagama athi “egameni lomprofethi” nathi “egameni lolungileyo.”
b Bheka inkulumo kaPetru ekhuluma namaJuda ngePentekoste lika-33 C.E., lapho echaza izici eziningi zendima kaJesu neyomoya ongcwele ekuphileni kwamakholwa abhapathiziwe. Ngemva kwenkulumo yakhe, abangu-3 000 babhapathizwa egameni likaYise, eleNdodana nelomoya ongcwele.—IzEnzo 2:14-42.