Angcono Kunanoma Imuphi Umuthi
“Sekuyiminyaka eyishumi ngiguliswa ischizophrenia, isifo sengqondo esibi kakhulu,” kubhala owesifazane waseOhio, eU.S.A. “Bekudinga imithi ukuze ngikwazi ukuqhubeka. Muva nje umzimba wami ubungasezwani nemithi, ngakho kunzima ngami ukuba ngilale.
“Ngobunye ubusuku ngaphambi kokuba ngilale, ngavulela amaKingdom Melody. Angiyikholelwanga indlela lokhu okwakuthoba futhi kuphumuza ngayo. Okungcono kakhulu kunalokho, lapho ngiphaphama phakathi nobusuku futhi ngizwa lezozingoma zisholo phansi ngomsindo ophumuzayo, ngibonga uJehova, ‘Oh, ngokuqinisekile uyazi ukuthi yini ejabulisa abantu bakho!’ Ngiphinde ngilale futhi. Ngikholelwe, kungcono kunanoma imuphi umuthi engingawuphuza.”
Nawe futhi ungazuza kulamalungiselelo omculo aqabulayo. Ngayinye yamakhasethi ayisishiyagalombili, amaKingdom Melody No. 1, 2, 3, 4, 5, 6, 7, no-8, ngu-R6 kuphela futhi idlala isikhathi esingaba ihora elilodwa. Yemukela amakhasethi ahlelwe lapha ngezansi ngokugcwalisa nangokuthumela isiqhebhezana esingezansi.
Sizani ningithumelele ikhasethi noma amakhasethi aphawulwe ngezansi, iposi selikhokhelwe. Ngekhasethi ngayinye e-odiwe, ngifake u-R6 wokuhlangabezana nezindleko.
[ ] Kingdom Melodies No. 1 [ ] Kingdom Melodies No. 2
[ ] Kingdom Melodies No. 3 [ ] Kingdom Melodies No. 4
[ ] Kingdom Melodies No. 5 [ ] Kingdom Melodies No. 6
[ ] Kingdom Melodies No. 7 [ ] Kingdom Melodies No. 8