Ingabe Uyozuza Emseni Ongasifanele?
“LAPHO ngifunda ngokwengeziwe ngezindinganiso zikaNkulunkulu eBhayibhelini, kwaba yilapho ngizizwa ngingawufanelekele ngokwengeziwe umusa wakhe nesibusiso,” kwasho uFrank. Isithakazelo sakhe eBhayibhelini sasivuswe ngenkathi esejele eboshelwe amacala ezidakamizwa. Wafunda incwadi ethi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade,a waqiniseka ngokuthi lokho eyayikusho kwakuyiqiniso, futhi, ngemva kokuba esededelwe ejele, wathintana noFakazi BakaJehova ukuze afunde okwengeziwe ngeBhayibheli.
Kungani ukufunda iBhayibheli kwamenza wazizwa engafaneleki? Ngoba indlela yakhe yokuphila yesikhathi esidlule yayephulé eziningi zezimiso zikaNkulunkulu. Ukusebenzisa kabi izidakamizwa, ukusebenzisa kabi utshwala, neminye imikhuba ehlukahlukene eyonakalisayo yayimehlisé kangangokuthi ngesinye isikhathi iphoyisa elithile lathi kuye: “Ungasiza ungitshele ikheli lakini? Ngifuna nje ukwazi ukuthi ngisithumele kuphi isidumbu sakho!”
Nokho, okwamenza wazizwa engafaneleki kakhulu kamuva ukuthi noma ayezama kangakanani, wayekuthola kunzima kakhulu ukunqoba lemikhuba engcolile egxilile. Ngokwesibonelo, ithonya elonakalisayo lotshwala lacishe lomnqoba. Wathi: “Ngangihluleke ngokudabukisayo izikhathi eziningi futhi ngangicindezeleke kakhulu. Ngacishe ngalilahla lonke ithemba, nginomuzwa wokuthi lalingekho ithemba ngami.”
Abanye kungenzeka abazange babe nomlando ofana nokaFrank. Kodwa, noma kunjalo, bangase babe nemizwa ejulile yokungafaneleki. Lokhu kungase kube ngenxa yokuthi bazibekela ezindinganiso eziphakeme ngokungenangqondo ngokwalokho abanomuzwa wokuthi kufunwa uNkulunkulu. Lapho behluleka, bazizwa benecala. “Umuzwa wokuba necala ungafana nephupho elibi,” kuchaza uDkt. Claire Weekes encwadini yakhe ethi Self-Help for Your Nerves, “ikakhulukazi kulabo abazama ukuzibekela indinganiso ephakeme.” Yini umKristu angayenza uma ehlaselwa imizwa enjalo yokungafaneleki?
Yazisa Umusa Ongasifanele
“Into eyangisiza kakhulu,” kusho uFrank, “kwakuwukuqonda lokho iBhayibheli elikushoyo kumaHeberu 4:15, 16.” Lapho umphostoli uPawulu usikhumbuza ukuthi uJesu ungumsizi onakekelayo ‘ongazwelana nobuthakathaka bethu’ futhi okwenze kwaba nokwenzeka ngathi ukuba “sifumane umusa [ongasifanele, NW] wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.”
Ingabe ungathanda ukuthola ikhambi lokunqoba imizwa yokungafaneleki? Nanti: Khumbula ukuthi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bayazi ukuthi sibuthakathaka ngenxa yokungapheleli esikuzuze njengefa. Bayaqonda ukuthi asinakuzifinyelela ngokuphelele izindinganiso zokulunga. (IHubo 51:5; Roma 3:23; 5:12, 18; Jakobe 3:2) Ngakho abalindeli kithi okungaphezu kwalokho esingakunikeza. Babheka izici zethu ezinhle, hhayi ubuthakathaka bethu. Umhubi wabuza: “Uma wena-Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?” (IHubo 130:3) Ungabona ukuthi akekho kithi ongema. Nokho, ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu uJehova ngomusa angasinikeza ukuma okuhlanzekile naphezu kokungapheleli kwethu. (1 Johane 2:2; 4:9, 10) Singakuthola ‘ukuthethelelwa kwezono zethu’—futhi kanjalo sisizwe ukuba sinqobe noma imiphi imizwa yokungafaneleki—“ngokwengcebo yomusa wakhe [ongasifanele, NW].”—Efesu 1:7.
Kubheke ngalendlela. Abantu abathanda imisebenzi yobuciko bangenza izinto ezinkulu ukuze bavuselele imidwebo noma eminye imisebenzi yobuciko eye yonakala kabi. Ngokwesibonelo, eHholo Lemisebenzi Yobuciko Lesizwe laseLondon eNgilandi ngesikhathi othile owayephethe ivolovolo ona umdwebo kaLeonardo da Vinci obiza opondo abayizigidi ezingama-20 (cishe amaRandi ayizigidi ezingama-84) akekho owasikisela ukuthi njengoba manje lomdwebo wawusuwonakele, kufanele ulahlwe. Waqala ngokushesha umsebenzi wokuvuselela lomsebenzi wobungcweti oneminyaka engama-487 ubudala. Ngani? Ngoba wawuyigugu emehlweni wabathandi bemisebenzi yobuciko.
Ingabe wena awuwedluli kude umdwebo kashoki nelahle? Emehlweni kaNkulunkulu ngokuqinisekile uyawedlula—kungakhathaliseki ukuthi woniwe kangakanani yisono osizuze njengefa. (IHubo 72:12-14; Mathewu 20:28) UJehova uNkulunkulu, uMdali wokuqala onekhono womkhaya wesintu, uyokwenza okudingekile ukuze abuyisele ekupheleleni amalungu alowomkhaya ozimisele ukusabela ekunakekeleni kwakhe kothando.—Qhathanisa nezEnzo 3:21; Roma 8:20-22.
Sabela Emseni Ongasifanele
Landela isibonelo sikamphostoli uPawulu. Wawazisa kakhulu umusa kaNkulunkulu ngokuthethelela kwakhe amaphutha akhe esikhathi esidlule nangokusekela njalo ukulwa kwakhe ukuze anqobe ubuthakathaka ababulokhu buvela. (Roma 7:15-25; 1 Korinte 15:9, 10) UPawulu wayilungisa inkambo yakhe yokuphila futhi ‘wawutuba umzimba wakhe wawenza isigqila’ ukuze uhlale endleleni evunyelwa uNkulunkulu. (1 Korinte 9:27) Akazange awuvumele umzimba wakhe, kanye nokuthambekela kwawo esonweni kwenyama nokomzwelo, ukuba uhole yena njengesigqila.
Yamukela umusa kaNkulunkulu ongasifanele, futhi uwuvumele ukuba ukuholele ekuphendukeni. (Roma 2:4; 2 Korinte 6:1) Uma amaphutha esikhathi esidlule ekukhathaza, walungise bese ukholelwa isiqinisekiso sikaJehova sokuthi ukuthethelele. (Isaya 1:16-18; IzEnzo 2:38) Uma ubuthakathaka obuphikelelayo bukuhlupha, qhubeka ulwa nabo. Thandaza ngobuqotho ucele usizo lukaJehova lokuba ubunqobe kuyilapho uziphonsa emseni wakhe. (IHubo 55:22) Esusela kwaye wabhekana nakho yena, uFrank uyeluleka: “Lapho umuntu ehluleka ngezikhathi ezithile ekulweni kwakhe nomkhuba othile omubi, akufanele akubheke njengokwehluleka okuphelele nokokugcina, kodwa, kunalokho, njengokubuyela emuva okwesikhashana.” Uma abanye benezela ezinkingeni zakho ngokufuna okwengeziwe kunongakunika, khumbula ukuthi nguNkulunkulu ozama ukumjabulisa, akubona abantu.—Galathiya 1:10.
Ekulweleni kwakho ukwenza okulungile, qaphela “izenzo” zikaSathane “zobuqili,” lokho okungabizwa ngokuthi “amacebo kaDeveli amabi.” (Efesu 6:11, Reference Bible, umbhalo waphansi; Today’s English Version) Cabangela “amacebo amabi” amabili ayowasebenzisa ukuze azame ukukuncisha izinzuzo zomusa ongasifanele.
“Amacebo Amabi” KaSathane
UDeveli usebenzisa ukuzizwa ungafaneleki ukuze azame ukukususa kuNkulunkulu. Okokuqala uSathane ungumthombo wesono esikonakalisile. Manje angase azame ukukhuthaza umuzwa wokuthi awulutho emehlweni kaNkulunkulu, njengoba uBilidadi azama ukwenza kanjalo kuJobe. (Jobe 25:4-6; Johane 8:44) Yeka ukuthi ziningi kangakanani izimpi okunganqotshwanga kuzo ngenxa yokuthi amabutho azilwa esephele amandla! Ngakho, musa ukuvumela uSathane akuqede amandla. (Efesu 6:10-13) Ukuqaphela amasu kaSathane kufanele kukushukumisele ekubeni ukulwele kanzima nakakhulu ukwenza okulungile.—2 Korinte 2:11.
Uma ngezinye izikhathi ukwehluleka okuthile kukudabukisa, qiniseka ukuba ‘awuhlulwa ukudabuka okukhulu.’ (2 Korinte 2:7) UDkt. Claire Weekes wakhuluma ngokuthambekela kwabanye kokuvumela ukwehluleka kwesikhathi esidlule kubanqobe: “Ukuvumela umuzwa wecala wesikhathi esidlule ukhubaze isenzo samanje kungukuphila okubhubhisayo.”—Bheka IzEnzo 3:19.
Uma besingazifinyelela zonke izimfuneko zikaNkulunkulu ngokuphelele, bekuyoba umusa osifanele ngaye ukuba asinike izibusiso azithembisile. Kodwa uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu basibonisa umusa “ongasifanele.” IGreek-English Lexicon of the New Testament, kaJ. H. Thayer, ichaza incazelo yegama elasetshenziswa umphostoli uPawulu ekuchazeni lemfanelo kaNkulunkulu: “Leligama [khaʹris] liqukethe umqondo womusa onikeza umuntu lokho okungamfanele.” Akukho misebenzi yethu engasenza sizuze isibusiso sikaNkulunkulu. Njengoba uPawulu esho, kungumusa ongasifanele. Uma ngobuqotho wenza konke okusemandleni akho ukuze ugcwalise izibopho zakho kuNkulunkulu naphezu kokungapheleli, jabula ngokwenza lokho. UJehova akafuni okwengeziwe kuwe.
Nokho, qaphela elinye ‘lamacebo amabi’ kaSathane. Udukisa abanye ngokubenza bacabange ukuthi bangawusebenzisa kabi umusa kaNkulunkulu ongasifanele, ukuthi bangawuthatha kalula umusa wakhe. UJehova ubuthethelela ngomusa ubuthakathaka bethu, kodwa lokho akusho ukuthi singayeka ukulwela ukubunqoba. UPawulu wachaza abanye ‘ababenyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu . . . behlambalaza uMoya womusa ongasifanele.’ (Heberu 10:29) Laba babengayibonisanga inhlonipho ngezimiso zokulunga futhi babedelelé imithetho kaNkulunkulu, bezenza abangakufanelwe ukuvuselelwa. Umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa uJuda, owayibona ingozi eyayingalethwa abanjalo abakhohliswa kalula uSathane, wabhala: “Sebengenile ngokunyenya [emabandleni] abantu abathile, . . . abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu [ongasifanele NW] ube-ngamanyala.”—Juda 4.
USathane angase akhohlise abanjalo abenze bacabange ukuthi bangazitika ekwenzeni okubi ngamabomu bese becela ukuba uNkulunkulu athethelele isono sabo. Kodwa uJehova ngeke abathethelele abanjalo abephula imithetho yakhe ngamabomu. “[U]gcwele isihe” kulabo abalwela ukumkhonza ngakho konke okusemandleni abo naphezu kokungapheleli kwabo. ‘Akayikumyeka onecala’ ngesikhathi esifanele.—Eksodusi 34:6, 7.
Ungazuza Emseni Ongasifanele
Kuyaduduza ukwazi ukuthi uJehova akakubheki kuphela esimweni sakho sokungapheleli, sokonakala. Uyakwazi ongaba yikho lapho amandla avuselelayo omhlatshelo kaJesu wesihlengo esetshenziswa ngokugcwele. Ngakho, thandaza ngokuqiniseka kuJehova njengoba kwenza umhubi uDavide. UDavide wathi: “Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo. Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi. . . . Inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.”—IHubo 51:1-3, 9, 17.
Amaphutha akho nokwehluleka kungase kube phambi kwakho ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi ungase uzizwe njengendodana yolahleko eyachazwa uJesu. Lapho lensizwa ibuyela ekhaya ngemva kokusaphaza ifa layo ngendlela eyihlazo ezindaweni ezikude, yathi kuyise: “Angisafanele ukuthiwa indodana yakho”! (Luka 15:21) Nokho, lensizwa yayinesimo sengqondo esiqondile. Ayizange iwenqabe umusa kayise noma izame ukuwuthatha kalula. Ngakho uyise wayamukela ngothando emzini wakhe. (Luka 15:20-24) UJehova uyakujabulela ukubenzela okufanayo namuhla abantu abayizoni abazama ngobuqotho ukwenza intando yakhe.—IHubo 103:8-14; Isaya 55:7.
UFrank akazange ayivumele imizwa yokungafaneleki imnqobe. Wasabela emseni kaNkulunkulu ongasifanele, futhi manje ukhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni loFakazi BakaJehova. Uthi, “Manje ngiyagxumagxuma yinjabulo lapho ngicabanga ngalokho uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abasenzele khona nabasazosenzela khona!”
[Umbhalo waphansi]
a Eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.