Abamemezeli BoMbuso Bayabika
UNkulunkulu Akakhethi
EMINYAKENI engaphezu kuka-1 900 edlule, umphostoli uPetru wafakaza esikhulwini sezempi uKorneliyu, ethi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) UKorneliyu wabonisa ukwesaba uNkulunkulu nokuthanda okulungileyo. Wabamukela ubufakazi obanikezwa uPetru futhi waba umKristu.
Isimiso esifanayo sisasebenza nanamuhla—uNkulunkulu akakhethi. Lokhu sikuphawula kokuhlangenwe nakho okuvela eJalimane. Umbiko uthi:
“Ensimini yebandla lethu, kunekamu elikhulu lamasosha aseRashiya. Ngo-1989, ngokushesha ngemva kokuwa koDonga LwaseBerlin, abadala babuza ukuthi ukhona yini kubamemezeli owayelwazi ulimi lwesiRashiya. Abanye bethu babelwazi, futhi sahamba sayosebenza kulensimu, okuye kwaba injabulo yangempela. Lokhu okulandelayo kungokunye kokuhlangenwe nakho okuningi.
“Ngangihamba nommemezeli ongabhapathiziwe (manje osebhapathiziwe) lapho sikhuluma nomkhuzi wamasosha. Umkhuzi wamasosha wakulalela lokho esasizokusho wabe esesimema ukuba sikhulume namasosha akhe. Wathi kumelwe ezwe ngoNkulunkulu nangeBhayibheli, ngakho senza amalungiselelo okuphinde sibuye.
“Sacela omunye udade osikhuluma kahle isiRashiya ukuba ahambe nathi njengomhumushi. Endlini yokuhlangana yasekamu, sabeka itafula lezincwadi futhi sakwazi ukukhuluma namasosha angu-68 saphendula nemibuzo yawo. Ngemva kwalokho amukela ngenjabulo izincwadi ezingu-35 nomagazini abacishe babe yikhulu. Njengoba sasiphuma kuleyondlu yokuhlangana, sabona amaqenjana exoxa ngalezincwadi.
“Senza amalungiselelo okuphinde sibuye ngo-July 4, 1992. Lapho sifika ngo-10:50 ekuseni, ugqayinyanga osesangweni lasekamu wasitshela ukuthi amasosha asilindele. Esinye isikhulu sebutho sasingenisa endlini yokuhlangana, futhi sathola ukuthi owesifazane othile, ngaphambili owayethathe kithi izincwadi ayezozibeka emtatsheni wezincwadi, wayememezele ukuza kwethu ngokubhala izingqwembe azibeke ekamu. Abazalwane abathathu babeka izinkulumo ezimfushane ezimayelana nomsebenzi wethu womhlaba wonke futhi babonisa nesizathu sokwethemba iBhayibheli. Sabe sesiphendula imibuzo yezilaleli, sinikeza izimpendulo ezivela eBhayibhelini. Phakathi kweminye yemibuzo kwakunothi, Siyini isimo soFakazi BakaJehova mayelana nenkonzo yezempi, futhi bakhona yini kubo abangamasosha? Lokhu kwanika ummemezeli ongabhapathiziwe owayeze nami ngaphambili ithuba lokuchaza ngeminyaka yakhe engu-25 esebuthweni laseMpumalanga Jalimane, neminyaka yokugcina engukaputeni wezindiza zempi. Walandisa indlela afunda ngayo ngoNkulunkulu nangeBhayibheli nokuthi manje wayesefuna ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova. Amasosha ahlabeka umxhwele ngalokho akuzwa. Phakathi nemizuzu eyisikhombisa zonke izincwadi esasiziphethe zase zisezandleni zamasosha, futhi amaningi ayefuna amaBhayibheli. Kwesinye isitolo sezincwadi sakwazi ukuthola amaBhayibheli esiRashiya ayisikhombisa, akujabulela ukuwamukela. Kwakuyinjabulo yangempela ukunikeza labantu abalambile ngokomoya ulwazi lweBhayibheli, futhi sethemba ukuthi bazothatha isinyathelo ngokuvumelana nalo.”
Ngempela, uNkulunkulu akakhethi. NgeZwi lakhe unxusa abantu abanhliziyo ziqotho kungakhathaliseki ukuthi bangobani nokuthi bakuphi. Ubamema ukuba bafunde ngaye neNdodana yakhe, uJesu Kristu, futhi abaningi abavela kuzo zonke izizinda zokuphila benza kanjalo.—Johane 17:3.