Isizathu Sokuba Wazi Iqiniso NgoAbrahama
UABRAHAMA—ingabe wayeyiqhawe lasenganekwaneni noma wayengumprofethi weqiniso? Ibaluleke kangakanani impendulo yalowombuzo? Ngokokubalwa kwezikhathi kweBhayibheli, uAbrahama wayephila eminyakeni engaba izi-4 000 edlule. Ngalesosizathu abanye bangase bathi, ‘Kwenza mahluko muni ukuthi wayekhona ngempela noma cha?’
Nokho, ingxenye yabantu abakhona emhlabeni ingeyezinkolo ezithi ziyakholelwa kuAbrahama. Ethi 1988 Britannica Book of the Year ithi abantu abangamaphesenti angu-32,9 bangamaKristu, abangamaphesenti angu-17,2 bangamaMuslim, nabangamaphesenti angu-0,4 bangamaJuda, futhi uAbrahama ungumuntu ovelele kuzo zontathu lezinkolo. Ngokuqinisekile, amakholwa aqotho akulezinkolo kufanele afune ukuqiniseka ukuthi lokho akufundisiwe ngoAbrahama kuyiqiniso yini. Ngisho nalabo abangabezinye izinkolo noma labo abathi abanayo nhlobo inkolo kufanele babe nesithakazelo. Ngani?
Ngoba iBhayibheli lithi uAbrahama wayengumprofethi. (Genesise 20:7) Lelo igama elingokweBhayibheli elisetshenziselwa ukuchaza umkhulumeli kaNkulunkulu ophathele abanye abantu isigijimi. Uma uAbrahama ayengumprofethi weqiniso, sonke sisethubeni lokuzuza. Ngani? Ngoba isigijimi asamukela sasiqukethe izindaba ezinhle zaso sonke isintu. (Galathiya 3:8) NgokweBhayibheli, uNkulunkulu wathembisa uAbrahama: “Imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”—Genesise 12:3.
Leso isithembiso esimangalisayo, futhi uAbrahama wasizwa sishiwo okungenani nangezinye izikhathi ezimbili. (Genesise 18:18; 22:18) Ukuze asigcwalise, uNkulunkulu uyovusa kwabafileyo abameleli bemindeni esebafa. Kwabanjalo abavusiwe, ukuphila kuyoba isibusiso ngempela, ngoba abaningi babo bayovukela esimweni somhlaba esifuze iPharadesi elalahlekela umuntu ekuqaleni. Ngemva kwalokho, bayofundiswa ukuthi bangasizuza kanjani isibusiso sokuphila okuphakade.—Genesise 2:8, 9, 15-17; 3:17-23.
Ukuba, ngakolunye uhlangothi, uAbrahama wayemane nje engumuntu wasenganekwaneni, besingeke sibe khona isisekelo sokukholelwa esithembisweni esimangalisayo asamukela. Ngaphezu kwalokho, uma izithembiso zeBhayibheli zingenakwethenjelwa, abanye bangase bazithethelele ngokuzinikela kwabo ngokuphelele ezinjabulweni zokuphila kwamanje. Njengoba kwabhala omunye wamaKristu akuqala: “Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.”—1 Korinte 15:32.
Ngakho-ke, unazo zonke izizathu zokuhlola umbuzo othi, Ingabe uAbrahama wayemane nje eyiqhawe lasenganekwaneni noma ingabe wayengumprofethi weqiniso? Kungase kukwethuse ukwazi lokho okuye kwashiwo abefundisi abavelele bekhulu leminyaka le-19 ngalokhu. Ngesikhathi esifanayo, abavubukuli baye bathola izinto ezimangazayo ezibekela leyomibono yalabo befundisi inselele.