Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 7/15 kk. 26-29
  • Ukuhlangabezana Nenselele Yensimu Endala Kakhulu Emhlabeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlangabezana Nenselele Yensimu Endala Kakhulu Emhlabeni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Ukuhlangabezana Nenselele
  • Izithelo ZoMbuso Ezikhiqiziwe
  • Amanani Amasha Aphakeme Ensimini Endala Kakhulu
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 7/15 kk. 26-29

Ukuhlangabezana Nenselele Yensimu Endala Kakhulu Emhlabeni

“UMBUSO wezulu ususondele.” Kubamemezeli ‘bezindaba ezinhle’ abangama-370 eMbusweni wanamuhla wakwaIsrayeli, ukumemezela lesosigijimi kunokubaluleka okukhethekile. Ngani? Ngoba kwakulapha lapho isigijimi soMbuso samenyezelwa khona okokuqala uJesu Kristu eminyakeni eyizi-2 000 edlule. (Mathewu 4:17; 24:14) Lokho kwenza i-Israel ibe insimu endala kakhulu emhlabeni okushunyayelwa kuyo izindaba ezinhle.

Nokho, zisuka nje, lena iye yaba yinsimu eyinselele. Nakuba abaningi babonisa isithakazelo esigijimini sikaJesu, bambalwa abenza okungaphezu kwalokho. (Johane 6:2, 66) Namuhla, inselele iwukuhlukahluka kwezinkolo, impucuko, nemibono yezombangazwe.

Ngakolunye uhlangothi, kunama-Arabu ayizigidi ezingu-2,2. Phakathi kwawo kunamaKristu okuzisholo, amaSulumane aphila noma angaphili ngobuSulumane, amalungu okholo lobuDruze, nabangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu abaziwayo. Futhi bahlukene ngezindlela eziningi ngokwezombangazwe, abanye bethanda ukumiswa kwezwe lasePalestina elizimele-geqe oGwini oluseNtshonalanga eNhlonhlweni yaseGaza.

Ngakolunye uhlangothi, kunamaIsrayeli angamaJuda ayizigidi ezingu-3,5, nawo ahlukene ngezindlela eziningi. Amanye athuthela khona evela eMorocco, eYemen, eIraq, naseSiriya. Amanye aye afika evela eYurophu naseRashiya. Amanye avela eNdiya, eMelika, eTiyopiya, eNingizimu Afrika nakwezinye izindawo. Ahlala phakathi kwemiphakathi enemikhuba namasiko awo kanye nencazelo yawo ehlukile yobuJuda nendlela yokuphila ngabo.

Ngokwesibonelo, kunomfundisi omkhulu wamaJuda angama-Ashkenazi (eYurophu) nomunye wamaJuda angamaSephardi (eMpumalanga Ephakathi). Nakuba iningi libonisa isithakazelo esijulile ezimpikiswaneni zezombangazwe, kunamaJuda ayishabashekela ngokujulile inkolo angakuqapheli ngisho nokukuqaphela ukuba khona koMbuso wakwaIsrayeli futhi enqabe ukukhokha izintela. Bese kuba nabasinda ekuQothulweni Kwesizwe samaJuda eJalimane, abaningi babo abasahlushwa imiphumela yokushushiswa kwabo esikhathini esidlule, ngamunye enokuhlangenwe nakho kwakhe siqu okuzwisa ubuhlungu kokukulandisa. Futhi, abaningi ngokwengeziwe bazisholo ukuthi abakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, bebambelela ohideni lwamafilosofi abantu. Umucu owodwa ohlanganise umphakathi wamaJuda ukusinda kwawo njengabantu nokuba khona kwezombangazwe.

Ukuhlangabezana Nenselele

Ngemva kokunqamuka iminyaka engaphezu kweyizi-1 800, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wabuye waqaliswa lapha ngezinga elincane ngo-1913. Ngalesosikhathi, insizwa eyayinesithakazelo eBhayibhelini yaqala ukuhlwanyela imbewu yoMbuso eRamallah, cishe amakhilomitha ayishumi nesithupha ukuya enyakatho yeJerusalema. Kusukela lapho izindaba ezinhle zasakazekela ezakhamuzini ezingama-Arabu zaseBeit-Jala naseHaifa. Ngokushesha ngemva kweMpi Yezwe II, odade ababili abangoFakazi besizinda samaJuda bawuqalisa kabusha umsebenzi endaweni yaseTel Aviv/Jaffa. Namuhla, kunamabandla ayisithupha namaqembu amabili oFakazi BakaJehova abakhonza eHaifa, eTel Aviv, eBethlehem, eRamallah, eLod, nasendaweni yaseBeer-Sheba.

Njengoba kwakunjalo emakhulwini eminyaka ayi-19 adlule, inkonzo yendlu ngendlu iseyindlela ephumelela kakhulu yokuthola labo abanesithakazelo ezindabeni ezinhle. (Luka 8:1; qhathanisa nezEnzo 5:42.) Eqinisweni, uma kuqhathaniswa namanye amazwe athile, kuyinjabulo ukufakaza ngalendlela lapha. Ngokuvamile, abantu banelukuluku lokwazi ngesigijimi sethu futhi bamemela abamemezeli boMbuso ezindlini ukuze baxoxe nabo. Lelilukuluku lokwazi ngokuvamile liholela ekuhanjisweni komagazini bethu nezinye izincwadi zeBhayibheli. Ngokuvamile, izincwadi ezinjalo omakhelwane babolekisana ngazo, kuphumele ekubeni abanye abantu bafunde ngeqiniso leBhayibheli.

Nokho, lelilukuluku lokwazi elifanayo ngokuvamile liba usongo embewini yeqiniso ehlumayo ezinhliziyweni zabasha. (Mathewu 13:20, 21) Omakhelwane, abangane, futhi ikakhulukazi abaholi benkolo benza okusemandleni ukuba bacindezele, bahleke usulu, besabise, futhi kwezinye izimo balimaze ngokomzimba labo ababonisa isithakazelo esigijimini soMbuso. Ngenxa yalokho, abanye baye balahlekelwa imisebenzi yabo, kanti abanye balahlwe ngokuphelele abangane nemikhaya. Labo abama beqinile babe oFakazi BakaJehova kumelwe babekezelele ukuphikiswa okunzima.—Qhathanisa noJohane 9:22.

Ukuphikiswa kufika nangezinye izindlela. OFakazi abangamaJuda baye bahlaselwa isixuku. Ihhovisi legatsha neHholo LoMbuso eTel Aviv neHholo LoMbuso eHaifa kuye kwaba izisulu zabaceki. Manje kunokucindezela okukhulu kokubili koFakazi abangama-Arabu nabangamaJuda ukuba bathathe uhlangothi empikiswaneni yezombangazwe yokumiswa kombuso wasePalestina. Belondoloza ukuma kokungathathi-hlangothi ezindabeni ezinjalo, abazalwane bachaza ngokuhlakanipha ukuthi akukho-nhlangano yabantu ekwazi ukuxazulula izinkinga zesintu esinezinkinga. Kunalokho, belingisa uMholi wabo, uJesu Kristu, oFakazi bakhomba eMbusweni kaNkulunkulu njengowukuphela kwekhambi.—Johane 17:16; 18:36.

Izithelo ZoMbuso Ezikhiqiziwe

Naphezu kwezinselele kulensimu yokufakaza endala kakhulu, labo ‘abezwa izwi, baliqonde’ bayaziveza izithelo zoMbuso kulensimu. (Mathewu 13:23) “Bakhona abantu abomele iqiniso, abangabathandi bokulunga, abalifunisisa ngokoqobo,” kuphawula esinye isikhonzi sesikhathi esigcwele esingumakadebona. “Abathonywa imibono noma ukucindezela okuvela kwabanye. Uma kuvela ithuba lokufunda iqiniso, balisebenzisa ngokushesha.” Okuhlangenwe nakho okuningi kuyalifakazela leliphuzu.

Njengoba ayekhulele esigodlweni senkolo eGrisi, uBenvenida wahlatshwa umxhwele ngokujulile ilokho iBhayibheli elikushoyo ‘ngokukhonza okumhlophe okungenabala,’ okungukuthi, “ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi-yicala lokwezwe.” (Jakobe 1:27) Njengentombazanyana engumJuda, akabonanga lutho ngaphandle “kwenhlekelele ngemva kwenye,” njengoba ekubeka. Wabekezelela ubunzima bokuwela kweGrisi ezandleni zamaNazi nempi yangaphakathi, alahlekelwa kuyo umyeni wakhe. Kodwa ithemba lakhe lokuthola abantu abathembekile nabangazenzisi alizange lehle.

Ngemva kokuthuthela kwaIsrael ngo-1949, uBenvenida wasebenza njengombelethisi kwaze kwaba ngo-1974 lapho ethatha umhlala-phansi. “Phakathi naso sonke lesosikhathi,” uyasho, “ngaqhubeka ngizibuza: ‘Baphi labobantu abahle nabathembekile abachazwa iBhayibheli? Kukuphi lapho kukhona ukulunga kulelizwe?’” Wangenela ubuJuda, eya esinagogeni futhi egcina iSabatha namaholide. Kodwa ukuhleba nokuphikisana kwamalungu ebandla lasendaweni yakubo kwamenza wakulambela ngokwengeziwe “ukukhonza okumhlophe okungenabala.”

Ekugcineni, ngo-1985, kokunye ukuhambela kwaminyaka yonke kukaBenvenida amanzi anemithi yokwelapha eGrisi, owesifazane onguFakazi owelashwa lapho waqalisa ingxoxo naye. Kwalandela ingxoxo ende. Ngalobobusuku, uBenvenida waya okokuqala emhlanganweni eHholo LoMbuso lakuleyondawo futhi wahlatshwa umxhwele ngokujulile imfudumalo nobuqotho babazalwane nodade.

UBenvenida waqhubeka efundelwa lapho ebuyela kwaIsrael, futhi cishe onyakeni nengxenye kamuva, wabhapathizwa ebonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu weqiniso, uJehova. “Ekugcineni,” esho, “ngemva kweminyaka engaka sengineminyaka engama-70, ngithole abantu abanesizotha futhi abathobekile iBhayibheli elikhuluma ngabo, labo abangiphatha njengomuntu. Manje, usuku ngalunye engiluphilayo luwusuku lwenjabulo nenjongo!”

UMoshe wayengomunye ofuna iqiniso owayemane elindele ‘ukuzwa izwi likamalusi omuhle.’ (Qhathanisa noJohane 10:14-16.) Nakuba uMoshe ayelokhu eyithanda imiBhalo, wafunda ngoJesu Kristu “eTestamenteni Elisha” elalizolahlwa umfowabo, futhi wahlabeka umxhwele ngokujulile. Esikhathini esithile kamuva, uMoshe wahlanganyela nasebenza naye esifundweni seBhayibheli noFakazi futhi waya enkulumweni eyanikezwa isikhulumi esihambele. “Lokhu yilokho ebengilokhu ngifuna ukukuzwa!” ebabaza ngemva kwalowomhlangano wokuqala.

Ngemva kokubambezeleka ekuqaleni, intuthuko kaMoshe yashesha. Phakathi nezinyanga eziyisithupha, wabhapathizwa. Nokho, ukuthuthuka kwakhe kwabangela ukuba aphikiswe umkhaya wakhe, ikakhulukazi umkakhe. Lokhu kwashuba kakhulu lapho, njengendodana endala emkhayeni, enqaba ukuhlanganyela emthandazweni wemigidingo emngcwabweni kayise. Ngaphezu kwalokho, abangane nezihlobo batshela umkakhe ukuthi kungcono ‘enze okuthile ngokushesha’ ngaphambi kokuba abhalise konke ukuba kuye ebandleni. “Ngadambisa ukwesaba kwakhe ngokusikisela ukubhalisa indlu egameni lakhe,” kuphawula uMoshe. Futhi ngokusihlela kahle isikhathi sakhe, wakwazi ukulondoloza ukulinganisela okujabulisayo phakathi komkhaya wakhe nemithwalo yemfanelo yebandla.

Nokho, akuzona zonke izihlobo eziphikisana neqiniso. UNehai wahlanganyela lokho akufunda eBhayibhelini nomyeni wakhe, uHanna, owayeshisekela kakhulu ezombangazwe ngalesosikhathi. Ngokushesha, bobabili baqaphela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba lesintu esicindezelwe. Ngakho baba izinceku zikaJehova ezizinikezele futhi baqala ukufakaza emikhayeni engama-Arabu eHaifa nasemizini ezungezile. Bafakaza ikakhulukazi phakathi komkhaya wakubo omkhulu, abantu abangama-252 bebonke.

Ingabe lokhu kuye kwaba inselele? Yebo, ngoba ngaphandle kwesidingo sokushayela ihora nengxenye uhambo ngalunye kuyiwa emizini yama-Arabu ukuze kushunyayelwe, kwakudingeka ukubekezela nokukhuthazela okukhulu. “Ngezinye izikhathi abantu abahlukahlukene bakutshela ukuthi abasafuni ukuzwa. Lapho lokho kwenzeka, kudingeka ukuba uyeke ukukhuluma. Kamuva, mhlawumbe ungabuyela ngokuhlakanipha engxoxweni. Kunjengokuxoshwa ukhishwe ngomnyango wangaphambili futhi ubuye ungene ngefasitela,” kuphawula uHanna. Konke lokhu kuye kwaba nenzuzo. Okwamanje, izihlobo zakhe zegazi ezingama-24 kwezingama-36 ziye zabonisa isithakazelo esingathi sína emiBhalweni, futhi eziyi-13 zazo zitadisha iBhayibheli noHanna noma nabanye oFakazi. Namuhla, izihlobo zakhe zegazi ezinhlanu kanye nabantwana bakhe siqu baye banikezela ukuphila kwabo kuJehova, futhi nabanye abathathu bathuthukela kuleloqophelo.

Amanani Amasha Aphakeme Ensimini Endala Kakhulu

Okuhlangenwe nakho okufudumeza inhliziyo okufana nalokhu kuyanda lapha kwaIsrael, futhi amathemba okwanda akhuthaza kakhulu. Ngo-1988 inani labamemezeli boMbuso lafinyelela inani eliphakeme labangama-370. Isilinganiso sezifundo zeBhayibheli ezaqhutshwa inyanga ngayinye emakhaya abantu abathakazelayo siye sanyuka sisuka kwezingama-89 ngo-1979 siya kwezingama-301 ngo-1988—ukwanda kwamaphesenti angama-240!

Konke lokhu kuletha injabulo enkulu koFakazi BakaJehova kulelizwe lasendulo. Sibheke phambili ngisho nasezibusisweni ezinkulu ngokwengeziwe ezivela kuNkulunkulu wethu, uJehova, njengoba siphikelela emsebenzini wokwenza abafundi kulensimu endala kakhulu emhlabeni.

[Izithombe ekhasini 26, 27]

Ngenhla: Ithuna eliseNgadini, eJerusalema

Eceleni: Izindawo zezimakethe nemigwaqo kwaIsrael

Ngezansi: Ihhovisi legatsha eTel Aviv

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela