Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 3/1 kk. 10-13
  • UJehova Ube Yisiphephelo Sami Nenqaba Yami

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Ube Yisiphephelo Sami Nenqaba Yami
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlwaya Kuyavuzwa
  • Intokazi Encane Nombhishobhi
  • Ukuphatha KwamaNazi
  • Umhlangano Ongavamile
  • Isimemo Sokuya EGileyadi
  • Umhlala-phansi Omatasa
  • Gafundiswa NguJehova Kusukela Ebusheni Bami
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ilungelo Elikhethekile Lokuba Nesandla Ekwandeni Kwangemva Kwempi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Sisendleleni Eya Ezweni Elisha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • ‘Ngakhuphuka Ngamaphiko Njengezinkozi’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 3/1 kk. 10-13

UJehova Ube Yisiphephelo Sami Nenqaba Yami

Njengoba ilandiswa uMargaret West

CABANGA uhlala esigodlweni lapho iNdlovukazi uAnna Sophie yaseDenmark yathweswa khona umqhele ngonyaka ka-1721. Lendlu yokuhlala yasehlobo yomkhaya wasebukhosini waseDenmark, eyakhiwe phakathi kwamapaki amahle, yayiyikhaya lami lasebuntwaneni. Amakamelo athokomele, izitebhisi ezinkulu, uphahla lwangaphakathi olwapendwa yizingcweti ezindala zaseFrance, ngalesosikhathi kwakubonakala kuyizinto amaphupho enziwe ngazo.

Ibangana nje ukusuka kulesigodlo kwakunesinye isakhiwo, esasizothe kakhulu ukwedlula lesi, kodwa iminyaka yami engama-30 kulesakhiwo yakucebisa kakhulu ukuphila kwami. KwakuyiBethel yaseDenmark, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eDenmark.

Kodwa okokuqala mangikutshele ukuthi kwenzeka kanjani ukuba ngihlale eSigodlweni iFrederiksberg saseCopenhagen. Ubaba, owayeyinduna yamabutho empi yaseDenmark, wayeqondisa imfundo yezempi endlunkulu yayo yayikulesigodlo. Lesikhundla sasimgunyaza ukuba ahlale kulendawo ehloniphekile nomkhaya wakhe. Entombazaneni esencane, lokhu kwakuwukuphila kwasezinganekwaneni, okuvikelekile ekulimaleni phakathi kwemingcele yalesakhiwo esihle. Ngacabanga ukuthi lezinsuku zobuntwana ezijabulisayo, ezivusa amadlingozi, zazingasoze zaphela. Kodwa leliphupho laphahlazeka ngolunye usuku olungayikukhohlakala ngo-1921.

Thina bantwana sabizelwa ekamelweni likababa lokulala. Ngakwazi ukumbona elele lapho, ebukeka ephaphatheke kakhulu, izandla zombili ziphezu kweshidi. Umama wasigaxa ngezingalo. Udokotela wethu, naye owayeseceleni kombhede, wayebukeka eswacile. Umama wathi ngezwi eliphansi: “Ubaba ushonile.” Umcabango wami wokuqala wawuwukuthi: ‘Akunakwenzeka lokho! Akazange agule.’ Kwakungokuhlangenwe nakho okushaqisayo kumntwana oneminyaka eyishumi. Angizange ngazi ngalesosikhathi ukuthi lokhu kufa okubuhlungu kwakuyongiholela ekuqondeni injongo yokuphila.

Ukufa kukababa kwasho ushintsho olukhulu ekuphileni kwethu. Isigodlo sasiyindlu kahulumeni, ngakho uMama kwadingeka ukuba afune enye indawo esasizohlala kuyo. Kwakuyisikhathi esinzima, futhi ukuze asisize ukuba sikhohlwe ngalenhlekelele, wenza okuthile okwashaqisa umkhaya wakithi nabangane. Wasikhipha sonke esikoleni, futhi saqalisa uhambo lokubuka izwe laseYurophu unyaka wonke.

Ukuhlwaya Kuyavuzwa

Nokho, lapho sibuyela ekhaya eDenmark, ukufa kukaBaba kwakusalokhu kusisibekele, futhi uMama wayelokhu ezibuza, ngokuphindaphindiwe, Kungani? Kungani? Kungani? Ukuze athole impendulo, waqala ukuhlolisisa amafilosofi aseMpumalanga, kodwa lawa awazange ayanelise ingqondo yakhe ehluzekile. Khona-ke wanquma ukuphendukela eBhayibhelini, ecabanga ukuthi lingase liqukathe izimpendulo ezithile. Lapho elula isandla sakhe ukuba athathe iBhayibheli eliseshalofwini lezincwadi, wabona incwadi ebomvu eceleni kwalo, incwadi ayengakaze ayibone ngaphambili. Yayibizwa ngokuthi The Divine Plan of the Ages. Umnewethu wayesanda kuyithenga kumFundi WeBhayibheli owayesivakashele.

Umama waqala ukuyifunda lencwadi futhi ngokushesha waqiniseka ukuthi wayezitholile izimpendulo zemibuzo yakhe. Ngalesikhathi, ngangifunda eFrance, kodwa lapho ngiphindela ekhaya eholidini ezinyangeni ezimbalwa kamuva, uMama wangitshela ngomdlandla ngomcebo wakhe ayesanda kuwuthola. Wangitshela ngoMbuso kaNkulunkulu—uMbuso owawuyobusa wonke umhlaba futhi uqede zonke izimpi, uMbuso owawuyoletha izibusiso ezingenakubalwa esintwini, kuhlanganise nokuvuswa kwabafileyo. Kwakumangalisa. Ekugcineni sasisitholile isiphephelo sokubalekela ukungabaza nokungaqiniseki.

Ngalobobusuku lapho ngiyakolala, ngathandaza ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami. Sasingakaze sibe umkhaya othanda inkolo, kodwa esikoleni sasifundiswé uMthandazo WeNkosi. Ngakho ngaqala ngokunqikaza ukuwusho ngekhanda lomthandazo. Lapho ngifika emazwini athi, “Mawufike umbuso wakho . . . ,” inhliziyo yami yacishe yaqhuma ngenjabulo. Ekugcineni ngangikuqonda lokho engangikucela! Sekudlule iminyaka engamashumi ayisithupha, kodwa ngisayikhumbula ngokucacile injabulo engenakuchazwa engayizwa ngalobobusuku.

Ngemva kokuqeda isikole eFrance, ngaya eNgilandi unyaka ukuze ngiyofunda ukusebenzisa isiNgisi sami. UMama wayephikelele: “Intombazane kufanele ifunde izilimi, umfana afunde izibalo.” Ekugcineni, ngafunda izilimi eziyisihlanu, zonke eziye zaba usizo olungenakuqhathaniswa, futhi eminyakeni eyalandela ngiye ngambonga kaningi uMama ngokunginikeza lelithuba.

Lapho ngifika eNgilandi, ngathola ukuthi uMama wayefake incwadi iThe Harp of God epotimendeni lami. Ngayitadisha ngokucophelela futhi ngaqala ukufakaza ngalokho engangikufundile emkhayeni wamaNgisi engangihlala nawo. Isihlobo salomkhaya sawuvakashela ngolunye usuku, ngakho ngafakaza futhi nakuso. (Ngangiba yiciko ‘lokudlala izintambo eziyishumi’ ‘zalelihabhu.’) Njengoba lentokazi yayifuna lencwadi nayo, ngabhalela ihhovisi legatsha laseLondon leWatch Tower Society, futhi bangiqondisa kubazalwane bendawo.

Kanjalo ngaqala ukuhlanganyela naleliqembu elincane eWickford, e-Essex, elalihlanganela ekhaya lomunye wabaFundi BeBhayibheli. Komunye umhlangano, kwamenyezelwa ukuthi ngeSonto elilandelayo kwakuyoba “nohambo olufushane olujabulisayo,” futhi nami ngamenywa. Ngabheka phambili ohambweni oluthakazelisayo lokuya emaphandleni akulendawo, kodwa lapho ngifika, kwenziwa umthandazo, futhi nganikezwa izincwadi ezithile ngase ngithunyelwa nomunye udade osegugile ukuba siyoshumayela!

Ngemva kokuphindela eDenmark, ngaqhubeka nokuhlanganyela nabaFundi BeBhayibheli, futhi ngo-1929 ngabhapathizwa. Okuhlangenwe nakho okungayikukhohlakala kwakuwumhlangano waseCopenhagen ngo-1931. Kwakukulomhlangano lapho sathatha khona igama elithi oFakazi BakaJehova. Ukuze kwaziswe ababusi ngalokhu, inkulumo kaMzalwan’ uRutherford nezwi lesinqumo esemukelwa emhlanganweni kwanyatheliswa encwajaneni ethi The Kingdom, the Hope of the World. Kwakudingeka ukuba siyiyise mathupha lencwajana kubo bonke abantu abavelele emphakathini, kuhlanganise nabahluleli, amalungu kahulumeni, osomabhizinisi abaziwayo, nabo bonke abefundisi futhi.

Intokazi Encane Nombhishobhi

Inkosi yaseDenmark yathola ikhophi yayo engxoxweni nombonisi wegatsha. Nganikezwa inqwaba yezincwajana, kanye nezimvilophu ezazinamagama namakheli abantu okwakumelwe ngibavakashele kulomkhankaso. Igama lokuqala ohlwini langishaqisa ngempela. Kwakungumbhishobhi ovelele wamaLuthela owayaziwa kakhulu ngokuphikisa kwakhe oFakazi BakaJehova.

Umbhishobhi wayehlala endaweni ethé qekelele yaseCopenhagen, futhi lapho ngishaya insimbi, kumelwe ngivume ukuthi ngazizwa ngimncane kakhulu kunobude bami obufushane obuyimitha elilodwa nengxenye. Isisebenzi savula umnyango, sangibheka singisusa phansi singisa phezulu ngokuxwaya, futhi sabuza: “Ufunani, ngingakusiza?” “Ngiyabonga, ngicela ukukhuluma nombhishobhi,” ngiphendula ngokuqinile. UMama wayengiboleke ijazi loboya likanokusho ngalomcimbi, futhi mhlawumbe lokhu kwaqinisekisa isisebenzi ukuthi isicelo sami kufanele sivunywe, ngoba ngemva kwekhefu elide elabonakala sengathi umlibe, sathi: “Linda kancane.” Sabuya ngokushesha futhi sangingenisa ephasishi elide, savula umnyango, futhi laphaya ngemva kwedeski elikhulu kwakuhlezi umbhishobhi. Wayeyindoda ende, eyisidlakela. Waphakamisa ikhanda futhi wangimomothekela ngomusa.

Ngazikhumbuza ukuthi Lowo owayengemva kwami wayemkhulu kakhulu kunalowo ophambi kwami, ngamchazela injongo yokuvakasha kwami, ngase ngimnikeza imvilophu. Wayithatha futhi wayiphonsa edeskini sengathi iyashisa. Wagxuma, wangibamba ngesandla, futhi wangibuyisela emuva engiphelezela ngephasishi elibonakala lingapheli eliya emnyango wangaphambili. Isicabha sabhaklazeka, kodwa ngamomotheka. Incwajana yayisedeskini lakhe; umsebenzi wami wawenziwe.

Ngo-1933 ngaqala ukuphayona, njengoba nganginomuzwa wokuthi kwakuyindlela efanelekile yokukhonza uJehova ngokugcwele. Unyaka kamuva ngashada noMzalwan’ uAlbert West, umzalwane oyiNgisi owayabelwe eDenmark eminyakeni embalwa ngaphambili. Sakhonza ndawonye eBethel yaseDenmark iminyaka engama-30.

Ukuphatha KwamaNazi

UApril 9, 1940, waba usuku engingasoze ngilukhohlwe. Ngavuswa ngehora lesithupha ukundindizela okuqhubekayo kwendiza eyayibonakala sengathi indiza ngokuqondile phezu kwekhanda lami. Kwakwenzekani? IDenmark yayiyizwe elingathathi-hlangothi. Ngaphandle, abantu babebuthana emigwaqweni, kwasakazeka amahemuhemu, isimo sasishubile. Khona-ke umsakazo wamemezela: “IDenmark ithathwe amabutho aseJalimane.

Inkinga ephuthumayo yayiwukuthi kwakuzokwenziwani ngazo zonke izincwadi esasizigcine kulesakhiwo. Abazalwane eCopenhagen babonisa ukuqonda nokuhlakanipha okumangalisayo. Ngokushesha izincwadi zahanjiswa kubazalwane bendawo, futhi amarekhodi egatsha agcinwa ngokuphephile kudade osegugile oqaphile, owawagcina ngaphansi kombhede wakhe phakathi nesikhathi sempi.

Enye inkinga yayiwukuthi kwakuzokwenziwani ngezincwajana eziyizi-350 000 ezazisanda kufika. Kwanqunywa ukuba zihanjiswe ngokushesha. Ngangingasoze ngikholelwe ukuthi ungakwazi ukukhwela izitebhisi eziningi kangakaya ngezinsuku ezimbili nje kuphela. Konke lokhu kwenziwa ngaphandle kokubangela ukusola kwamabutho aseJalimane ayelinde imigwaqo. Lapho edlula, sasizama ukushaya sengathi sibuka izimpahla ezisemafasiteleni. Bonke abazalwane, kokubili abasha nabadala, baba nengxenye kulokusakaza kokuphazima kweso, futhi ngemva komkhankaso omkhulu wamahora angama-48, zonke izincwadi zase zisezandleni zomphakathi.

Ngalokuhlasela, kwanqamuka konke ukuthintana nendlunkulu eBrooklyn, kodwa akuzange kunqamuke ukutholakala kokudla okungokomoya. Kwakunomzalwane oyedwa noma ababili ababesebenza emnyango wezokuxhumana namanye amazwe, futhi imithwalo yabo yayingaseshwa. Njengoba babehambela eSweden njalo, babekwazi ukuletha INqabayokulinda ngesiSwidi. Nganginolwazi oluthile lwesiSwidi, ngakho ngabelwa umsebenzi wokuhumusha umagazini ngamunye ngiwuse kusiDanish. Kwakuyinselele esabekayo, kodwa ngaba matasa ngifunda okuningi ngangokunokwenzeka. Ngalendlela, sasiyithola njalo INqabayokulinda phakathi nayo yonke impi.

Eqinisweni, sasikwazi ngisho nokuthumela amanye amakhophi esiDanish kubazalwane baseNorway. Izisebenzi zamaNazi zazithunyelelwa njalo amakhathoni amaqanda avela eDenmark eya eNorway. Sasikwazi ukusonga lamaqanda ngamakhasi omagazini beNqabayokulinda yesiDanish, abazalwane baseNorway ababewasombulula ngokucophelela ngaphambi kokuba amaqanda adluliselwe kumaJalimane.

Umhlangano Ongavamile

Phakathi nempi, uMzalwan’ uEneroth, owayeyinceku yegatsha eSweden, wathola imvume yokuvakashela iDenmark, futhi uAlbert waya emtateni ukuyomhlangabeza. Lapho uMzalwan’ uEneroth ehla ngendlela yokuwela eyenziwe ngamapulangwe, kwaqhamuka iziphathimandla ezimbili zamaJalimane futhi zacela uAlbert noMzalwan’ uEneroth ukuba bahambe nazo.

Bayiswa eHhotela iCosmopolite, enye yezindlunkulu zezempi zebutho laseJalimane, futhi baphelezelwa bayiswa ehhovisi elalisesitezi sesibili, lapho bahlangatshezwa khona iJalimane elalimbethe izingubo ezivamile. Likhuluma nabo ngesiNgisi esiphelele, lathi: “Njengoba nazi kahle, kunempi eqhubekayo. Ngingusomabhizinisi ovela eHamburg, futhi ngithunyelwe lapha njengomcubunguli wokufaneleka kwezincwadi. Ngicubungula ukufaneleka kwazo zonke izincwadi zeWatchtower Bible Society [phakathi kweDenmark neSweden]. Kuyinto ephambene nezimiso zami, kodwa anginakho ukwenza ngokunye. Manginibonge ngezincwadi zenu, ezithembekile futhi okuqabulayo ukuzifunda. Ngeke nikucabange ukukhohlisa engikuthola ezincwadini zezinye izinkampane.”

Labuza abazalwane umbuzo. “Yini ibackcall?” UAlbert waqhubeka wenza umboniso omfushane webackcall, noma impindelo, esebenzisa uMzalwan’ Eneroth njengomninikhaya wakhe. Isiphathi-mandla sabe sesiyiphetha ingxoxo yaso, sithi: “Ngiyabonga, banumzane, yilokho kuphela ebengifuna ukukwazi.” Mhlawumbe lena kwakuyindlela yaso yokuxwayisa abazalwane ukuba baqikelele kulokho ababekubhala ezincwadini zabo.

Isimemo Sokuya EGileyadi

Ekupheleni kuka-1945, sathola ukuhanjelwa okwakwemukeleka kakhulu kukaMzalwan’ uKnorr noMzalwan’ uHenschel. Phakathi nalokuhanjelwa, mina noAlbert samenyelwa eWatchtower Bible School of Gilead, futhi ngo-1948 saba khona ekilasini le-11 lalesikole sezithunywa zevangeli. Ngemva kokuqeqeshwa kwethu kwaseGileyadi, ngakhonza nomyeni wami owayabelwe umsebenzi wokujikeleza izinyanga eziyisithupha eMaryland, eVirginia, naseWashington, D.C., ngaphambi kokubuyela eDenmark.

Eminyakeni embalwa kamuva, uAlbert wagula, futhi ekugcineni kwatholakala ukuthi umdlavuza. Ngamnakekela iminyaka eyishumi lapho ngenza engangingakwenza njengomhumushi, kwaze kwaba yilapho eshona ngo-1963. Ngonyaka olandelayo, ngabhekana nomunye umthwalo wemfanelo okwakumelwe ngiwucabangele. Umama manje wayeseneminyaka engama-88 ubudala futhi wayedinga othile owayezomnakekela. Ngakho, ngokudabukisayo, kwadingeka ukuba ngiyiyeke inkonzo yesikhathi esigcwele. Umama waphila waze waba neminyaka eyi-101 futhi waqhubeka ethembekile kwaze kwaba sekupheleni.

Umhlala-phansi Omatasa

Phakathi neminyaka yokugcina yokuphila kukamama, sachitha izinyanga zasebusika eSpain. Ngakho lapho eshona, nganquma ukuhlala lapho. Ngangifunde isiPanishi futhi nganginomuzwa wokuthi ngalendlela ngiyobe ngikhonza kwelinye izwe. Nakuba ngingakwazi ukwenza ebengingathanda ukukwenza, ngenxa yobudala bami neminye imithwalo yemfanelo, ngisakwazi ukuphayona njengephayona elisizayo lasikhathi sonke.

Iminyaka engaphezu kwengama-20 yokuphila kwami iye yasetshenziswa ekunakekeleni umyeni ogulayo nomama ogugile. Nokho, angikaze ngikubheke lokhu njengomthwalo. Ngaso sonke isikhathi nganginomuzwa wokuthi bobabili babekufanelekela ukunakekelwa okunjalo nokucatshangelwa, futhi ngakubheka njengengxenye yenkonzo yami kuJehova, owayengisiza njalo ukuba ngibhekane nokudabuka nezilingo okudingeka zibekezelelwe ngaphansi kwezimo ezinjalo.

Manje ngihlala ekamelweni elincane eliqashiwe, elihluke kakhulu esigodlweni esibabazekayo engazalelwa kuso. Kodwa izakhiwo azisoze zinikeze ukulondeka, njengoba ngakuthola ngokushesha ekuphileni. Ngakolunye uhlangothi, ngasithola isiphephelo esikhulu nenqaba, esingakaze singidumaze. Ngempela ngingasho, njengoba kwasho umhubi: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami noNkulunkulu wami engimethembayo.”—IHubo 91:2.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela