“Wanika Nendoda Yakhe”
INGABE uAdamu wayekhona lapho inyoka ikhuluma noEva futhi imyengela ekubeni ahlubuke kuNkulunkulu? IBhayibheli alikubonisi lokhu. UGenesise 3:6 ubika ukuthi uEva “wathatha izithelo zawo, wadla, [kamuva, NW] wanika nendoda yakhe kanye naye.” Nokho, ezinye izinguqulo zeBhayibheli zinikeza umqondo ohlukile. IBhayibheli lesiZulu lihumusha lombhalo ngendlela elandelayo: “Wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye; nayo yadla.”
Isenzo sesiHeberu esihunyushwe ngokuthi “wanika” sisenkathini engaphelele futhi sihlangene nohlobo olukhethekile lwesihlanganiso esithi “futhi” [ngesiHeberu, waw], ngaleyondlela sibonisa ukulandelana kwesikhashana noma okwenzeka ngendlela ehlelekile. Ngakho-ke, iNew World Translation ayihumushi elithi waw elivela kaningana, elihlanganisa uchungechunge lwezenzakalo ezikuGenesise 3:6, ngokuthi “futhi” kuphela kodwa nangamanye amagama aguquguqukayo, njengathi “ngemva kwalokho,” “kanjalo,” nelithi “kamuva.” INew World Translation ngaleyondlela inesisekelo esiqinile sokuhumusha ngendlela engenhla.
Kungenzeka yini ukuthi uAdamu wayebukele buthule ingxoxo phakathi komkakhe nenyoka, elalele amanga nenkulumo yokunyundela yesihlubuki esingabonakali esikhuluma ngenyoka? Ngokuthakazelisayo, isazi seBhayibheli saseJalimane uJ. P. Lange siyawuphikisa lomqondo futhi sithi: “Ukuba khona kwendoda phakathi nesenzo sokulinga, ngisho nokungakhulumi kwakhe, kungokungenakwenzeka ukukucabanga.” Lapho echaza inkulumo ethi “kanye naye,” umkhulumeni ongumJuda uB. Jacob uphawula ukuthi “[ayisho] ukuthi owayemi naye (phakathi nesenzo esidlule noma lapho edla).”
Ingxoxo kaEva nenyoka yembula ukuthi umyeni wakhe wayemtshelile ngomyalo kaNkulunkulu wokuthi bangadli kulowomuthi. (Genesise 3:3) Ngakho njengenhloko kaEva, uAdamu wayesewufezile lowomthwalo wemfanelo. UDeveli akalinakanga ilungiselelo likaNkulunkulu lobunhloko futhi ngobuqili wasizakala ngeqiniso lokuthi uEva wayeyedwa. Kamuva uEva waphendula: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.” (Genesise 3:13) UEva wayengwa ngoba wakholelwa amanga, kodwa lokhu akuzange kukuthethelele ukona kwakhe. Lesibonelo esixwayisayo sibonisa ukuthi ngeke neze sizithethelele ngokwenza okuthile okungalungile phambi kukaJehova.—1 Thimothewu 2:14.