Ukumemezela UMbuso EMalaysia Enezinhlobonhlobo Zabantu
AMASONTO amaSulumane anophahla oluhlotshiswe ngegolide, amathempeli anamakhothamo, amasonto anemibhoshongo, nemibhoshongo yamathempeli ehlotshiswe ngezithombe. Lena yiMalaysia, izwe lapho kuhlangana khona izinkolo ezine ezinkulu zomhlaba. Izakhamuzi zalo eziyizi-16 000 000 zingamaMalay, amaShayina, amaNdiya, amaEurasia, amaIban, amaKadazan, nezizwe eziningana zendabuko. Cishe akukho ukwahlukahlukana okudlula lokho enkolweni, esimweni sempucuko, emikhubeni, emasikweni, olimini okutholakala kwenye indawo.
Njengoba isenyakatho yenkabazwe eSouth China Sea, Malaysia yakhiwa yizingxenye ezimbili zezwe: inhlonhlo ngaphambili eyayibizwa ngokuthi iMalaya esentshonalanga namazwe aseSabah nawaseSarawak esiqhingini saseBorneo empumalanga. Kusukela ezigodini ezingamaxhaphozi ezingasogwini, kudabule emahlathini acinene, ngokuvamile angangeneki, kuye eziqongweni zezintaba eziphakeme—kuhlanganise neMount Kinabalu engamamitha angu-4 101 eSabah—lelizwe lihlukahlukene njengabantu balo nempucuko yalo.
Kukulesisimo lapho oFakazi BakaJehova bezama khona ukushumayela “lelivangeli loMbuso.” (Mathewu 24:14) Baphumelela kanjani ukufinyelela abantu, abanezilimi ezingafani, nemikhuba, nemibono yenkolo ehlukahlukene? Kunjani ukushumayela isigijimi soMbuso kulelizwe? Ngaphezu kwakho konke, yini oFakazi abaye bayifeza?
Ukuhlangabezana Nenselele Engokwenkolo
Ukuze bafinyelele abantu bezizinda zenkolo ezihlukene, abamemezeli bezindaba ezinhle kumelwe bafunde ukuhlukanisa phakathi kwekhaya lomMuslim nelomHindu, phakathi komkhaya womBuddha noma wabalandeli bakaTao nowomProthestani noma womKatolika. Kungenziwa kanjani lokhu?
Kunezinkomba ezicacile. Ngokwesibonelo,ialtare elibomvu ngokugqamile luwuphawu lwekhaya lomlandeli kaTao noma umBuddha njengoba nje isithombe sikaMariya noma sikaJesu siwuphawu lomuzi womKatolika. Okuyizimpawu ngokufanayo emakhayeni amaHindu amakhasi kamango noma imiBhalo yesiArabhu ethathwe kuyiKoran ebhalwe eminyango yamakhaya amaMuslim.
Ukuthola isizinda senkolo somninikhaya enye into; ukumenza ukuba abe nesithakazelo ezindabeni ezinhle kungenye. Ukusabela okuvamile, ngokuvamile ngenhlanganisela yesiShayina isiMalay nesiNgisi, kuwukuthi: “Semua agama sama lah.” Lokhu kulandelwa ukuthi, “Ngiyaxolisa angithakazelisi.” Ngokumamatheka okukhulu, umninikhaya usekutshele ukuthi ucabanga ukuthi zonke izinkolo ziyefana nokuthi akanasithakazelo.
AmaMalay amaningi azalwe engamaBuddha, abalandeli bakaTao, noma amaHindu, aye akhangwa ukuguquka okusheshayo okuthenjiswa izithunywa zeLobukholwa, futhi aye angenela amahlelo obuProthestani. Begqugquzelwa ngabefundisi babo, abaningi baye bavala izindlebe zabo ekulaleleni izindaba ezinhle. Noma kunjalo, igama likaJehova eliphakeme nenjongo yakhe kuyamenyezelwa kancane kancane kulelizwe elihlukahlukene.
Ngenxa yokubekezela nokuqonda koFakazi BakaJehova, abantu abaningi abanhliziyo ziqotho basabela kahle esigijimini soMbuso. Ngokwesibonelo, cabangela uPatrick, ngaphambili wayebhema, enezinwele ezinde ezingakanywa. Wayeqeqeshiwe ebucikweni bokulwa kwamaShayina futhi wayengaba yingozi uma ecasuliwe. Nakuba ayengenanjongo ekuphileni, wathintwa amazwi athi “ukufa akusayikuba-khona,” ummemezeli woMbuso amfundela wona kusAmbulo 21:4. Ngakho uPatrick wamukela isifundo seBhayibheli. Ejatshuliswe yiqiniso leBhayibheli ayelifunda, ngokushesha waqala ukuxoxela unina, kokubili ngeposi nangomlomo lapho ebuyela ekhaya. Kodwa unina waphikisa kakhulu.
Ngolunye usuku, uPatrick nonina babelaya umfowabo omncane, naye owayengumpetha wekarati. Lapho umfowabo eqala ukushaya nokukhahlela, unina wamangala uma ebona uPatrick engaphindiseli kodwa ehlala ezothile. Waba nesithakazelo esikhulu kulokho indodana yakhe eyayikufunda okunamandla kangaka okuguqula isimo somuntu. Unina wathuthuka ngokushesha futhi wabhapathizwa phakathi nezinyanga eziyisithupha. Naye, washumayela kunina oneminyaka engu-73, umBuddha oqotho. Nayo lentokazi yalazisa ithemba lokuphila phakade. Nakuba yayingafundile, yaqala ukutadisha incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni wabeka emqondweni izinhlamvu zesiShayina eziningi ngangokusemandleni akhe. Manje naye futhi usengummemezeli wezindaba ezinhle.
Ukubhekana Nezilimi Nemikhuba
Ukuze umuntu abhekane nesimo sezilimi eziningi, kudingeka isikhwama esinezincwadi ezanele lapho ushumayela endlini ngendlu. Kodwa lokhu akuyixazululi inkinga ngaso sonke isikhathi.
Ngokwesibonelo, ukuba ngumShayina nokuba nezincwadi zesiShayina akusho ukuthi ngokuzenzekelayo uFakazi angaxoxisana nomninikhaya ongumShayina. Ingabe basebenzisa ulimi lwesigodi olufanayo? Uma uFakazi engumHokki umninikhaya engumCanton, lokhu kungaba yinkinga. Njengoba ulimi lwesigodi lwamaShayina lunomsindo othile, umehluko omncane ekuphumiseleni ungasho indaba ehluke ngokuphelele. Ngokwesibonelo: Kwakuhlekisa kakhulu lapho udade oyiphayona okhuluma isiHokki ehamba endaweni yamaCanton etshela abantu ukuthi ‘ungumfundi ohlanyayo’ lapho eqonde ukuthi ‘ungumfundi weBhayibheli.’
Ngisho noma kusetshenziswe igama eliqondile, lingase lingasho into efanayo kuwo wonke umuntu. Njengoba ehlala emphakathini oxube izinhlanga, amaMalay ngokuvamile athobekile futhi ayanakekela ukuba angoni muntu. Kunzima ngokukhethekile ngabo ukuba bathi cha kubantu abangabazi. Kanjalo, umuntu ufunda ukuba angajabuli kakhulu lapho umninikhaya amukela isifundo seBhayibheli noma ukuya emihlanganweni yobuKristu. Ngani? Ngoba lokhu akusho ngempela ukuthi kukhona akwamukelayo. Kuthatha isikhathi nokuhlangenwe nakho ukubona ukuthi yibaphi abathakazela ngempela.
IMalaysia ingelinye lamazwe anamaholide amaningi nemikhosi engokwenkolo eminingi. Lezi izikhathi lapho abantu bematasa bevakashela abangane nezihlobo. OFakazi baseMalaysia nabo bandisa umsebenzi wabo futhi basebenzise lamaholide ukuze bamemezele izindaba ezinhle. Uma bezothola imiphumela emihle kumelwe lokho bakwenze ngokuhlakanipha nangokuqonda.
UNcibijane wamaShayina ungolunye usuku olunjalo nje. Ukuze baqiniseke ngempumelelo onyakeni wonke, abalandeli bakaTao bathanda ukuqalisa unyaka omusha ngamagama omusa nangezenzo ezinhle. Ngalolosuku, uFakazi uyogwema ukusebenzisa amagama ‘anjengokufa,’ “ukugula,” “nobuhlungu.” Kunalokho uyocabanga ngezindaba ezijabulisayo, ‘ezinjengokuphila phakade ngempilo enhle ngokuthula okuhlala njalo nokuchuma emhlabeni omusha.’ Leliholide alisona isikhathi sokukhumbuza abantu ngezinsizi zabo.
‘Ezweni Labazingeli Bamakhanda’
Njengoba “isixuku esikhulu” sakhiwa abantu ‘abavela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu nezilimi,’ asinakukhohlwa izizwe zendabuko zaseMpumalanga Malaysia. (IsAmbulo 7:9) Kuyajabulisa ukubona inani elandayo lezakhamuzi zaseSarawak—eyake yaziwa ngokuthi iZwe Labazingeli Bamakhanda—zisabela esigijimini soMbuso.
Ngokwesibonelo, eminyakeni emine edlule edolobheni likawoyela elingasogwini lwaseMiri, eSarawak, kwakunabamemezeli boMbuso abathathu kuphela. Namuhla, abaningi babonisa isithakazelo ekufundeni ngeBhayibheli. Udade oyiphayona ubika izifundo zeBhayibheli eziyi-17, futhi abanye babafundi bakhe nabo baqhuba izifundo nabanye abantu abathakazelayo. Manje sekukhona ibandla elithuthukayo edolobhaneni laseMiri.
Isici esiqhamile samaIban aseSawarak ikotishi. Lesi sakhiwo eside esakhiwe phezu kwezinsika sakhiwe ngokhuni oluqinile nangamahlamvu esundu. Njengoba ngokuvamile sakhiwa ogwini lomfula emngceleni wehlathi, sinezindawo zokuhlala ezingama-30 ukuya kwezingama-40 noma ngaphezulu ezakhiwe ngokulandelana emgqeni owodwa zihlanganyela iphasishi elilodwa. Umsebenzi wethu omningi wokushumayela wenziwa kuloluhlobo lwensimu.
Ngesinye isikhathi, kwakunikezwa inkulumo yeBhayibheli enesihloko esithi “Liyini ithemba ngabafileyo?” kwelinye lalamakotishi. Induna noma, ituai rumah yahlanganisela bonke abantu kuyiruai, noma eholweni likawonk’ uwonke. Wonke umuntu walalela ngesizotha nangokuthula yaze yaphela inkulumo. Khona-ke enye indoda yabuza: “Kungenzeka kanjani ukuba abafileyo bangazi lutho?” Omunye waphikelela ngokuthi abalungile sebesezulwini kakade ababi basesihogweni esivuthayo. Kodwa abanye balithola likhanga ithemba lokuphila phakade epharadesi emhlabeni futhi bafuna ukwazi okwengeziwe. Kwakunjengalapho nje uPawulu ekhuluma nabaseAthene eAreyophagu.—IzEnzo 17:32-34.
Kwelinye ikotishi kwakuhlala uJuing Insoll, umIban oneminyaka engu-72 owayengumSheshi. Esemusha, wayedidwa imibuzo enjengale: UNkulunkulu onothando angabahlupha kanjani abafileyo phakade esihogweni esivuthayo? Uma ekhona uNkulunkulu, kungani kukhona ukungalungi okungaka? Akekho owayengamnika izimpendulo ezanelisayo. Ngolunye usuku, umngane wakhe owayevela edolobheni wathola incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni OkuPhakade. Ephawula ukuthi ingase iyiphendule imibuzo kaJuing, lomngane wakhe wamboleka yona. Yeka injabulo kaJuing! Ekugcineni ngemva kweminyaka engama-60 yokufuna, wayelitholile iqiniso ngoNkulunkulu!
UJuing wazimisela ukuba azitholele eyakhe incwadi. Wahamba amakhilomitha angama-240 eya eKuching, inhloko-dolobha yaseSarawak, ephuma engena ezitolo zezincwadi. Yayingafaniswa ngisho nokufaniswa incwadi. Ngalobobusuku, ekhaya lesihlobo, wezwa ukuthi esinye isihlobo sasinayo. Wayalelwa eHholo LoMbuso lakuleyondawo futhi wathatha izincwadi ezingu-15 ezihlukahlukene ayezophindela nazo ekotishini lakhe.
Ngemva kokuzifunda zonke lezozincwadi, uJuing waphindela edolobheni, ecela ukubhapathizwa. Abadala bamamatheka banikina amakhanda. Nokho, okwabamangalisa, ngokushesha bathola ukuthi wayefaneleka ngokuphelele. Ngakho, wabhapathizwa! Esebuyele ekotishini, ephethe inqwaba yezincwadi zeBhayibheli, waqala ukushumayela komakhelwane bakhe. Ekuqaleni, wamangala ukuthi kungani abangane bakhe bengalamukelanga iqiniso ngemva nje kokufunda izincwadi. Kodwa ngokushesha waqaphela ukuthi kwakufanele afunde nabo iBhayibheli. Umbiko kaJuing wenkonzo yasensimini wawubhalwe njengencwadi yezenzakalo zansuku zonke!
Edolobheni elingalodwa laseLahad Datu ezweni laseSabah kubikwa lokhu: Owesifazane osemusha oshadile onabantwana abathathu wafunda iqiniso ngesifundo seBhayibheli esasiqhutshwa ngeposi ngudade waseKota Kinabalu, inhloko-dolobha yombuso. Ekugcineni, owesifazane wanquma ukubhapathizwa emhlanganweni wesifunda. Nokho, phakathi nenkulumo yobhapathizo, umyeni wakhe wangena futhi wamphoqa ukuba abuyele ekhaya naye.
Sebefikile ekhaya, indoda yazama ukuzixolisela kodwa ayaphumelela. Ekugcineni, yamemeza: “Manje ufunani?” “Ngifuna ukubhapathizwa,” kuphendula umkakhe. “Ingabe kubaluleke kangako kuwe?” yabuza. “Yebo, kuyisenzakalo esibaluleke kunazo zonke ekuphileni kwami.” “Kulungile!” waphendula ekugcineni. “Biza umdala wakho. Ngizokwakhela ichibi lokubhukuda ozobhapathizelwa kulo lapha.”
Njengoba yasho, yilokho lendoda eyakwenza. Futhi umkayo wabhapathizwa phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda okulandelayo—echibini lokubhukuda umyeni wakhe ayemakhele lona! Kodwa yini eyanikeza lodade ukuzimisela okunjalo? Nokho, ngisho noma wayeyedwa, wayelungiselela zonke izincwadi zemihlangano ehlukahlukene. Uma elahlekelwe “umhlangano,” wayezizwa sengathi ulahlekelwe ukudla. Manje lodade ufundisa abantwana bakhe futhi uqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezintathu.
‘Omncane Uba Yinkulungwane’
Umsebenzi woMbuso eMalaysia waqaliswa nguAlfred noThelma Wicke, abaya lapho bevela eAustralia ngo-1939. Inkonzo yabo yokwethembeka yezithunywa zevangeli ifinyelela eminyakeni ecishe ibe ngama-50, futhi yeka indlela uJehova ayibusise ngokumangalisa ngayo imizamo yabo! Kusukela ekusungulweni kwehhovisi legatsha ePenang ngo-1972, umzalwan’ uWicke engumbonisi wegatsha, umsebenzi wokushumayela eMalaysia wathola umfutho. Ngalesosikhathi, kwakunabamemezeli boMbuso abangu-207. Eminyakeni eyishumi kamuva, inani lase liphindwa kathathu. Ngakho, ngoJuly 1983, igatsha lathuthelwa eKlang, idolobha eliyitheku eduze nenhloko-dolobha yemibuso ehlangene, iKuala Lumpur. Amagceke egatsha elisha anohele lwezakhiwo ezintathu eziyizitezi ezimbili, ezizifanelekele izidingo zamanje. (Bheka ikhasi 26.)
Eminyakeni embalwa edlule, kwenziwa umzamo omkhulu ukuze kuyiswe isigijimi soMbuso kubantu abengeziwe abakhuluma isiShayina nesiTamil. Manje, ngaphandle kwamabandla amabili esiShayina, kunamaqembu abakhuluma isiShayina nesiTamil kwamanye amabandla amaningana kanye neqembu elandayo lamaJapane elinabantu abacishe babe ngama-20.
Kuyo yonke insimu, manje kukhona amabandla angama-20, nabamemezeli abacishe babe ngama-900. Lokhu kunikeza isilinganiso sommemezeli oyedwa kubantu abayizi-18 500. Ngakho usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe. Njengophawu lwethuba lokwanda, abantu abangu-2 633 beza ekugujweni kweSikhumbuzo sika-1988. OFakazi baseMalaysia bajabula ngalokhu, futhi abaningi bathatha inkonzo yesikhathi esigcwele. Yebo, oFakazi BakaJehova eMalaysia babheke phambili ngokulangazela ekufinyeleleni inani labamemezeli abayi-1 000. Basikhumbula kahle isithembiso sikaJehova: “Omncane uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”—Isaya 60:22.
[Ibalazwe ekhasini 26]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
THAILAND
MALAYSIA
Penang
Kuala Lumpur
Klang
Singapore
MALAY PENINSULA
SUMATRA
EQUATOR
South China Sea
PHILIPPINES
SABAH
Kota Kinabalu
Mt. Kinabalu
Lahad Datu
BRUNEI
Miri
MALAYSIA
SARAWAK
Kuching
BORNEO
600 Km
400 MI