Ukungenisa Izihambi KweMalta Kuletha Izibusiso
IMELITHA (namuhla eyiMalta) yaba indawo eyamukela umphostoli uPawulu lapho efelwe umkhumbi ngekhulu lokuqala leminyaka C.E. Izakhamuzi zalesiqhingi zamemukela kanye nayehamba nabo ‘ngokubasiza.’ Eqinisweni, abantu baseMalta babonisa lezizihambi “[u]bubele obungavamile”—IzEnzo 28:1, 2.
Kamuva, isikhulu salesiqhingi, uPhubiliyu, samukela uPawulu nayehamba nabo ngomoya wokungenisa izihambi futhi ‘wabamukela, wabaphatha kahle izinsuku ezintathu.’ Lapho zanda izindaba zokuthi lomphostoli wayelaphe umkhuhlane nembo kayise kaPhubiliyu, “beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa.” (IzEnzo 28:7-9) Kodwa uPawulu wenza okungaphezulu. Wahlwanyela izimbewu zeqiniso ezinhliziyweni zabantu, futhi lokhu kwaphumela ezibusisweni eziningi kulabantu basesiqhingini abanomoya wokungenisa izihambi. Namuhla, kwenzeka okufanayo eMalta. Woza uzobona ukuthi kwenzeka kanjani.
Izivakashi Ziletha Izindaba Ezinhle
Uma uyibuka usemoyeni, iMalta ekhanyiswe ilanga icwebezela njengetshe eliyigugu eliseMedithera eluhlaza okwesibhakabhaka. Lapho sisondela eSikhumulweni Sezindiza iLuqa, isivakashi sibona izwe elichochobaliswe ilanga elibonakala sengathi linohlaza oluncane. Lapho sesiphansi, sizwa ukuthi lesisiqhingi esingamakhilomitha angu-11 ububanzi nangu-16 ubude siyikhaya lezakhamuzi ezilinganiselwa ku-347 000. Uphahla olusandilinga nemibhoshongo ecijile yamasonto amaningi aseMalta kwembula isizinda sayo esingokwenkolo. Kodwa kulelikhulu lama-20 leminyaka, abantu baseMalta baye bazuza kanjani ekuhambeleni koFakazi BakaJehova?
Omunye umbonisi ojikelezayo ogama lakhe linguDavid wafika ekhaya likaJuliana futhi wathola ukusabela okulhle esigijimini soMbuso. UJuliana uthi: “Nganginganelisekile neze ngokuzigaxa kwesonto kwezombangazwe, futhi ngalesosizathu ngazama ukuthola eBhayibhelini iqiniso ngohulumeni kaNkulunkulu. Kodwa njengoba ngangilifunda, kwakunezinto engangingaziqondi kalula. Ake ucabange ukuthi ngahlabeka umxhwele kanjani lapho lesisihambeli singibuza ukuthi ngangazi yini ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyini! Ngokushesha, ngasicela ukuba singibonise impendulo eBhayibhelini lami lamaKatolika. Sangibonisa. Ngalo kanye lolosuku ngazi ukuthi ngangithole iqiniso.”
UFakazi wendawo wahlela ukufunda iBhayibheli noJuliana. Lapho uDavid ebuyela eMalta ezinyangeni eziyisithupha kamuva, yeka ukuthi kwakungokungalindelekile okuhle kanjani ukuba amukelwe uJuliana eHholo loMbuso! Ngokushesha wayeselungele ukuba ummemezeli wezindaba ezinhle zoMbuso.
Indoda kaJuliana, uFrancis, nayo yayididwe izimfundiso zesonto. Lapho imvakashele ngesikhathi elaliswe esibhedlela, yamthola elalele amakhasethi ezinkulumo zeningi zeBhayibheli ezazinikezwe eHholo loMbuso. Lapho ezwa inkulumo ngendaba yomkhaya, uFrancis waphawula indlela iseluleko seBhayibheli esasinengqondo ngayo, futhi ngenxa yalokho, wanquma ukuqala ukuya emihlanganweni yobuKristu. Ngokushesha waqaphela inkinga okwakumelwe ixazululwe. Yayiyini?
Eminyakeni engaba ngu-20, uFrancis wayesebenza njengomsizi wabagembuli ecasino. Manje waqaphela ukuthi umsebenzi owawuhilela ukugembula wawungahambisani nezimiso zobuKristu ezilahla ubugovu nokuhaha. (Roma 13:9, 10; 1 Korinte 6:9, 10) UFrancis uyavuma: “Nakuba ekuqaleni ngantula ukholo olwaludingeka ukuze ngishintshe umsebenzi wami, ngathandazela usizo kuJehova. Ekugcineni, ngathola umsebenzi ongenza ngikwazi ukunakekela umkami nendodana, uSandro.” Namuhla uFrancis ukhonza njengomdala ebandleni lendawo loFakazi BakaJehova.
Induduzo Evela EmiBhalweni
URose wayeneminyaka eyisithupha ehleli ngenjabulo emshadweni wakhe noGeorge lapho efa kabuhlungu engozini. Akatholanga nduduzo neze ekugomeleni kompristi kokuthi uNkulunkulu wayethathe uGeorge ngoba enesikhwele ngothando ayenalo ngomyeni wakhe. URose wacindezeleka kangangokuthi wacabanga ukubulala abantwana bakhe abathathu bese ezibulala naye.
Kodwa yeka ushintsho olwafika kuRose lapho uFakazi ongumakhelwane ogama lakhe linguHelen eqalisa ukumqhubela isifundo seBhayibheli! URose ngokushesha waduduzwa yimfundiso engokoMbhalo yovuko. (Johane 5:28, 29) Ngesikhathi esifanayo, isikhuthazo savela kuPeter, omunye umbonisi ohambelayo. Wazuza kakhulu ezinkulumweni zakhe ezimayelana novuko. Eshukunyiswe yilelithemba, uRose wahlanganyela noHelen ekufakazeni kwasobala, futhi bobabili manje bakhonza njengamaphayona avamile, noma abashumayeli boMbuso besikhathi esigcwele.
Isikhuthazo Sokuba Ngabashisekayo
UJoe uvela emkhayeni omkhulu, ngoba unabafowabo nodadewabo abangu-12. Ekhuthazwe umbonisi ojikelezayo, wafakaza ngentshiseko ezihlotsheni zakhe eziningi. Uthi, “ekuqaleni umkhaya wakithi wawazi ukuthi lokho engangiwuchazele khona kuvela eBhayibhelini kwakunengqondo. Kodwa lapho ubona ukuthi isithakazelo sami sokuba uFakazi sasikhula, washintsha ingqondo, futhi wonke wamelana nami—ikakhulukazi ubaba.” Ingabe isimo sawo sayiqeda intshiseko kaJoe?
Lutho neze! Ngokwesibonelo, lapho ingane yomunye wodadewabo igula futhi isizofa, uJoe wafakaza kuye, ekhuluma naye ngethemba lovuko. Manje lodadewabo usenguFakazi kaJehova obhapathiziwe. Ngemva kwalokho, omunye wabanewabo bakaJoe nomkhaya wakhe babonisa isithakazelo eqinisweni. Khona-ke umfawabo oyizibulo nomkhaya wakhe bamelela uMbuso kaNkulunkulu. Ngalesosikhathi, uyise kaJoe wayeya ngokuya ethukuthela. Lapho udadewabo kaJoe ongumagcino naye eqala ukufunda iBhayibheli, uyise wamxosha uJoe ekhaya. Njengoba ayengavinjelwe, uJoe wasebenzisa wonke amathuba ukuze avakashele izihlobo zakhe futhi akhulume ngesigijimi seBhayibheli. Nakulokhu, uyise wasabela ngentukuthelo futhi wathi: “Kungani ungakhulumi nompristi? Yena ulazi kangcono iBhayibheli!” UJoe waphendula ngokuthi lokho wayengakwenza ngenjabulo uma uyise ayengamphelezela. Ukuhambela kwabo kwahamba kanjani?
UJoe uyalandisa: “Sahlela usuku nesikhathi, kodwa umpristi wayefuna ukwazi isihloko okumelwe asilungiselele, echaza ukuthi njengoba ayeshiye isikole sobufundisi eminyakeni eyisikhombisa ngaphambili, manje wayezodinga ukwenza ukucwaninga okuthile. . . . Kodwa ngemva kwesonto, inyanga, ngisho nezinyanga ezimbili, umpristi akazange agcine noma isiphi isikhathi esasisimisile. Lapho ubaba ephawula lokhu, washintsha ingqondo ngesonto futhi kancane kancane waqaphela ukuthi lokho engangikufunde eBhayibhelini kwakuyiqiniso.” Uyise kaJoe ekugcineni walamukela iqiniso, okwenza inani lamalungu omkhaya wakhe ahlanganyela enkonzweni kaJehova libe ngu-29.
Iseluleko Esiwusizo Siletha Izibusiso
Sikhuluma ngentshiseko ngomunye futhi umbonisi ohambelayo, isikhonzi esiyiphayona elishadile esigama laso linguIgnatio siyachaza: “UPaul nomkakhe bafika bezohlala nathi. Basisiza sobabili ebuhlotsheni bomshado wethu kanye nasenkonzweni yasensimini. Ngaso sonke isikhathi wayegcizelela ukubaluleka kokushumayela.”
UIgnatio ukhumbula okwenzeka lapho uPaul ehlangana nabadala nezinceku ezikhonzayo zebandla phakathi nokuhambela kwakhe okudlule. UIgnatio uthi, “Lapho ngithi kwakuzodingeka ngisebenzise isikhathi somsebenzi wokushumayela ngalolosuku ekuseni ukuze ngilungiselele ingxenye yami esimisweni somhlangano, uPaul wathi yena wayezoya enkonzweni yasensimini njengoba kwakuhleliwe ngisho noma ngingahambi naye. Ngenxa yalokho, nganquma ukuhamba nami. Yeka indlela uJehova asibusisa ngayo isinqumo sami! Ngalolosuku ekuseni ngaqalisa isifundo seBhayibheli, futhi ngenxa yaso, manje kunabantu abayisithupha abaseqisisweni.”—Qhathanisa no-3 Johane 4.
Ukukhuthazana
Isikhathi ngasinye lapho umdala ojikelezayo ehambela oFakazi akanye nabo eMalta, bamemukela ngomoya wokungenisa izihambi futhi banelukuluku lokuzuza esikhuthazweni nasekunxuseni kwakhe. (Qhathanisa no-3 Johane 5-8.) Ngenxa yalokho, abantu baseMalta abaningi ngokwengeziwe bathatha ukuma okuqinile ohlangothini lukaJehova noMbuso wakhe. Ekupheleni konyaka wenkonzo ka-1989, abangu-389 kulabantu abanomoya wokungenisa izihambi base benzé njalo. Manje njengoba sebehlelwe benziwa amabandla ayisihlanu achumayo (amane eMalta nelilodwa esiqhingini esiseduze saseGozo), bamemezela izindaba izinhle ngesibindi.
Bonke ababonisi abajikelezayo ababelwe ukuhambela iMalta eminyakeni yamuva baye bazizwa ngendlela umphostoli uPawulu azizwa ngayo, owatshela amaKristu aseRoma: “Ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe.” Ngempela ukuhambela kwabo kuye kwaphumela ‘ekududuzaneni.’ (Roma 1:11, 12) Ngaphezu kwalokho, imisebenzi yoFakazi BakaJehova yokushumayela ngoMbuso iletha izibusiso ezingokomoya ezicebile kubantu baseMalta abangenisa izihambi.
[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 24, 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IGOZO
ICOMINO
IMALTA
IValletta
ULwandle IMedithera
8 km
5 mi