Ukuqondisisa Izindaba
“Bacabanga Kabusha”
UGenesise 1:1 uthi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.” Eminyakeni engaphezu kweyikhulu, ososayensi abasekela umqondo wokuziphendukela kwemvelo baye baligxeka lelivesi leBhayibheli. Nokho, “abaningi babo manje bacabanga kabusha ngalendaba endala kakhulu, enamandla kakhulu ngobukhona boMdali,” kubika iOrange County Register, iphephandaba laseCalifornia.
Ngokwesibonelo, indaba iphawula lokho okushiwo isazi sezinto eziphilayo saseAustralia uMichael Denton encwadini yakhe ethi Evolution: A Theory in Crisis. Ugomela ngokuthi kusukela esikhathini uDarwin asakaza ngaso incwadi yakhe ethi On the Origin of Species kuze kube manje, akuzange kube khona ngisho nobuncane ubufakazi obusekela imfundiso kaDarwin.
Ngokufanayo, iRegister iphawula incwadi iMystery of Life’s Origins: Reassessing Current Theories, eyabhalwa ososayensi abathathu. Ngokwaleliphephandaba, bayachaza ukuthi akunakwenzeka ukuthi ukuphila kwaqala ngengozi futhi “baphikisa ngokuthi incazelo ‘yoMdali ongalé kwendawo yonke’ iyona enengqondo kakhulu ngesiqalo sokuphila.” Isekela lombono, lendaba iphawula ukuthi usonkanyezi waseBrithani uFred Hoyle “ucashunwa kabanzi ngenxa yamazwi akhe okuthi ukukholelwa ukuthi ingqamuzana lokuqala lavela ngengozi kufana nokukholelwa ukuthi isiphepho esidabula endaweni yokugcina izindiza ezindala egcwele izingcucu zezindiza singaveza iBoeing 747.”
Kososayensi abaningi, ubufakazi bokusekela iMbangela Ephakeme abunaphutha. Kodwa kuthiwani ngalabo abaphikelelayo bephika ukuba khona koMdali? Abantu abanjalo benza kahle ukucabangela lamazwi abhalwa umprofethi uIsaya: “O ukuphendukezela kwenu! Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini, ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi: Yena akangenzanga, na?”—Isaya 29:16.
Ukubuswa Okubulalayo
NgoJanuary walonyaka, umbulali wochungechunge lwabantu uTheodore Robert Bundy, wahlaliswa esihlalweni sikagesi saseJele LoMbuso LaseFlorida wanqunywa. Wayehlanganiswe nokufa ngesihluku kwabesifazane abangama-36, nakuba iziphathimandla zisola ukuthi isibalo sangempela singafinyelela ku-100.
Engxoxweni yangaphambi kokunqunywa kwakhe, uBundy wavuma ukuthi izincwadi nezithombe ezingcolile zaziyisici esiyinhloko esaba nesandla ekuziphatheni kwakhe kobudlova. NgokukaDkt. James Dobson, owayephethe ingxoxo, “lapho eneminyaka eyi-12 noma eyi-13 waqala ukuthola izincwadi nezithombe ezingcolile ezitolo zemithi, ngisho nasemgwaqweni, futhi waba umlutha wazo, wabuswa yizo,” kubika iDaily News.
Ukuvuma kukaBundy kunanela amazwi ka-Arthur Gary Bishop, omunye umbulali owayeboshiwe, owanqunywa ngonyaka odlule ngenxa yokubulala abafana abahlanu ngokuhlobene nobulili. NgokweTribune, iphephandaba laseSan Diego, eCalifornia, uBhishop wagomela ngokuthi izincwadi nezithombe ezingcolile “‘zazimceka’ esengumfana futhi zaholela ekuweni kwakhe.” UBishop wacaphuna isazi sokusebenza kwengqondo esafakaza ecaleni lakhe ukuthi “njengoba abantu beba yimilutha [yezincwadi nezithombe ezingcolile] izifiso zabo ziyenyukela, imizwa yabo yemvelo ayibe isezwa futhi bavama ukwenza lokho abakubonile.” UBishop wavuma: “Kwakunjalo nangami. Ngingungqingili olala nabantwana oboshelwe ukubulala, futhi izincwadi nezithombe ezingcolile zaziyisici esilawulayo ekuweni kwami.”
Ngisho nakuba ababulali abawavumayo amacala abo beye bavuma ukuthi izincwadi nezithombe ezingcolile ziyonakalisa, kunabantu abaningi abasazibheka njengeziyindlela yokuzijabulisa engenangozi. Kwabanjalo isixwayiso esinikezwe kuIsaya 5:20 siyasebenza: “Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube-ngukukhanya, nokukhanya kube-ngubumnyama.”
Akukho Mfihlo
Umfundisi waseUnited Church uPhyllis Smith uthi ukholo lwabanye abefundisi kubonakala sengathi lusongelwa imibuzo yeziguli ezigulela ukufa, kubika iToronto Star, iphephandaba laseCanada. NgokukaSmith, “abantu abafayo babuza imibuzo ngezimfihlo zokuphila nokufa okungekho-muntu oziqondayo.” Uthi: “Asidingi ukuzizwa sisongelwa ngenxa nje yokuthi sinomuzwa wokuthi kufanele sibe nazo zonke izimpendulo.” Lapho kuphakanyiswa imibuzo engokomoya enzima, uSmith ugomela ngokuthi abefundisi “akudingekile ukuba bamvikele uNkulunkulu.”
Nakuba kuyiqiniso ukuthi abantu ngabanye bangase bangabi nazo ngaso sonke isikhathi zonke izimpendulo zemibuzo ngokuphila nokufa, iBhayibheli linazo. Ingabe labo abazisholo ukuthi bayizikhonzi zikaNkulunkulu akufanele yini bakwazi lokho iZwi lakhe elikushoyo? Umphostoli uPetru wathi akholwa nabo kufanele ngaso sonke isikhathi ‘bahlale bekulungele ukubaphendula bonke abababuza isizathu sethemba elikubo.’ (1 Petru 3:15) AmaKristu okuqala ayengenankinga ekuqondeni isimo sabafile noma ukuthi imaphi amathemba esikhathi esizayo anikwa isintu esifayo. Ayazi ukuthi umShumayeli 9:5 uthi: “Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho.” Futhi uJesu watshela abalandeli bakhe: “Isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, . . . [baphume].” (Johane 5:28, 29) Ezikhonzini zikaNkulunkulu zeqiniso, akukho mfihlo ngokufa nangokuphila.