Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 1/15 kk. 5-7
  • Ingabe Uyayamukela Imiqondo Emisha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyayamukela Imiqondo Emisha?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isibonelo SabaseBereya
  • Yiba Okhethayo!
  • Kungani Kufanele Wamukele Imiqondo Emisha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • IJapane Ithola Isipho Ebingasilindele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?
    I-Phaphama!—1991
  • “Wabonisana Nabo Ngemibhalo”
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 1/15 kk. 5-7

Ingabe Uyayamukela Imiqondo Emisha?

ABANYE abantu bavala izingqondo zabo ukuba zingamukeli noma yimuphi umqondo omusha. Bangase bawenqabe ngenxa yokuthi uhlukile embonweni wabo. Ngokwesibonelo, owesifazane othile eDenmark wabhalela iphephandaba lamasonto onke iHjemmet futhi wathi: “Sikhathazwa njalo emakhaya ethu oFakazi BakaJehova. Bangicasula kabi, kodwa angazi ukuthi ngingabaxosha kanjani. . . . Ingabe ukubelesela kwabo akunakunqatshelwa umthetho?”

KumaJapane ayephila phakathi nekhulu leminyaka le-19, ukungqongqoza kweNtshonalanga emnyango wawo nakho kwakubhekwa ‘njengokubelesela.’ Emehlweni abaningi babo, konke okwakuhlangane nabafikayo kwakuyize noma kulimaza ngisho nokulimaza. Njengoba isaga saseMpumalanga sisho, “Ukusola kudala izilo ebumnyameni.” Isimo sengqondo samaJapane amaningi sasiboniswa kahle imidwebo yabo ebonisa ngoKaputeni uPerry. Kwengama-50 esele, emibili noma emithathu kuphela emveza njengesikhulu esivamile semikhumbi yempi saseU.S. Eminye imveza njengenunu enekhala elide noma isilo esinobuso obuphaphathekile, njengoba kuboniswe lapha.

Nokho, ngokuvula izwe lawo, amaJapane anomqondo ovulekile aqaphela ukuthi abavela kwamanye amazwe babengewona amaqaba. Endabeni yabanye ababesohambweni lokuqala oluya eUnited States, kwaba sengathi kusuka inkungu emehlweni abo njengoba babezibonela ngokwabo impucuko yaseNtshonalanga. Izikhulu ezisezikhundleni eziphakeme zazilokhu zikhononda ngendlela amaMelika angenanhlonipho ngayo ngokombono wamaJapane. Kodwa isizukulwane esincane saba nombono olinganiselwe ngokwengeziwe ngempucuko entsha.

Omunye umsizi oneminyaka eyi-19 ubudala wezikhulu ezisezikhundleni eziphakeme kamuva wabhala: “Iningi lamanxusa aseJapane angama-70 kulokhu kuhambela laliwazonda [amaMelika]. Nokho, lapho ebona izimo ezingokoqobo, abanye phakathi kwethu baqaphela ukuthi babenze iphutha futhi bazisola ngokuba nemizwa enjalo. Ukubheka abavela kwamanye amazwe njengabaphansi njengezinja noma amahhashi nokubethuka kuyomane kusizuzele kubo idumela elibi lokuba abangenamusa nabangalungile.” Ingabe unomqondo ovuleke ngokwanele ukuba ubheke imiqondo emisha ngomqondo ongenabandlululo njengalowo walomsizi osemusha?

Isibonelo SabaseBereya

Ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., amaJuda amaningi ayenobandlululo olungenangqondo ngezimfundiso zobuKristu. Ngezindlela ezithile, lwalufana nobandlululo lwamaJapane ashisekela ukuzehlukanisa nezwe elingaphandle. AmaJuda aseRoma lasendulo ayethi: ‘[UbuKristu] buyaphikiswa yonke indawo.’ (IzEnzo 28:22) Ngokuqondene namaKristu athile emzini waseThesalonika, amaJuda abandlululayo amemeza: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha.”—IzEnzo 17:6.

Nakuba kunjalo, kwakunabantu ababezimisele ukubheka ngale kobandlululo lwabo. Ngokwesibonelo, izakhamuzi zaseBereya zasabela kanjani ezindabeni ezinhle ezazishunyayelwa uPawulu nomngane wakhe uSila? Ngokuphathelene nabaseBereya, umlobi weBhayibheli uLuka wathi: “Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezozinto.” (IzEnzo 17:11) Ingabe ‘umuhle’ njengabaseBereya?

Siza ucabangele indaba kaMasaji. Ngesinye isikhathi, wayebuzonda kakhulu ubuKristu. Wayefana nabashisekela ukuzehlukanisa ababemelene nokuvulwa kweJapane. Lapho umkakhe, uSachiko, eqala ukutadisha iBhayibheli, wamelana naye kanzima. Wacabanga ngisho nokubulala umkhaya wakhe bese ezibulala yena. Ngenxa yobudlova bakhe, umkhaya wakhe kwadingeka ukuba ubalekele kwamnewabo kaSachiko enyakatho Japane.

Ekugcineni, uMasaji wanquma ukuvula umqondo wakhe kancane futhi ahlolisise inkolo yomkakhe. Ngemva kokufunda ezinye izincwadi zeBhayibheli, wasibona isidingo sokwenza izinguquko. Njengoba ayetadisha imiBhalo, isimo sakhe sobudlova saguquka Baba ngesibonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23) UMasaji wangabaza ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova ngoba wayesaba ukuthi oFakazi bangase bafune ukuziphindiselela ngobudlova bakhe kubo. Kodwa lapho ekugcineni evakashela eHholo LoMbuso, wamukelwa ngemfudumalo enkulu kangangokuthi wamane wakhala.

Yebo, ukunqoba ubandlululo nokuhlola imiqondo emisha kungandisa imibono yethu futhi kungase kusizuzise ngezinye izindlela. Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi kumelwe samukele noma yimiphi imiqondo emisha efikayo?

Yiba Okhethayo!

Lapho kuphela ukuzehlukanisa kweJapane, imiqondo emisha yatheleka kulelozwe. Eminye yalena yawazuzisa amaJapane, kodwa ayeyophila kangcono ngaphandle kweminye. “Ngokumelene nezinhloso zikaKaputeni uPerry,” kusho ujenene waseU.S. uDouglas MacArthur lapho emukela ukuzinikela kweJapane ngemva kweMpi Yezwe II, “iJapane yaguqula ulwazi lwaseNtshonalanga lwaba yithuluzi lokucindezela nokugqilaza.” Ilingisa abeluleki bayo baseNtshonalanga, iJapane yaqala inkambo eyayiholela ochungechungeni lwezimpi. Lezi zafinyelela umvuthwandaba ngeMpi Yezwe II, okwathi ekupheleni kwayo amabhomu amabili eathomu adedelwa endaweni yaseJapane.

Yini esingayifunda kulokhu? Ukuthi kumelwe sibe abakhethayo ekwamukeleni imiqondo emisha. Siyobe senza kahle ngokulingisa abaseBereya ‘ngokuhlolisisa imiBhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezozinto [ezazifundiswa uPawulu].’ (IzEnzo 17:11) Igama lesiGreki lapha elihunyushwe ngokuthi “ukuhlolisisa” lisho “ukucwaninga ngokunakekela nangokushaya emhloleni njengasenqubweni yomthetho.” (Word Pictures in the New Testament, ka-A. T. Robertson) Kunokuba samukele ngokuphuphutheka yonke imiqondo emisha eyethulwa kithi, kudingeka senze ukucwaninga kokunakekela nokushaya emhloleni, njengoba nje kungenza umahluleli lapho equla icala lasenkantolo.

Uma singabakhethayo, ngeke sithathwe yinoma iyiphi imfashini edlulayo noma imiqondo emisha elimaza ngempela. Ngokwesibonelo, lokho okwakubizwa ngokuthi ukuziphatha okusha kwawo-1960 kwakubonakala kuwumqondo omusha okhangayo kwabanye. Kodwa ukuhlolisisa ngokunakekela kwakuyokwembula kusewukuziphatha okubi okudala okulimazayo okunikezwe igama elisha. Futhi, eJalimane elalikhathazekile ngokwezomnotho lawo-1920, ngokungangabazeki abaningi babheka ubuNazi njengomqondo omusha othakazelisayo, kodwa yeka usizi obalubangela!

Ngokujabulisayo, uNkulunkulu uye walungiselela ithuluzi lokuhlola elingasetshenziswa ukuze kuhlolwe imiqondo emisha. YiZwi lakhe eliphefumlelwe, iBhayibheli. Ukusebenzisa iziqondiso zalo ekuphileni komkhaya nasebuhlotsheni babantu kuyosisiza ukuba sihlole imiqondo emisha eminingi ezwakala namuhla ishiwo izazi zokuhlalisana komphakathi, izazi zokusebenza kwengqondo, nabanye abathi bangochwepheshe kulemikhakha. (Efesu 5:21-6:4; Kolose 3:5-14) Iseluleko seBhayibheli ngokuqondene nobuhlobo bethu noNkulunkulu nomakhelwane sisinikeza indlela yokuhlola imiqondo eminingi eqanjiwe manje esakazwa endabeni yenkolo. (Marku 12:28-31) Ulwazi oluqondile lweBhayibheli luyosihlomisela ukuba sibone ukuthi lowomqondo omusha uyazuzisa ngempela yini noma cha. Khona-ke siyokwazi ‘ukuvivinya konke, sibambisise okuhle.’—1 Thesalonika 5:21.

OFakazi BakaJehova bahambela omakhelwane babo ukuba babakhuthaze ukuba bafunde iBhayibheli futhi ngaleyondlela bakwazi ukwahlukanisa imiqondo emisha ngokufanelekile. OFakazi futhi baveza imiqondo yeBhayibheli emisha kwabaningi. Phakathi kwalena yiqiniso ngezikhathi esiphila kuzo nalokho ikusasa elikuphathele isintu. (Mathewu 24:3-44; 2 Thimothewu 3:1-5; IsAmbulo 21:3, 4) Ngakho ungabi nesimo sengqondo sabashisekela ukuzehlukanisa lapho oFakazi behambela ekhaya lakho. Kunalokho, kungani ungavuli umnyango wakho futhi ulalele lokho abazokusho? Ungayivali ingqondo yakho ukuba ingamukeli imiqondo engaba yinzuzo yapha-kade kuwe.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]

Library of Congress photo LC-USC62-7258

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela