UMthetho Wegolide—Kungani Usasebenza?
IGOLIDE elimsulwa aligqwali, ngakho imihlobiso eyenziwe ngegolide iyaziswa. Kunokuba bazilahle izinto zegolide ezonakele, abakhandi bezinto zegolide baphinde bayisebenzise lensimbi eyigugu ukuze bakhe omunye umsebenzi wobuciko ngoba igolide liyabugcina ubugugu balo.
Ngokufanayo, nakuba uJesu awusho eminyakeni engaphezu kwezinkulungwane ezimbili ezidlule uMthetho Wegolide, ubugugu bawo abunciphile. Ngokuhlaziya, noma ngokuthola, izizathu zokusebenza kwawo, singabuqonda kangcono ubugugu bawo kithi namuhla.
Lapho uJesu esinikeza uMthetho Wegolide, “ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo,” wanezela: “Ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.” (Mathewu 7:12) Abafundi bakaJesu nabanye ababemlalele bakuqonda kanjani lokhu?
“Kungumthetho Nabaprofethi”
‘UMthetho’ wawubhekisela emibhalweni yokuqala eyakha izincwadi ezinhlanu zokuqala zeBhayibheli, uGenesise kuya kuDuteronomi. Lena yembula injongo kaJehova yokuveza imbewu eyayiyoqeda ububi. (Genesise 3:15) Phakathi kwalezozincwadi zakuqala zeBhayibheli kwakukhona noMthetho, noma indikimba yemiyalo, uJehova ayinikeza isizwe sakwaIsrayeli ngoMose njengomlamuleli eNtabeni iSinayi ngo-1513 B.C.E.
Umthetho waphezulu wahlukanisa uIsrayeli nezizwe ezingamaqaba ezazizungezile, futhi amaIsrayeli kwakungamelwe enze lutho olwaluyokwenana isikhundla sawo sokuthokozelwa uJehova. Ayeyimpahla yakhe ekhethekile futhi kwakumelwe ahlale enjalo ukuze amukele izibusiso zakhe. (Eksodusi 19:5; Duteronomi 10:12, 13) Kodwa ngaphezu kwezibopho zawo kuNkulunkulu, uMthetho kaMose wawusho umthwalo wemfanelo kumaIsrayeli wokuba enze okuhle kubafokazi ababehlala kwaIsrayeli. Ngokwesibonelo, wawuthi: “Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba-kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.” (Levitikusi 19:34) Ngenkathi yamakhosi kwaIsrayeli, abafokazi babejabulela amalungelo amaningi, njengokuhlanganyela ekwakhiweni kwethempeli likaNkulunkulu eJerusalema.—1 IziKronike 22:2.
Umthetho owawunikezwe amaIsrayeli wawukwenqabela ukuphinga, ukubulala, nokuhaha. Lemiyalo, kanye ‘nanoma yimuphi omunye umyalelo okhona,’ wawungafushaniswa kulesimiso, “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Umphostoli uPawulu wenezela: “Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.”—Roma 13:9, 10.
Uma uMthetho wawubeka isisekelo soMthetho Wegolide, kuthiwani ‘ngabaprofethi’?
Ngokufanayo izincwadi zesiprofetho zemiBhalo yesiHeberu ziqinisekisa ukusebenza koMthetho Wegolide. Zibonakalisa uJehova njengoNkulunkulu oyigcwalisa ngokwethembeka injongo yakhe. Ubusisa izinceku zakhe ezithembekile okuthi, nakuba zingaphelele, zizame ukwenza intando yakhe futhi zibonise ukuphenduka kweqiniso ezenzweni zazo zokuphambuka. “Gezani, nihlanzeke, nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami, niyeke ukwenza okubi. Fundani ukwenza okuhle, nifune ukwahlulela, niqondise abacindezeli, nahlulele izintandane, nimele umfelokazi.”—Isaya 1:16, 17.
Lapho abantu bakaNkulunkulu babenza okulungile kwabanye nakuye, khona uJehova wayeqinisekisa ukusekela kwakhe. “Usho kanje uJehova, uthi: Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga. . . . Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho.”—Isaya 56:1, 2.
UKristu Uqondisa Ibandla Lakhe
UKristu wezela ukuzogcwalisa uMthetho nabaProfethi, futhi kusukela ngesikhathi sakhe, injongo kaJehova yaphakade iye yaqhubeka ithuthuka. (Mathewu 5:17; Efesu 3:10, 11, 17-19) UMthetho kaMose omdala uthathelwe isikhundla isivumelwano esisha, esihlanganisa kokubili amaKristu agcotshiwe angamaJuda naweZizwe. (Jeremiya 31:31-34) Noma kunjalo, ibandla lobuKristu losuku lwethu lisawulandela uMthetho Wegolide. Futhi nasi isizathu esengeziwe sokwamukela ukusebenza kwalomthetho: UKristu uyiNhloko esebenzayo yebandla lobuKristu lanamuhla. Akakayishintshi imithetho yakhe. Isiyalo sakhe esiphefumlelwe sisesihle namanje.
Ngaphambi kokuba ahambe kulomhlaba, uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba benze abantu bazo zonke izizwe abafundi nokuba babafundise “ukugcina konke enginiyalé ngakho.” Lowomyalo wawuhlanganisa noMthetho Wegolide. UJesu waqinisekisa abafundi bakhe: “Bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.”—Mathewu 28:19, 20.
Njengoba kulotshwe kuLuka 6:31, uJesu wayala: “Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.” Yeka isibonelo esihle uJesu asibeka ekuthatheni isinyathelo sokuqala ekwenzeni okuhle kwabanye!
Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wakuphawula ngokucophelela lakho abantu okwakumelwe bakubekezelele, futhi wazwelana nabo. Phakathi nolunye uhambo lwakhe lokushumayela, wabona izixuku futhi waba nesihe ngazo. Kodwa ngaphezu kwalokho, wenza amalungiselelo okuzisiza. Kanjani? Ngokuhlela umkhankaso omkhulu wokushumayela owayisa abafundi bakhe emakhaya abantu. Njengoba ayala: “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke.” Ukuthi lomsebenzi wayewusekela futhi ubusiswa uYise kubonakala ngokucacile emazwini kaJesu aqhubekayo: “Onamukela nina uyangamukela mina; owamukela mina uyamamukela ongithumileyo. . . . Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe-munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”—Mathewu 9:36–10:42.
Ukuthi uMthetho Wegolide usho ukwenzela abanye isenzo esihle kubonakala ngamazwi kaJesu ngesinye isikhathi: “Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo. Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho. Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, . . . nomvuzo wenu uyakuba-mkhulu.” (Luka 6:32, 33, 35) Ngakho-ke, ukugcina uMthetho Wegolide osasebenza kuyosishukumisela ukuba sithathe isinyathelo kuqala sokwenza okuhle ngisho nakubantu esingabazi thina siqu.
Usasebenza
Mhlawumbe ubufakazi obungujuqu bokuthi uMthetho Wegolide usasebenza buvela kokuhlangenwe nakho okungokoqobo kwalabo abaphila ngawo. AmaKristu nsuku zonke aziphatha ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu athola injabulo enkulu, ngokuvamile, nezibusiso ezingalindelekile. Ngokuba nenhlonipho nomusa ezisebenzini zasemthola-mpilo ayewuhamba, owesifazane othile ongumKristu wathola ukuthi wayezuza ngendlela abahlengikazi nodokotela ababezikhathaza ngayo ukuze bamnakekele.
OFakazi BakaJehova abahileleke emisebenzini yokwakha amaHholo oMbuso asheshayo nabo bangakufakazela ukusebenza koMthetho Wegolide. Ukuhambela komusa abantu abahlala eduze nendawo yesakhiwo ngenjongo yokubazisa ngalokho abaceba ukukwenza ngokuvamile kuba nemiphumela emihle. Ngaleyondlela abantu ababebaphikisa oFakazi ngaphambili bayaphawula ukuthi babenzela okuhle omakhelwane babo, futhi bazibonela ngawabo indlela abantu bakaNkulunkulu ababambisana ngayo emsebenzini wabo. Ngenxa yalokho, abanye baye bazicelela ukusiza ekwakheni, ngokuqondile noma ngokunikela ngezinto zokusebenza.—Qhathanisa noZakariya 8:23.
Lapho uFakazi waseIran ohlala eLondon, eNgilandi, ethenga ukudla esitolo, umnini-sitolo wamethuka ngoba engowakwelinye izwe. Engadangele, ngomusa nangokuhlakanipha uFakazi wachaza ukuthi yena, njengomunye woFakazi BakaJehova akazizondi ezinye izizwe. Kunalokho, uhambela bonke omakhelwane bakhe nesigijimi seBhayibheli. Umphumela waba yini? Umnini-sitolo wafaka izibiliboco ezengeziwe e-odeni lokudla laloFakazi.
Yiqiniso, uMthetho Wegolide awugcini ezenzweni ezinjalo ezincane zomusa. Ngokuqinisekile, ukubonakaliswa kwawo okukhulu kakhulu yisenzo esihle oFakazi BakaJehova abasenzayo emhlabeni wonke sokuvakashela amakhaya omakhelwane babo njalo nesigijimi sezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.
Ukuphila NgoMthetho Wegolide
Ukusebenzisa uMthetho Wegolide kusho ukunaka abanye. Kuyisiqondiso sokuba wenze. Kuyodingeka ukuba ufune amathuba okwenzela abaseduze kwakho okuhle. Yiba nobungane futhi ukhathalele, ube nesithakazelo somuntu siqu kubo! (Filipi 2:4) Ngokwenza kanjalo, uyovuna izibusiso ezicebile. Uyobe ulandela iseluleko sikaJesu: “Makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.” (Mathewu 5:16) Ngenxa yalokho uJehova uyoba uMvuzi wakho njengoba umfuna ngobuqotho futhi uphila nsuku zonke ngoMthetho Wegolide.—Heberu 11:6.