Uyibheka Kanjani IMiyalo Eyishumi?
ABANTU babheka iMiyalo Eyishumi yeBhayibheli ngezindlela ezihlukahlukene. AmaSabatha athi iMiyalo Eyishumi ibopha bonke abantu. AmaLuthela ayicabangela ‘njengeyiqoqo lemithetho elingcono kunawo wonke ake anikezwa lelo umuntu angakhela phezu kwalo ukuphila kwakhe.’ “Uma iqondwa ngokuyikho,” kuchaza umkhulumeli wamaKatolika, “iMiyalo Eyishumi isasinikeza isisekelo sokuphila kobuKristu.”
Kanjalo, njengoba amanye amaqembu enkolo ekholelwa ukuthi kufanele silalele iMiyalo Eyishumi njengoba injalo, abanye bayibheka nje njengesiqondiso sokuziphatha okufanelekile. Ngempela, ngokwe-Encyclopædia of Religion and Ethics, “cishe ayikho incwadi esintwini eyake yaba nethonya elikhulu ekuphileni okungokwenkolo nokokuziphatha kuneDecalogue [iMiyalo Eyishumi].” Kungani lokhu kunjalo? Okokuqala cabangela lokho ekushoyo. Mifushane, iyaqondakala, futhi inamandla. Kodwa kufanele uyibheke kanjani iMiyalo Eyishumi? Isho ukuthini kuwe?
[Ibhokisi ekhasini 3]
IMIYALO EYISHUMI
1. Ungabi-nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.
2. Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba; ungazikhothameli, ungazikhonzi . . .
3. Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho . . .
4. Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise. Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho. . . . Awuyikusebenza-msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi osemzini wakho . . .
5. Yazisa uyihlo nonyoko . . .
6. Ungabulali.
7. Ungaphingi.
8. Ungebi.
9. Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.
10. Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.—Eksodusi 20:3-17.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Cover photo: Pictorial Archive (Near Eastern History) Est