Izinqumo Zesibindi Ziveza Izibusiso KwelaseSuriname
NGESINYE isikhathi, iSuriname ‘yayingelinye lamazwe aseCaribbean acebe kunawo wonke,’ kwaphawula umagazini wezindaba wamazwe onke iSouth. Inzuzo etholakala ngokuthengiswa kwebauxite, izinkalankala ezidliwayo, ilayisi, ubhanana, namapulangwe ayizicaba, kusekelwa isimiso sokuthuthukisa, yayinikeza izakhamuzi eziyizi-400 000 zalelizwe elaliyikoloni lamaDashi ukuchuma okudlula okwabaningi omakhelwane bazo.
Nokho, phakathi nawo-1980 ezonomtho zehla. Inala yaphenduka yaba indlala, nemigqa yokudla emide yaba yinto evamile. Ngo-1986 ukugqashuka kwempi yabashokobezi kwaphoqelela izakhamuzi eziyizinkulungwane ezingaba yishumi ukuba zisuke empumalanga Suriname zibalekele eFrench Guiana engumakhelwane, ukuba ziqalise ukuphila kabusha lapho emakamu ababaleki. Phakathi nalesikhathi, izingxenye ezinkulu zehlathi—eliyikhaya lamaBush Negro nama-Amerindians angaba izi-50 000—zalawulwa abashokobezi, okwenza ukuba ukuthatha uhambo oluvamile ungena kulo kube ingozi. Lezinguquko, ngokusho kwalomagazini iSouth, zashiya lelizwe likhubazekile.
Ingabe lezozimo zawukhubaza nomsebenzi woFakazi BakaJehova? Ngokuphambene, baye bawuqhubekisela phambili umsebenzi wabo. Ngokwesibonelo, inani loFakazi liye lanyuka lisukela ema-920 ngo-1980 kuya ngaphezu kwe-1 400 namuhla. NgoApril 1989 kwakunamaphayona asizayo angama-338—cishe amaphesenti angama-25 oFakazi bangalesosikhathi. Nokho, izibusiso ezinjalo zaba khona kuphela ngenxa yesibindi, ubuqotho, nothando oFakazi abakubonisa ngaphansi kovivinyo. Nazi ezinye izibonelo zamuva zendlela izinqumo zesibindi ezaletha ngayo izibusiso ezicebile eSuriname.
Isinqumo Esasindisa Ukuphila Kwakhe
ULumey Hoever, iphoyisa eliyisidlakela elisondela eminyakeni engama-40 futhi elingomunye woFakazi BakaJehova, wanquma ukuba awuyeke umsebenzi wakhe naphezu kwesimo esibi sezomnotho. Ngani? ULumey uyachaza:
“Selokhu ngafunda isihloko seNqabayokulinda esasisiqaphelisa ngezingozi ezihlobene nokuphatha izibhamu, ngazi ukuthi kuyodingeka ukuba ngiwuyeke lomsebenzi.a Nokho, ngangabaza, ngoba nginonkosikazi nabantwana okumelwe ngibanakekele. Nokho, lapho ngisihlehlisa isinqumo sami, yilapho unembeza wami wawungihlupha kakhulu khona. ‘Uma inhlangano kaJehova inginxusa ukuba ngikucabangele ngokungathi sína ukufaneleka kwalulohlobo lomsebenzi, kumelwe ukuba kunesizathu esihle,’ ngazikhumbuza. Ngakho ngoJanuary 1986, nganquma.”
Kodwa umphathi wamaphoyisa akavumanga ukumdedela, ethembisa ngisho nokumabela eTamanredjo, okuyisiteshi esithandwa kakhulu esiseduze nenhloko-dolobha. Kodwa uLumey wayesenqumile. Wabhalela ungqongqoshe wamaphoyisa, wachaza izinkolelo zakhe ezingokwenkolo, wayesecela ukuba adedelwe. NgoApril 1986 yafika impendulo: ‘Isicelo sivunyiwe!’
Ngokushesha uLumey wathola umsebenzi eMnyango Wezamahlathi. Iholo lalingelihle njengelokuqala, kodwa wayesenesikhathi esengeziwe sokuhamba nomkhaya wakhe aye emihlanganweni eHholo LoMbuso. Kwadlula izinyanga eziyishumi. Ngolunye usuku, ngemva kokusebenza usuku lonke epulazini lomkhaya, uLumey nomfowabo babesendleleni beqonde ekhaya. Uyalandisa:
“Lapho sisondela ekhaya, ngabona amadoda amabili agqoke izingubo ezimadlakadlaka, ebophe izikhafu emakhanda awo. ‘Kon dja (Wozani lapha),’ asimemeza ngesiSuriname. Njengoba ngangisondela kuwo, kwavela indoda yesithathu eyayiphethe isibhamu silenga ebhandeni lasehlombe. Yingalesosikhathi kuphela lapho kwasa khona kimi: abashokobezi!
“Bangibheka phansi naphezulu. Enye yalamadoda afake izikhafu yayisimemeza: ‘Ngiyamazi lomuntu. Uyiphoyisa!’ Ubuso bawo banyukubala. Imizuzwana embalwa, sagqolozelana. Ngabamba umoya. Ngase ngizwa umsindo osholo phansi. Khaxa, khaxa—lendoda yesithathu yayilungiselela ukudubula ngesibhamu sayo. Kancane kancane, yasibhekisa esifubeni sami ilungela ukungibulala. ‘Ungadubuli! Wenza iphutha. Angiselona iphoyisa,’ ngisho ngokushesha.
“Ngemva kwalokho ngabona enye inqwaba yabashokobezi abahlomile ngemva kwendlu. Enye yawo—indoda eyisidlakela eyayibhince indwangu yokhalo, iqimbile amabhande amabili ezinhlamvu zesibhamu ephambana esifubeni sayo, futhi iphethe ivolovolo ngesandla—yasondela. Yabuza ngenkani, ‘Uthi awuselona iphoyisa. Kungani?’ Ngokushesha ngazisho ukuthi ngingomunye woFakazi BaJehova. ‘OFakazi abaziphathi izikhali,’ ngachaza, ‘ngakho ngawuyeka umsebenzi wami njengephoyisa futhi manje ngisebenza eMnyango Wezamahlathi.’ Ngenezela, ‘asithathi-hlangothi kuzo zonke ezombangazwe.’
“Lapho ezwa ukuthi nginguFakazi, ubuso bakhe bakhululeka kancane. Ngazibuza, ‘Ingabe uzongikholelwa?’ Khona-ke kwafika umfowethu omncane. Indoda ebhince indwangu yokhalo, ngokusobala engumphathi wabo, yaqala ukumhloma ngemibuzo. Ngemva kokuba umfowethu efakazele amazwi ami, lomphathi wabonakala enelisiwe. Wathi komunye umshokobezi, ‘Saka yu gon! (Yehlisa isibhamu sakho).’ Ngazizwa ngikhululekile. Ngathandaza ‘Ngiyakubonga, Jehova, ngokungivikela!’”
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, uLumey wezwa okunye okushaqisayo. Amadoda angaziwa ahlome ngezibhamu abulale amaphoyisa amathathu esiteshini samaphoyisa saseTamanredjo, lapho kanye umphathi wamaphayisa ayemthembisa ukumabela khona! “Ukube ngangingasinakanga iseluleko esasikuleso sihloko seNqabayokulinda, ngabe ngifile manje,” kusho uLumey. Khona-ke uyanezela ngokubonga: “Ngempela uJehova uyazivikela izinceku zakhe.”
Uthando Lwamshukumisela Ukuba Ahlenge Abafowabo
Lapho kugqashuka impi ngo-October 1986, phakathi kwamabutho kahulumeni nabashokobezi edolobheni laseMoengo okumbiwa kulo ibauxite, uFrans Salaoema, umBush Negro oseminyakeni yama-40, kwadingeka ukuba anqume ukuthi yini azoyenza. Ekugcineni, yena, nomkakhe okhulelwe, namadodana akhe ayisikhombisa, kanye nabanye ababesuka kulelodolobha, babaleka ngezindledlana zasehlathini bawela uMfula obanzi iMaroni bawelela eFrench Guiana ephephile.
Noma kunjalo, uFrans wayekhathazekile. Akatholanga Fakazi wasebandleni lakubo phakathi kwababaleki. Wazibuza ‘Bakuphi? Kufanele yini ngiyobafuna?’ Kodwa lokho kwakungaba ingozi. Iningi labashokobezi kwakungamaBush Negro. Wacabanga, ‘Uma amasosha kahulumeni engibona nginyonyoba ehlathini, kuphelile okwami.’ Nokho, wanquma ukubuyela emuva ayofuna abafowabo abangamaKristu. Watshela abanye boFakazi abaseFrench Guiana: “Ngesonto elizayo, niwele umfula ningilande.”
Ngemva kwesonto elilodwa bawela kodwa uFrans wayengekho. Balinda kwaze kwaba usuku olulandelayo. Wayesalokhu engekho uFrans. “Masihlaleni obunye ubusuku,” benquma. Khona-ke uFrans wafika neqembu loFakazi. Kwakwenzekeni?
“Ngemva kokuthola abazalwane,” kulandisa uFrans, “sawela lapho impi ishisa khona, sangena ehlathini, salibangisa emngceleni.” Kodwa babebanjwe yini? UFrans wakhomba amakhathoni amathathu ayefike nawo. Wayeye enhloko-dolobha ukuze atholele oFakazi abangababaleki izincwadi zeBhayibheli. Abazalwane ababelindile bajabula kakhulu. Ngalo lolosuku, uFrans, oFakazi abahlengiwe, namakhathoni amathathu bawela umngcele ngokuphepha.
Kamuva, uFrans wathatha olunye uhambo ukuze ayosiza oFakazi abengeziwe. Ekugcineni, oFakazi abangama-37 bawela umngcele futhi bahlala emakamu ababaleki. UFrans wahlaliswa endaweni ngaphambili eyayingeyabaphethwe uchoko eFrench Guiana, lapho ababaleki kungadingeki ukuba benze lutho olunye ngaphandle kokuba bantengantenge emibhedeni yabo elenga ezingodweni futhi baphebeze omiyane.
Nokho, uFrans nomkhaya wakhe babengahleli nje bengenzi lutho. Ngokushesha ngemva kokufika ekamu, uFrans (manje owayesengubaba wendodakazi futhi) baba matasa beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kulabantu abaneshwa. Ngenxa yethonya lakhe elihle, waze wanikwa ngisho nemvume yokuhamba ngesithuthuthu ayoshumayela nakwamanye amakamu. Waba yini umphumela? Namuhla uqhuba izifundo zeBhayibheli eziyi-14 nabanye ababaleki akanye nabo. Abathathu babo sebebhapathiziwe kakade!
Akazange Ahlehle
“Ngizobuya ngemva kwamasonto amabili nokunye ukudla,” kwasho uVictor Wens, iphayona elikhethekile elineminyaka engama-58 ubudala. Wayeshiya umkakhe nabanye abafundi beBhayibheli emzaneni wasehlathini enkabeni yeSuriname. Lokho kwakungoJune 1987, njengoba ayelibangisa enhloko-dolobha.
Ngesikhathi umkaVictor nabanye babemvalelisa, izikhwama zabo zelayisi zase zizophela. Impi yabashokobezi yayinqamule ukutholakala kwazo zonke izinto. Ngokushesha kwakuzoba nendlala. Nokho, baqaphela ukuthi uhambo lukaVictor ngesikebhe lwaluyingozi. Wayengase athelwe amachaphazelo empi noma kucatshangwe ukuthi ungumshokobezi. ‘Ingabe uzobuya ephephile?’ bazibuza njengoba umsindo wenjini yesikebhe wawunyamalala.
Ngemva kwamasonto amabili, umkaVictor wahlola emfuleni—kodwa uVictor wayengafaniswa ndawo. Kwadlula amanye amasonto engeziwe. Ukudla kwaphela, futhi wagula. Wathandaza, “Ngiyakucela, Jehova, vikela umyeni wami.” “Kwangathi angabuya!” Kwadlula izinyanga ezintathu. UVictor wayengakabuyi. Kwakonakeleni?
“Ngemva kokufika enhloko-dolobha,” kulandisa uVictor kamuva, “ngayithola imvume yokuthenga ukudla nowoyela kwezinyanga eziyisithupha. Ngase ngicela imvume yokuphindela ekhaya. Isikhulu esasiphethe sathi: ‘Ungahamba, kodwa sitholele ukuthi abashokobezi bacashe kuphi, bese ubuya uzositshela.’ Inhliziyo yami yadangala. Ngathi, ‘Anginakukwenza lokhu, uJehova akafuni ukuba sithathe uhlangothi kwezombangazwe. Thina boFakazi asithathi-hlangothi.’ Saphendula: ‘Uma kunjalo, awuyi ekhaya.’
“Masonto onke ngangiphindela ngiyocela imvume, kodwa impendulo yayilokhu ifana. Phakathi nalesikhathi, ngezwa ukuthi umkami uyagula. Ngafisa ukuphindela ekhaya ngiyomnakekela. Nokho, ngangingafuni ukuhlehla. Ngazizwa ngingenalusizo.
“Lapho ngiphindela futhi, ngamangala lapho bethi ngingahamba. Bachaza ukuthi babenikeze abefundisi abathile bamaPentecostal abasuka endaweni engangihlala kuyo imvume yokubuyela emuva, futhi ngingahamba nabo. Ngijabula, ngaqala ukwenza amalungiselelo kwaze kwaba yilapho ngizwa ngomunye umngane wami ukuthi labafundisi babevumile ukuba yizinhloli. Njengoba ngangingafuni ukwenza kubonakale sengathi oFakazi BakaJehova bayingxenye yalelolungiselelo, ngaluyeka loluhambo. Ngaphinda ngavaleleka futhi.”
Ekugcineni kwazikhanyela izikhulu ukuthi uVictor wayengeke azilahle izinkolelo zakhe. Ngesikhathi esilandelayo eya kuzo, zamnikeza imvume.
Ekugcineni, ngo-October 1987, iqembu elincane loFakazi lezwa umsindo wenjini yesikebhe basibona siqhamuka sithwele sinyinyitheka. “Ngadabuka lapho ngibona umkami,” kulandisa uVictor. “Wayezacile. Nokho, naye wayejabula ngokuthi angihlehlanga.”
“Isinqumo sikaVictor sesibindi siye saba isibusiso kithi,” kuphawula isikhonzi esijikelezayo esisebenza maphakathi nezwe. “Izikhulu nabashokobezi baye bafunda ukuthi oFakazi BakaJehova abathathi-hlangothi. Manje bayawuhlonipha umbono wethu, futhi umsebenzi wethu uyachuma.”
Bashada NgoLwesithathu, Babhapathizwa NgoMgqibelo
“Musani ukuba yizilima,” kucindezela izihlobo. “Musani ukushada!” Amadoda ayisithupha esizwe sama-Aucaner Bush Negro, echosheni lezwe eliseningizimu mpumalanga, ayeyiqonda imizwa yezihlobo zawo. Futhi-ke, isiko lesizwe lithi indoda mayingashadi, kanjalo ingamshiya lowo wesifazane noma nini lapho ithanda. Nokho, njengoba ayefundile ekutadisheni kwawo iBhayibheli ngombono kaJehova ngobufebe, lamadoda ayesekulungisile ukucabanga kwawo, amelana nokucindezela komphakathi, futhi anquma ngesibindi ukuba ashade ngendlela efanele.
Noma kunjalo, kwakusenezithiyo. Izimo zempi zazilivalile iHhovisi Lokubhalisa elaliphakathi nezwe, futhi ukuya enhloko-dolobha kwakungenakwenzeka. Laba abayisithupha ababezoba omakoti babefisa futhi ukugqoka izingubo zomshado zangempela ngosuku lwabo lomshado. Lokhu kwabonisa isithakazelo sabantu bendawo ohlotsheni olunjalo lokugqoka, ngisho nakuba ingubo enjalo ingadingeki ngempela ngamaKristu.b Amadoda azibuza, ‘sizozitholaphi izingubo zomshado kuduk’ athole wehlathi?’ Nokho, izinqumo zesibindi ezenziwa ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli zaletha izibusiso. NgoLwesithathu, September 16, 1987, omakoti abayisithupha abagqoke izingubo ezinhle zomshado nabakhwenyana abayisithupha abagqoke amasudi amahle bashadiswa. Kwenzeka kanjani lokho?
“NgoSeptember, salungiselela umhlangano wesigodi eSt. Laurent, eFrench Guiana, sase simema oFakazi abahlala maphakathi nezwe,” kuchaza uDaniël van Marl, omunye wezikhonzi ezijikelezayo ezaziphethe imishado. “Lowomhlangano wavula ithuba lokushada.”
UCecyl Pinas, ilungu leKomiti Yegatsha elinakekela umsebenzi maphakathi nezwe uyachaza: “Ngavakashela umkhaya waseBethel eNetherlands ekuqaleni kwalowonyaka ngakhuluma ngaleyomishado eyayizoba khona. Ngemva kokuba ngiphawulile ukuthi sisebenzisa ingubo eyodwa izikhathi eziningi, njalo silokhu siyilungisa ukuze ilingane umakoti ngamunye, odade abane baseBethel ngokuzithandela banginikeza izingubo zabo zemishado njengezipho eziya ‘kodadewabo’ eSuriname. Ngathinteka kakhulu. Kamuva, emhlanganweni eNetherlands, kwanikelwa ngezingubo ezengeziwe.”
Ekuseni ngosuku lomshado, kwakusadingeka ukuba zilungiswe. “Ngokushesha sanweba ukhalo lwezinye izingubo salungisa ubude bezinye, kodwa saqeda kungakephuzi,” kusho uMargreet van de Reep.
Lapho imishado isiphelile, imibhangwana emihlanu yabasanda kushada yayisilungele esinye isinyathelo. NgoMgqibelo ngalo lelosonto, yabhapathizwa eMfuleni iMaroni. Babelangazelele ukubuyela emuva emadolobhaneni akubo asehlathini beyimibhangqwana eshadile ukuze benze ingxenye yabo emsebenzini wokushumayela. Ingabe uJehova wasibusisa isinqumo sabo?
“Leyomibhangqwana yabonisa umphakathi ukuthi thina boFakazi siyakwenza lokho esikushumayelayo,” kusho uNel Pinas, owaqalisa umsebenzi wokushumayela kuyo leyondawo ngo-1967. “Isinqumo sabo sokushada ukuze babe ngamaKristu eqiniso siye sabanga isithakazelo emadolobhaneni akude. OFakazi lapho manje bagwedla izikebhe zabo emifuleni yalapho esingakaze sishumayele khona, bethola abantu abengeziwe abafunayo ukufunda ngoJehova.”
Ngempela, izinqumo zesibindi zikaLumey, uFrans, uVictor, nabanye abaningi ziye zabalethela izibusiso ezinhle bona kanye namanye amaKristu abakanye nawo eSuriname nakwezinye izindawo. Okuhlangenwe nakho okunjengalokhu kulibonisa ngokuphindaphindiwe iqiniso lesaga seBhayibheli: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”—IzAga 3:5, 6.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Funani Ukuthula Nikujonge” kuyiNqabayokulinda kaJanuary 1, 1984, amakhasi 21-27.
b Bheka isihloko esithi “Imishado YobuKristu Eletha Injabulo,” kuyiNqabayokulinda kaOctober 15, 1984, amakhasi 21, 22.
[Amabalazwe/Isithombe ekhasini 24]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ATLANTIC OCEAN
GUYANA
SURINAME
PARAMARIBO
Tamanredjo
Moengo
St. Laurent
Maroni River
FRENCH GUIANA
BRAZIL
300 km
200 mi
[Isithombe ekhasini 25]
Izithombe ezimbili zeHholo LoMbuso elihle engxenyeni yezwe ekude
[Isithombe ekhasini 26]
Isikebhe sohlobo lwaseSuriname