Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 6/15 k. 32
  • Yashiywa Yibhasi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yashiywa Yibhasi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 6/15 k. 32

Yashiywa Yibhasi

NGOLUNYE usuku uJames wabona indodakazi yakhe uRebecca ihamba kancane ngokungajwayelekile lapho iya esitobhini sebhasi lezingane zesikole. Nakuba uRebecca alibona ibhasi liza, waqhubeka ehamba kancane kunakuqala futhi wasala ngamabomu.

Ngaleyontambama uJames nomkakhe, uVeronica, baxoxa ngalendaba ngokubukeza indaba ‘kajona Nenhlanzi Enkulu’ etholakala encwadini ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Kwakungenye yezindaba ezithandwa uRebecca. Ngemva kokuqeda lendaba, abazali bayihlanganisa nenkinga yendodakazi yabo. Nangempela yalithola iphuzu futhi yathi: “Ngisho noma uJona abaleka futhi wangena enkathazweni olwandle, wagwinywa yinhlanzi futhi yamhlanzela ngaphandle—umsebenzi wakhe ovela kuJehova wawusalokhu umlindile ukuba awenze.”

Ngakusasa uRebecca waya esikoleni enesimo esisha sengqondo egodle INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ekhwapheni.

Ungazitholela ikhophi yalencwadi enemifanekiso emihle, ebhalwe ngokugqamile, enamakhasi angama-256 ngokugcwalisa nokuthumela lesigqebhezana esingezansi.

Sizani nithumele incwadi enoqwembe oluqinile ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngifaka u-R6.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela