Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 5/15 kk. 20-23
  • UbuKristu Beqiniso Buthuthukisa Ukuphila ESweden

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UbuKristu Beqiniso Buthuthukisa Ukuphila ESweden
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Ulwazi LweBhayibheli Luyasiza!
  • Umphumela Onjengoweziyingi Ezingamaza
  • Ukufakaza Esikoleni
  • Ukulwela Inkululeko Engokwenkolo
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 5/15 kk. 20-23

UbuKristu Beqiniso Buthuthukisa Ukuphila ESweden

ISWEDEN inikeza abantu abahlala khona elinye lamazinga ezindinganiso zokuphila aphakeme kakhulu emhlabeni. Ngaphezu kokudla okuyinala nendawo eningi yokuhlala, izimoto, imikhumbi yokungcebeleka, amathelevisini, amacomputer asetshenziswa emakhaya, abantu abahlala eSweden bajabulela ukwelashwa kwamahhala, izimpesheni zabagugile nezabakhubazekile, izondlo zabantwana, nezinye izinkonzo ezixhaswa uhulumeni.

Ngakho ungase uphethe ngokuthi ngokunokwenzeka akekho ongalithuthukisa ngokwengeziwe izinga lokuphila ezweni elinjalo. Nokho, naphezu kwezinzuzo zayo zezinto ezibonakalayo, iSweden nayo inazo izinkinga: idivosi, izifo zotshwala, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ubugebengu, nokuzibulala. Inkolo, obekungalindeleka ukuba ibe nethonya elinamandla ekuziphatheni, kuyafana nokuthi ifile eSweden. Amaphesenti angaphezu kwangu-90 ezakhamuzi zesizwe asonta eSontweni loMbuso laseLuthela, kodwa amaphesenti angu-2,1 kuphela aya njalo ezinkonzweni zalo. Omunye umfundisi uthi: “ISonto lithathe umhlala-phansi. . . . Liye lalahlekelwa amandla alo abalulekile futhi liye lazihlukanisa nezidingo zabantu.”

Nokho, ukwehluleka kwesonto ukuthuthukisa ukuphila eSweden akusho nakancane ukuthi ubuKristu beqiniso buhlulekile. OFakazi BakaJehova abacishe babe ngu-22 000 emabandleni angu-331 bayaphumelela ekusizeni abantu ukuba basebenzise izimiso zeBhayibheli ukuze bazithuthukise. Lomsebenzi awuzange uhlale ungaqashelwa.

“Kumelwe sibancome oFakazi BakaJehova ngentshiseko yabo ekuphumeni nesigijimi sabo!” kusho uthisha wezenkolo ephephandabeni lesizwe lamaPentekoste iDagen (Usuku). Lesihloko siyanezela: “OFakazi BakaJehova bakha iqembu elizuza inani eliphakeme kunawo wonke lamalungu amasha minyaka yonke futhi banesixuku esikhulu kunazo zonke sentsha . . . Kufanele sifunde koFakazi BakaJehova!”

Ngempela, labo abazimisele ngempela ukufunda koFakazi BakaJehova bayothola okuthile. Kuyini lokho? Indlela amaqiniso eBhayibheli angalithuthukisa ngokuphawuleka ngayo izinga lokuphila kwabo.

Ulwazi LweBhayibheli Luyasiza!

Cabangela incwadi eyatholwa ihhovisi legatsha leWatch Tower Society lalapho ivela komunye umama osemusha ongashadile. Wabhala: “Ngifuna ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngokuphila okuhle esengikuphila kusukela ngaqala ukufunda noFakazi BakaJehova. Ikhaya lami alisanuki-ntuthu. Ngiye ngasiqaphela isidingo sokuchitha isikhathi esengeziwe nendodakazi yami. Isimo sami sezimali siye sathuthuka, nakuba ngisahola iholo elifanayo. Zimbalwa kakhulu izinkinga zokulala enginazo. Futhi nginabangane beqiniso engijabulayo ngabo. Yebo, angisoze ngenana indlela yami yokuphila yamanje ngeyakuqala.”

Esinye isibonelo sihilela indaba yedivosi—okuyinto evame kakhulu eSweden. Nokho, iBhayibheli lasiza umbhangqwana othiwa uArne noKetie. Wawusuneminyaka engu-13 ushadile futhi unabantwana ababili lapho izinkinga zobuntu ziwubangela ukuba uthole idivosi. Wawuzondana.

UArne, owathutha wayozihlalela yedwa, wahanjelwa noFakazi BakaJehova futhi waqala ukutadisha iBhayibheli. Lokho ayekufunda kwamjabulisa kangangokuthi ngolunye usuku waphuthuma waya kuKetie futhi wazama ukumphoqelela ukuba yena nabantwana bafunde! Lapho enqaba, wamphonsa odongeni wathi: “Funda, kungenjalo ngizokubulala!” UKetie wabiza oFakazi BakaJehova futhi wakhala, ethi: “Uluhlobo luni lukaNkulunkulu ononya kangaka lowoJehova?”

UKetie watshelwa ngesineke ukuthi uJehova unguNkulunkulu onothando ongaphoqeleli muntu. Waba nesithakazelo futhi wafuna ukufunda okwengeziwe. Njengoba uArne ayezuza ulwazi olwengeziwe ngezimiso zokwesaba uNkulunkulu, wabohla futhi waphinda wakhulumisana noKetie. Babonana njalo emihlanganweni eHholo LoMbuso. Waba yini umphumela? Ngemva kokuba bobabili sebengoFakazi ababhapathiziwe, baphinde bashada! Sebeneminyaka eyisishiyagalombili beshadile, futhi uArne ukhonza njengomdala webandla. Bathi: “Umshado wethu awukaze ube ngcono kunalokho oyikho manje. Sinokuningi esingabonga uJehova ngenxa yakho.”

Amaqiniso eBhayibheli asiza nentsha ukuba ithuthukise izinga layo lokuphila. Insizwa ethile okuthiwa uDavid iyakhumbula: “Abazali bami badivosa, futhi konke kwabonakala kubheda ekuphileni kwami. Ngangingenandaba nalutho. Ngangivame ukuphutha esikoleni futhi ngingenzi noma yimuphi umsebenzi wesikole wasekhaya phakathi neminyaka emithathu edlule. Ngezinye izikhathi ngangingasiboni isidingo sokuba ngiphile. Ngangigqoka amabhulukwe amanikiniki nezicathulo ezindala. Izinwele zami zazicishe ziyofika emhlane. Ngazama izindlela zokuphila ezihlukahlukene, njengeyokuba ipunk rocker nehard rocker. Ngabhema, ngaphuza futhi ngahileleka ebugebengwini.

“Ngo-1986 omunye woFakazi BakaJehova wangivakashela. Ngacabanga: ‘Olunye lwalezozinhlobo zenkolo ezingathembekile. Awuthi ngimbuze imibuzo embalwa azohluleka ukuyiphendula.’ Okwangimangaza ukuthi, wayiphendula. Ngaya kwesinye sezifundo zakhe zeBhayibheli futhi ngathola ukuthi kukho konke wayenikeza impendulo enengqondo—kwakungekho phutha eqinisweni. Ngaya emhlanganweni wesifunda futhi ngamangala ukubona labobantu abacocekile nabanobungane. Ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova futhi ngamangala lapho abaningi beza kimi bengixhawula. Yeka ubunye labobantu abanabo!”

Ngemva konyaka nengxenye, uDavid wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Izihlobo zakhe, abangane bakuqala, othisha, nabanye babengakukholelwa ukuthi lensizwa egqoke kahle necocekile nguDavid ababemazi ngaphambili.

Umphumela Onjengoweziyingi Ezingamaza

Ukushumayela endlini ngendlu eSweden ngezinye izikhathi kungaba okudumazayo. Umuntu waseSweden ulivikela ngentshiseko ingasese lakhe. Lapho kungqongqozwa emnyango, angase abheke ngembobo yokulunguza, futhi abaningi ababavuleli oFakazi BakaJehova. Kodwa abajabhi. OFakazi bayazi ukuthi izingelosi zingabathola abantu abathambekele ekulungeni. (IsAmbulo 14:6; qhathanisa noMathewu 13:41.) Uma nje iqiniso lingena ekuphileni komuntu, ngokuvamile liyasabalala—njengeziyingi ezingamaza emanzini—liye ezihlotsheni nakubangane.

Owesifazane othile eStockholm ukhumbula ehlezi etafuleni lasekhishini lakwakhe ekhaliswa ukuphila kwakhe okunezinhlupheko. Wathi: “Ngangingenathemba. Ngokushesha ngaqala ukuthandaza: ‘Nkulunkulu, ngifuna ukukhuluma nawe ngokuphila.’ Kwazwakala ukungqongqoza emnyango. Ngalunguza ngembobo, ngabona indoda eyayigqoke kahle, ngakho ngawuvula umnyango. Yathi ifuna ukuxoxa ngemibono ekhuthazayo evela eZwini likaNkulunkulu. Yayingomunye woFakazi BakaJehova. Ngabuza ukuthi ingenile yini kwabanye abantu abahlala kulesositezi engangihlala kuso. Yathi: ‘Cha, bengiya ekhaya ngivela esifundweni seBhayibheli lapho nginquma ukungena ezindlini ezithile. Kwenzekile ngaqala lapha.’ Ngamangala ngoba ngangihlala kwesinye sezitezi eziphezulu. Ngakuthanda eyangibonisa khona.”

Ngokushesha lona owesifazane waqala ukutadisha iBhayibheli. Ngentshiseko, waqala ukuhlanganyela lokho ayekufunda nezihlobo nabangane. Wahambisa amaBhayibheli angu-28 nezincwadi ezingu-96. Waba yini umphumela? Umyeni wakhe, ababili bodadewabo, abashana bakhe ababili, umlamu wakhe, uyise nonina, indodana yomyeni wakhe ayithola emshadweni wangaphambili, othile ayesebenza naye, nomuntu owayesebenza nomyeni wakhe kanye nomkakhe ngokushesha base betadisha iBhayibheli futhi belungela ukubhapathizwa. Kuze kube manje, abantu abangu-13 baye baba nethuba lokuthuthukisa izinga lokuphila kwabo ngokuhambela okukodwa komunye woFakazi BakaJehova. Lona owesifazane uthi: “Ukwenza ngokuvumelana nentando kaJehova kuye kwenza okuningi okuhle ekuphileni kwethu kangangokuthi kufanele simbonge siguqé ngamadolo nsuku zonke!”

Ukufakaza Esikoleni

Kunezinkinga ezingathi sína zokufundisa ukuziphatha ezikoleni eziningi eSweden. Kodwa oFakazi abasebasha bazibonakalisa beyithonya elihle ngokuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli nothisha nabafunda nabo. Ngokwesibonelo, uJorgen osemusha wabatshela ngokucacile othisha bakhe nabafundi afunda nabo ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Wayehlonishwa ngenxa yobuqotho bakhe nangokuziphatha okuhle. Ngaso sonke isikhathi uJorgen wayephendula ngisho nemibuzo ecasulayo ngesizotha futhi abhekisele eBhayibhelini. Lokhu kwagxila kwayefunda nabo ekilasini. UJorgen uyabika:

“Ngemva konyaka ngiqede isikole, ngahlangana noPeter, engangifunda naye ekilasini. Ngemva kwezingxoxo ezithile, ngaqala ukuqhuba isifundo seBhayibheli naye. Njengoba unina ayephikisa, sasifundela ogwini lolwandle. UPeter wabhapathizwa ngoMarch 1988. Unina waphawula ukuthi indodana yakhe yase ishintshile yaba ngcono naye waqala ukufunda. Ngemva kwesikhathi esithile, wabhapathizwa.

“Omunye engangifunda naye ekilasini, uTorbjorn, waqala ukutadisha iBhayibheli. Nonina wamlandela. Nabo manje sebebhapathiziwe.” Sebebonke, abane bababefunda noJorgen ekilasini baqala ukutadisha iBhayibheli, futhi owesihlanu usebonise isithakazelo. “Ngithemba ukuthi lokhu okuhlangenwe nakho kuzokhuthaza oFakazi abasebasha abasesikoleni ukuba bangazigodli,” kuphetha uJorgen. “Ukuziphatha kwabo kobuKristu nokuma kwabo beqinile eqinisweni kungahlwanyela imbewu engathela izithelo ezinhle kamuva.”

Ukulwela Inkululeko Engokwenkolo

OFakazi BakaJehova futhi baye baba nengxenye esemqoka ekuletheni inkululeko engokwenkolo eyisisekelo eSweden. Lokhu kuye kwazuzisa wonke umuntu.

Ngokwesibonelo, njengakuwo wonke amanye amazwe, oFakazi BakaJehova eSweden baye banquma ngabanye ukulondoloza ukungathathi-hlangothi kobuKristu. (Johane 17:16) Ngenxa yalokho, abaningi bagwetshwa isikhathi eside ejele. Kodwa ngo-1966 kwatholakala inkululeko engokwenkolo lapho iziphathimandla zinquma ukuthi phakathi nokuhlola, oFakazi ngeke babizelwe ukuqeqeshelwa impi. (Isaya 2:2-4) Ukubekezelela izinkolo ezihlukahlukene kwaseSweden kuye kwaba yisibonelo kwabanye ohulumeni.

Enye indaba yayihilela amalungelo eziguli. OFakazi BakaJehova bawuthatha ngokungathi sína umyalo weBhayibheli ‘wokuyeka igazi’ futhi ngenxa yalokho bayakwenqaba ukumpontshelwa igazi. (IzEnzo 15:28, 29) Nakuba kungebona bonke odokotela nezisebenzi zezokwelapha eziye zahlonipha lesisimo esingokomBhalo, iphephabhuku lezokwelapha elivelele kunawo wonke laseSweden muva nje liye lamemezela esihlokweni esikhulu ukuthi: “Ukwenqaba Ukumpontshelwa Igazi Kufanele Kuhlonishwe Uma Isiguli Siyiqaphela Imiphumela.”

Lamazwi ayeyisihloko sombiko owethulwa emhlanganweni wesiGungu Sezwe Lonke Sezempilo Nezenhlala-kahle kanye namaNxusa Ezimiso Zezokwelapha Zenhlangano Yezokwelapha YaseSweden. Ngemva kokuxoxa ngesimo soFakazi BakaJehova, lezikhulu zanquma ukunxusa bonke odokotela ukuba bavumelane nesiguli esifanelekela ukuzimela ngokomthetho—kusukela kwesineminyaka engu-15 ubudala kuya phezulu—uma senqaba ukumpontshelwa igazi. Zaqaphela ukuthi manje sekukhona izithiyo ezinkulu kakhulu ngokumpontshelwa igazi ngenxa yengozi yokudlulisela izifo. Nokho, okubaluleke nangaphezulu isinqumo sabo esibonisa ukuqonda sisekela ilungelo eliyisisekelo lanoma yisiphi isiguli lokwenqaba uhlobo oluthile lokwelashwa.

Yiqiniso, abaningi babantu abahlala eSweden bayakujabulela ukuphila okuhle kwezinto ezibonakalayo. Kodwa abaningi badinga ukwakhiwa ngokokuziphatha nangokomoya. Ngokungangabazeki, amaKristu eqiniso kulelozwe ayasiza ekuthuthukiseni ukuphila kwabo bonke abazimisele ukufunda nokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu. Abantu abanjalo abasabelayo bajabulela nethemba lokuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu elizayo.—Johane 17:3; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4.

[Ibalazwe ekhasini 22]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

INORWAY

ISWEDEN

IFINLAND

IU.S.S.R.

IDENMARK

IMPUMALANGA JALIMANE

INTSHONALANGA JALIMANE

IPOLAND

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela