Ingculaza—‘Ingabe Ukuqala Kokuziphatha Okusha’?
NGEMVA kokuveza ukuthi udokotela wezokwelapha wayethé ‘ubuhlobo nomuntu oyedwa kuphela’ ukuphela kwendlela yokuvimbela ukungenwa ingculaza ngobulili, umbhali wohlelo lwephephandaba waseCanada uyabuza: “Ingabe ingculaza eyesatshwayo iyisiqalo sokuziphatha okusha ngokuphelele ezweni lethu?” Umbhali wayezibuza, futhi, ukuthi ‘akumangalisi’ yini ukuthi lokho iBhayibheli ebelilokhu likufundisa iminyaka eminingi, okungukuthi, ukuba nomlingane womshado oyedwa, “manje kungasho ukuqhubeka kwesintu siphila.” Libhekisela futhi ezweni lanamuhla ‘lemilaliso, ugwayi, utshwala nokunye okungekuncane, isifiso sobulili eseqile,’ loluhlelo luthi: “Manje siyakhokha ngezwe elinezithombe ezingcolile, ukuziphatha okubi ngokobulili, nelonakalisayo esilakhile.”
Nakuba kukuhle ukuthemba ukuthi kuyoba nentuthuko ekuziphatheni nokuthi siyoqhubeka siphila, ingabe kumane nje kuwukwesaba ukufa ngokushesha noma ukuphela kwesintu okuyoveza “ukuziphatha okusha ngokuphelele”? Cha, ngoba naphezu kwezixwayiso ezivela kodokotela nakubacwaningi, abantu abaningi ababhemayo nabaphuza kakhulu utshwala bayaqhubeka ngobuwula besebenzisa kabi impilo yabo, beqeda ukuphila kwabo ngaphambi kwesikhathi. Futhi abanye ongqingili baye bathi bayoqhubeka nabangane abaningi ngisho noma bezibeka engozini yokungenwa ingculaza.—IzAga 10:21, 23.
Khona-ke, yini eyokuvimbela ngokuphelele ukwenza okubi? Ngokuqinisekile, ukumesaba okunempilo nokumhlonipha uJehova, okubonakala ngokuthobela imithetho yakhe ngokuziphatha. “Ukumesaba uJehova kungukuqala kokwazi.” Futhi loluhlobo lokwazi luveza ukuhlakanipha ‘okukulondoloza’ ngempela “ukuphila kwalowo onakho.”—IzAga 1:7, NW; UmShumayeli 7:12.
Ngokuphawulekayo, lomhleli, ephawula ukuthi ingculaza ingatholakala ngokumpontshelwa igazi, wabuza futhi: “Akukhona yini okuhlekisayo ukuthi thina esiye sabagxeka ngokungagunci oFakazi BakaJehova ngokwenqaba ukumpontshelwa igazi . . . manje singase senze khona lokho kanye ngezinye izizathu?”