Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 1/1 k. 31
  • UJehova Ubusisa Ukuphikelela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Ubusisa Ukuphikelela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhuthazela Njengesosha LikaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ukulindela UMbuso ‘Ongeyona Ingxenye Yaleli Zwe’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ngiyakujabulela “Ukuhamba Elinye Imayela”
    I-Phaphama!—2005
  • UNkulunkulu Akakhethi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 1/1 k. 31

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

UJehova Ubusisa Ukuphikelela

OFAKAZI BAKAJEHOVA banomuzwa wothando olujulile ngoJehova uNkulunkulu nangomthwalo wemfanelo abanawo kwabakanye nabo, obashukumisela ukuba bazame ukunikeza bonke abantu ithuba lokuzwa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Kungalesosizathu udade azimisela ukushumayela emasosheni nemikhaya yawo ekompolo yamasosha esensimini yakhe.

Njalo uma ezama, ukaputeni ophethe wayemenqabela ukuba angene. Uyalandisa: “Ngakho-ke nganquma ukubona usigaxa-mabhande. Lapho ngishayela unobhala wakhe ucingo, wenqaba ukungixhumanisa nosigaxa-mabhande. Ngaceba ukuvakashela usigaxa-mabhande emzini wakhe, ngoba wayehlala kude nebhalekisi. Lapho ngimvakashele, wangibuza ukuthi ngivela kuphi. Ngenhlanhla, ngazalelwa esiqhingini esincane esiyinhloko eFiji. Wasilalela ngenhlonipho isicelo sami washo nokuthi wayeke wezwa ngoFakazi BakaJehova kodwa akakaze achazelwe ngomsebenzi wethu. Kwanginikeza ithuba elimangalisayo lokumnikeza ubufakazi, futhi wamukela izincwadi ezintathu eziwusizo lokufunda iBhayibheli engamnikeza zona. Wangitshela ukuthi ngifike ehhovisi lakhe elisebhalekisi ngo-9:00 ekuseni ngoLwesibili olulandelayo. Lapho ngifika nomunye udade, abalindi base betsheliwe kakade ngokufika kwethu futhi basitshela ukuthi sinikezwe imvume yokushumayela ekompolo. Usigaxa-mabhande wathi: ‘Manje ngazisa zonke izikhulu ukuthi ngoLwesihlanu kumelwe nivulelwe yonke iminyango, ngisho nakuba sonke sinezinkolo ezihlukahlukene, eyenu kumelwe kube yiyo ememezela isixwayiso soMbuso wezulu nesiphelo sezwe.’

“Lapho sifika ngoLwesihlanu,” uyaqhubeka, “imoto yamasosha enombhobho yajikeleza lonke ikamu imemezela: ‘Omame ababili asebekhulile bazobe besekamu bememezela isixwayiso, ngakho-ke sicela ukuthi nivule iminyango yenu nibalalele. Gwemani ukuphikisana nabo noma ukwakha ubutha.’ Sasebenza ekamu kusukela ngo-8:30 ekuseni kwaze kwaba u-5:00 ntambama, sahambisa izincwadi eziyi-100 nomagazini abangama-200. Waba yini umphumela? Kwenziwe izimpindelo eziningi futhi kwaqaliswa izifundo eziningi zeBhayibheli.”

Kunokuhlangenwe nakho okuthakazelisayo okuvela kwesinye isiqhingi esiseNingizimu Pacific muva nje esavulekela umsebenzi wokushumayela wamaphayona akhethekile. Lamaphayona akhethekile aphikiswa abaholi beUnited Church. Phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda, aba nenkinga yokwenza impindelo, njengoba inkosi yomuzi, eyayithonywe abaholi besonto, yenqaba ukuvumela oFakazi BakaJehova ukuba bangene emzini. Lapho befika, inkosi yayingekho, ngakho-ke lomuntu onesithakazelo wavakashelwa futhi wanikezwa ubufakazi obuhle. Lapho behamba, babona isikebhe esikhulu sisondela, futhi kusobala ukuthi sasinenkinga yenjini, njengoba abantu babehamba phansi. Yebo, kwakuyinkosi yomuzi eyayifika ngemva kwendaba ukuzovimba impindelo. Lapho ebuyela ekhaya, amaphayona athi kumbonisi wesifunda ngesiFanakalo sesiNgisi: “[Me fella thinkim might angel now breakim engine belong him] Sicabanga ukuthi ingelosi ephule injini yakhe.”

Ngakho-ke, uJehova wakubusisa ukuphikelela kwalabazalwane ekulaleleni umthetho wakhe wokushumayela “lezindaba ezinhle zoMbuso.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela