Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 6/15 k. 32
  • “Umculo Owelaphayo”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Umculo Owelaphayo”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 6/15 k. 32

“Umculo Owelaphayo”

Owesifazane waseSpain wabhalela igatsha laseJalimane IeWatch Tower Society: “Ngibonga kakhulu kangangokuthi kuye kwadingeka ukuba nginibhalele ukuze nginitshele ngakho.” Kungani ayebonga kangaka?

“Cishe sekuyiminyaka eyisishiyagalolunye ngihlala eSpain,” wachaza, “futhi onyakeni owodwa nengxenye ngaphambili, abasha benu ababili baqala ukufunda nami iBhayibheli. Ngemva kokufunda kuyiNqabayokulinda isihloko esikhuluma ngomculo owelaphayo, ngabacela ukuba bangitholele lawomakhasethi.

“Esikhathini esithile kamuva, ngenxa yokuzizwa ngicindezelekile futhi ngisezinhlungwini, ngadlala lowomculo. Yeka umehluko! Ngesikhashana nje, ubuhlungu obungokomzwelo base bunyamalele, futhi isimo sami esingokomzwelo sase sithuthuke kakhulu. Yeka ukuthi ngakujabulela kanjani ukuba nalawomakhasethi omculo! Kusukela ngalesosikhathi, bengilokhu ngiwalalela njalo phakathi nobusuku engiphelelwa ngabo ubuthongo. Ngempela awumculo owelaphayo.”

Abaningi baye bayazisa ialbhamu ethi Sing Praises to Jehovah, enamakhasethi ayisishiyagalombili omculo wopiyano. Uma unesithakazelo sokuthola lealbhamu, gcwalisa bese uthumela ikhuphoni elingezansi.

Lena ingxenye yomsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa emhlabeni wonke osekelwa ngeminikelo yokuzithandela.

Sizani ningithumelele ialbhamu ethi Sing Praises to Jehovah enamakhasethi omculo ayisishiyagalombili. (Ngaphandle kweR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower lasendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela