Lapho Ukufa Kuthatha Othandekayo
“UMAMA washona ngo-1981 ebulawa umdlavuza. Wayengumama wethu wokutholwa. Ukufa kwakhe kwaba buhlungu kakhulu kimi nakumfowethu wokutholwa. Ngangineminyaka engu-17 ubudala, umfowethu enengu-11. Ngangimkhumbula kakhulu umama. Ngakhula ngingumKatolika, futhi njengoba ngangifundiswe ukuthi usezulwini, ngakho, ngafuna ukuzibulala ukuze ngibe naye. Wayengumngane wami omkhulu.”—uRoberta, oneminyaka engu-25 ubudala.
Ingabe usuke wabhekana nesimo esinjalo? Uma kunjalo, ubazi ngokuzizwela siqu ubuhlungu obuhambisana nokulahlekelwa othandekayo. Kubonakala kuyinto engafanele ukuba ukufa kube namandla okuthatha othile omthandayo. Futhi lapho kwenzeka, umcabango wokuthi ngeke uphinde ukwazi ukukhuluma, ukuhleka, noma ukumbamba lowo othandekayo kungaba nzima kakhulu ukubhekana nawo. Futhi njengoba amazwi kaRoberta ebonisa, lobobuhlungu abuqedwa ukutshelwa ukuthi othandekayo wakho uphezulu ezulwini.
Nokho, ubungazizwa kanjani uma bewazi ukuthi kungenzeka ukuba uphinde uhlangane nothandekayo wakho ofile esikhathini esiseduze esizayo, cha, hhayi phezulu ezulwini kodwa khona lapha emhlabeni ngaphansi kwezimo ezinokuthula, nokulunga? Futhi kuthiwani uma futhi uzwa ukuthi ngalesosikhathi abantu bayoba nethemba lokujabulela impilo ephelele nokuthi akusoze kwadingeka ukuba bafe? Ungase uthi ‘ngempela leso isifiso nje!’
Nokho, emuva ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., uJesu Kristu washo lokhu ngokuqiniseka: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.” (Johane 11:25) Leso kwakuyisithembiso sokuthi abafile bayophila futhi—ithemba elivusa amadlingozi ngempela!
Nokho, mhlawumbe uyazibuza: ‘Ingabe sikhona isisekelo esizwakalayo sokukholelwa isithembiso esinjalo? Ngingaqiniseka kanjani ukuthi akusona isifiso nje? Futhi uma sikhona isisekelo sokukukholelwa, ukugcwaliseka kwalesithembiso kuyosho ukuthini ngami nangabathandekayo bami?’ Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalemibuzo kanye neminye.