Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 4/15 k. 32
  • ‘Iseluleko Esikulencwadi Sasebenza’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Iseluleko Esikulencwadi Sasebenza’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 4/15 k. 32

‘Iseluleko Esikulencwadi Sasebenza’

Yilokho osemusha waseMaryland, eU.S.A., akubhalayo ngencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Uthi: “Ngayifunda yonke lencwadi ngezinsuku ezimbili, futhi ngangingenakuyeka ukutshela abantu ngayo.

“Ngathola ukuthi isahluko 6 esithi, ‘Kungani Kunzima Kangaka Ukuzwana Nomfowethu Nodadewethu?’ sangisiza ngoba ngezinye izikhathi ngizizwa ngithanda ukuba nomona ngodadewethu omdala. Kodwa ngokufunda ngashesha ukuqaphela ukuthi akufanele ngizizwe nginomona ngenxa yokuthi wayenamalungelo athile engangingenawo. Lapho kwakubonakala kuzoba nokuphikisana, ngangisebenzisa iseluleko esikulencwadi. Sasebenza! Manje kwakheka ubuhlobo obuqine kakhudlwana phakathi kwami nodadewethu.”

Ukukhula kulezikhathi ezinezinkinga akulula. Intsha ibhekana nezimo ezintsha eziningi futhi kumelwe yenze izinqumo ezinzima. Ingabe kufanele ngiphuze? Ngisebenzise izidakamizwa? Yikuphi ukuziphatha okufanele nowobulili obuhlukile? Intsha idinga izimpendulo ezisebenzayo. Sinomuzwa wokuthi wena nabantwana bakho niyozuza kakhulu kulencwadi enemifanekiso ekhangayo, enamakhasi angu-320. Zitholele ikhophi ngokugcwalisa bese uthumela ikhuphoni elingezansi. Ingu-R3,75 kuphela.

Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angu-320 ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, iposi likhokhelwe. Ngifaka u-R3,75 (R.S.A.).

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela