Indlela Yokubona Izikhonzi Zeqiniso ZikaNkulunkulu
KWENZEKA ngo-1948. Izikhonzi ezimbili, ezingoFakazi BakaJehova, zazihamba ngebhasi eliwumkhehlekhehle emgwaqweni onezikhisi, zilibangise eziNtabeni zePyrenees zivela edolobheni elithile elisenyakatho neSpain. Zazisendleleni yazo yokuyovakashela isikhonzi esingasodwa. Njengoba ibhasi lima endaweni eseduze nedolobhana lesikhonzi esasihlala kulo, zasibona simile sibalindile sinembongolo yaso. Kodwa kude buduze zabona futhi iqembu elingavamile—AmaButho Kahulumeni amane ahlome ephelele kanye nompristi! Njengoba izikhonzi zikhuphuka ngendlela ewumqansa eya edolobhaneni, elinye lamaButho lakhipha ivolovolo lalo futhi lamemeza, “Manos arriba!” (Izandla phezulu!) Izivakashi zaboshwa. Ngani? Umpristi wayetshele lamaButho ukuthi lezivakashi zazingamaphekula—amanga aluhlaza cwé! Ngenxa yalokho, zonke izikhonzi ezintathu zafakwa ejele.
Lokhu kufakazelani? Ukuthi akusibo bonke abazisholo ukuthi bangabapristi noma izikhonzi abayizikhonzi zeqiniso zikaNkulunkulu. Eqinisweni, ngokuvamile kunomehluko omkhulu phakathi kwezikhonzi zeqiniso nezamanga. Ziyini izimfuneko eziyisisekelo zezikhonzi zeqiniso?
Izimfuneko Zezikhonzi Zeqiniso
Incazelo eyisisekelo “yokukhonza” “iwukunikeza usizo noma inkonzo.” Izikhonzi zeqiniso ezingamaKristu kumelwe zibe nenkolelo eqinile yokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe. (Johane 17:17) Nokho, leyomfuneko eyisisekelo ayanele. Kumelwe futhi zibe nolwazi oluhle nokuqonda ngeBhayibheli. Kodwa akumelwe zisebenzise lololwazi ngobugovu—ngenzuzo yazo kuphela. Kufanele futhi zibe abashumayeli abashisekayo beVangeli—izindaba ezinhle ngoMbuso kaNkulunkulu nethemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.—Johane 17:3; IHubo 37:11, 29.
Ngokuphawulekayo, iqiniso lokuthi oFakazi BakaJehova abashumayeli izindaba ezinhle zoMbuso eSpain kuphela kodwa nakuwo wonke umhlaba liwukugcwaliseka kwalokho uJesu akuprofethela isikhathi sokuphela kwalesimiso esibi sezinto esidala. Wathi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kubengubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”—Mathewu 24:14, 33, 34.
Enye imfuneko eyisisekelo ngezikhonzi zeqiniso iwukuthi, njengoba uJesu asho, kufanele ‘zingabi abezwe’; ngakho, kufanele zingangeni kwezombangazwe. (Johane 15:19) Kufanele futhi zizithobe kakhulu, zibe nothando, futhi zibe nomusa, ngaso sonke isikhathi zilungele ukusiza abafanelekayo abaswelayo.—1 Korinte 13:1, 4; 1 Petru 5:6.
Lena indaba engathi sina kakhulu. Ukuhlukanisa phakathi kwezikhonzi zeqiniso nezamanga kuyindaba yokufa nokuphila. Ingengathi sina kangako! ENtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni, uJesu waxwayisa: “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathisé okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.”—Mathewu 7:15.
Nokho, izikhonzi zeqiniso zikaNkulunkulu azibi nemisebenzi nezimfuneko kuphela kodwa futhi ziba namalungelo amaningi. Eqinisweni, njengeqembu, ziyiqembu elinamalungelo amaningi kakhulu, eliphumelela kakhulu, nelijabula kunawo wonke emhlabeni namuhla, njengoba uzobona esihlokweni esilandelayo.