“Lendlu Ngeyakho”
“LENDLU ngeyakho—siye sanezela kuyo.” Yeka ukuthi lamazwi ayifingqa ngokufanele kanjani imizwa yalabo ababesanda kuqeda iminyaka emibili yomsebenzi onzima ehhovisi legatsha leWatch Tower Society eAustralia! Lamazwi ayebhekiswe kuJehova uNkulunkulu, futhi ayeyingxenye yengoma eyayiqanjelwe isehlakalo esikhethekile. Siphi isehlakalo? Ukunikezelwa kwezingxenye ezintsha ezenezelwe ekhayeni laseBethel nesefekthri.
Ukwandiswa Ngokushesha Kangaka?
Ngokumangalisayo, eminyakeni engaphansi kweyisikhombisa ngaphambili, lapho kwakwenzeke ukunikezelwa okufanayo kweBethel eyayisanda kwakhiwa ngalesosikhathi eIngleburn, emaphethelweni aseningizimu-ntshonalanga eSydney, eAustralia. Kungani kwakudingeka ukwandiswa okwengeziwe ngokushesha kangako?
Phakathi kokunye, inani loFakazi eAustralia selikhulile lisuka kwelingaphansana kuka-32 000 ngo-1981 laya enanini eliphakeme labangu-51 152 ngo-October 1989, futhi lokho kwenza kwadingeka ukuba kwandiswe izisebenzi zaseBethel. Ngaphezu kwalokho, kwaba nokwanda okuphawulekayo enanini lezincwadi iAustralia eyayizithumela kwamanye amagatsha. Njengamanje, iAustralia ikhiqiza izincwadi ngezilimi ezihlukahlukene ezingu-37 ukuze ikhonze izidingo zeFiji, i-Indonesia, iPapua New Guinea, iNew Caledonia, iNew Zealand, iziQhingi zaseSolomon, iTahiti, iVanuatu, iNiue, iNtshonalanga Samoa, iTonga, iTuvalu, neziQhingi zaseWallis, kanye neAustralia. Ngakho, umkhaya waseBethel uye wakhula ngokushesha waba namalungu angu-164.
Ukuze kuhlaliswe lomkhaya okhulayo, ekuqaleni ngo-1987 kwaqedwa ingxenye entsha enezelwe yehhovisi enezitezi ezintathu, eyenza kwaba nendawo yehhovisi eyengeziwe edingekayo. Ngokulandelayo, iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukwakhiwa kwengxenye enezelwe yefekthri enezitezi ezintathu kanye nengxenye enezelwe yendawo yokuhlala enezitezi ezinhlanu. NgoJanuary 1988 umsebenzi waqala engxenyeni entsha enezelwayo yefekthri, eyayiyokwenza kube nelinye iphansi elingamamitha-skwele angu-3 600. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, umsebenzi waqala engxenyeni eyandiswayo yendawo yokuhlala, eyayiyokwenza kube namakamelo okulala engeziwe angu-51.
Imihlatshelo Nokupha Ngokungagodli
Kwathunyelwa izimemo emabandleni ezweni lonke zibiza izisebenzi zokuzithandela ezazingaba ingxenye “yomkhaya owakhayo” isikhathi esingaba iminyaka emibili. Ukusabela kwaba kukhulu, futhi izisebenzi zokuzithandela ezinamakhono emisebenzi ehlukahlukene zasabela ngokushesha. Kwamukelwa amafomu ezicelo angaphezu kuka-700, futhi phakathi naso sonke isikhathi sokwakha, kweza ingqikithi yezisebenzi zokuzithandela ezingu-270 zizosebenza esakhiweni izikhathi ezisukela emasontweni amabili kuya cishe eminyakeni emibili.
Omunye uFakazi wayenebhizinisi lokuthutha inhlabathi embusweni wasenyakatho waseQueensland. Wathengisa ingxenye yebhizinisi lakhe, futhi yena nomkakhe baba yingxenye yomkhaya owakhayo kusukela ekuqaleni kwawo. Wathenga ugandaganda omkhulu wokumba futhi wenza omningi womsebenzi wokumba odingekile ngaphandle kokukhokhisa iNhlangano. Lapho omningi womsebenzi wokumba usuqediwe, wathengisa umshini wayeseqhubeka ehlala ukuze asebenze kwezinye izindawo zesakhiwo. Lesi esisodwa nje sezibonelo zomoya omuhle nowokungabi nabugovu owaboniswa yibo bonke phakathi nomsebenzi wokwakha.
OFakazi banikela ngamaloli axova ukhonkolo azowuthela endaweni engamacubic metre angu-3 300 owawudingeka ezitezi eziyisishiyagalombili ezakhiweni ezimbili. Abanye banikela ngezinto zokwakha ezidingekile ekwakheni amathange amanzi enziwe ngokhonkolo athwala amalitha angu-22 000, futhi oFakazi abasebenza efekthri basebenza ngokuzithandela ekwakheni lawomathange.
Yiqiniso, akuzona zonke izisebenzi zokuzithandela ezaziyizisebenzi ezinekhono. Ngempela, izinsizwa eziningi zafunda amakhono amasha khona kanye esakhiweni. Abaningi baba omeselandi abanekhono njengoba babesiza ekubekeni izitini eziyingxenye yesigidi ezazidingeka esakhiweni. Abanye bafunda ukunameka amatile asodongeni nawaphansi, futhi emasontweni ambalwa, omunye udade wachwephesha kakhulu ekunamekeni iphepha lasodongeni.
Usuku Lokunikezela
Usuku lokunikezela, uMgqibelo, ngoNovember 25, 1989, lasa licwebile futhi libalele—usuku oluhle olungasekupheleni kwentwasahlobo. Isitezi sesibili sengxenye enezelwe yefekthri entsha sacocwa ukuze sibe ihholo elikhulu okwakuzoqhutshelwa kulo isimiso sokunikezela. Isimiso samathelevishini sasixhumanise izingxenye zezitezi ezimbili zefekthri nesitezi somnyango wokuthumela, ihholo laseBethel, kanye negumbi lokudlela laseBethel. Lokhu kwenza ukuba abangaphezu kuka-3 000 bakwazi ukuhlala ngaphakathi ngokunethezeka.
Ngenxa yokuthi indawo yayincane, kwamenywa kuphela labo abase bebhapathizwe cishe iminyaka engu-40, kanye nezivakashi zamalungu omkhaya waseBethel nezalowo owakhayo. Kwakutholakala iziphuzo ekuseni, emini kwalungiselelwa ukudla okumnandi kwakuphakelwa ezitshaneni. Ngo–9:00 a.m., kwaba khona umhlangano waminyaka wonke weWatchtower Society of Australia, futhi aba khona wonke amalungu angu-21 enhlangano yaseAustralia. Ngemva kokuba imicikilisho engokomthetho edingekile isinakekelwe, nabanye bamenywa ukuba beze emhlanganweni, futhi bonke bajabula ukuzwa inkulumo eyabekwa uTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo.
Ngo-1:45 p.m., umculo woMbuso owadlala imizuzu engu-15 wethula isimiso sokunikezela. Izilaleli zakujabulela ukuzwa imibiko, izindatshana ezithakazelisayo ezilandiswa abanye, okuhlangenwe nakho, nezinkulumo zamalungu amathathu eNdikimba Ebusayo ayekhona. Kulawa, uCarey Barber noDaniel Sydlik kwakungokokuqala ukuba bahambele izwe elisezansi. UMzalwan’ uBarber wakhuluma ngesihloko esithi “Ukuvuna Kungukuphela Kwenkathi,” kuyilapho uMzalwan’ uSydlik asingatha isihloko esithi “Bayajabula Abantu AbaNkulunkulu Wabo NguJehova.” UMzalwan’ uJaracz, owayekhonza igatsha laseAustralia njengombonisi wamagatsha, wabeka inkulumo yokunikezela.
Isici esasijabulisa sesimiso kwakuwukuculwa kwengoma enezigaba ezine ngaphambi nje kwenkulumo yokunikezela. Sisekelwe emazwini kaIsaya akuIsaya 60:22, isihloko sengoma sasithi “Omncane Uba Yinkulungwane.” Emazwini ayo kwazwakaliswa ukubonga kuJehova ngokuthi izisebenzi eziningi zokuzithandela ziye zaba nelungelo lokunezela ‘endlini yakhe’ kulengxenye yensimu yomhlaba wonke.
[Izithombe ekhasini 15]
Ingxenye entsha enezelwe esakhiweni sokunyathelisa seWatch Tower eIngleburn, eN.S.W., eAustralia
UC. Barber
UT. Jaracz
UD. Sydlik