Ingabe Uyakhumbula?
Uke wazindla ngomagazini bamuva beNqabayokulinda? Uma kunjalo, cishe uyokukhumbula okulandelayo:
◻ Uyini umthombo wenjabulo yeqiniso?
UJesu wathi: “Babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.” (Luka 11:28) Kanjalo uJesu wabonisa ukuthi injabulo yeqiniso itholakala ngokuba inceku ethembekile kaNkulunkulu nokwenza intando yakhe.—8/15, ikhasi 8.
◻ Iyiphi indlela eyodwa esingamelana ngayo nezenzo zikaSathane zobunyoka nezobuqili?
Ukuze simelane noSathane, kumelwe sizihlole. Ingabe sinobuthakathaka uSathane angabusebenzisa noma abusebenzisayo kwamanje? Ngokwesibonelo: Ingabe sinenkinga yokuzazisa? Ingabe ngaso sonke isikhathi kumelwe sibe ngabokuqala? Uma sizazi, khona-ke singazilungisa izinkinga ezinjalo, uma kuphela sithobekile. Ngalendlela, ngeke sizishiye sivulekele kuSathane.—9/1, amakhasi 15, 16.
◻ Luyini uphawu olungokomfanekiso “indoda eyembethe ilineni” engokomfanekiso elubeka kulabo ababa ingxenye ‘yezinye izimvu’ zikaKristu? (Hezekeli 9:2-4; Johane 10:16)
“Uphawu” luwubufakazi bokuthi abanjalo abanjengezimvu bangabantu abazinikezele, ababhapathiziwe abanobuntu obunjengobukaKristu.—9/15, ikhasi 14.
◻ Wayesho ukuthini umphostoli uPetru lapho ethi kumelwe ‘sithandane ngokujulileyo omunye nomunye ngenhliziyo’? (1 Petru 1:22, qhathanisa neNW)
Ukuthi “ngokujulileyo” ngokwezwi nezwi kusho ukuthi ‘ngokunwebekileyo.’ Ukuze uthando olunjalo luboniswe phakathi kwamaKristu kudingeka umzamo nokunweba izinhliziyo zethu ukuze zikwazi ukuhlanganisa abantu ababengeke basikhange ngokuvamile.—10/1, ikhasi 12.
◻ Liyini ithempeli okubhekiselwe kulo kusAmbulo 11:1, futhi laba khona nini?
Ithempeli elikhulu elingokomoya, elingcwelengcwele yalo iyindawo kaJehova ezulwini. Laba khona ngo-29 C.E. lapho uJesu egcotshwa futhi eqala ukukhonza njengompristi omkhulu. (Heberu 3:1; 10:5)—10/15, ikhasi 12.
◻ Iyini iCodex Sinaiticus, futhi ibaluleke kangakanani?
ICodex Sinaiticus, iqukethe yonke imiBhalo yamaKristu yesiGreki nenguqulo yesiGreki yezingxenye zemiBhalo yesiHeberu. Okungenani ineminyaka eyi-1 600 ikhona, futhi yenza ukuxhumana okubalulekile ohlwini lwethu lwemibhalo yesandla yeBhayibheli.—10/15, amakhasi 30, 31.
◻ Yini eletha injabulo enkulu kakhulu emshadweni?
Umngane ngamunye kumelwe aqiniseke ukuthi uNkulunkulu usemshadweni wabo. Ngalendlela, izidingo ezingokomoya ziyokwaneliswa, futhi isibopho somshado siyoqiniswa. (UmShumayeli 4:12; Mathewu 5:3)—11/1, ikhasi 16.
◻ Yikuphi “ukuthula kukaNkulunkulu” umphostoli uPawulu akhuluma ngakho kuFilipi 4:7?
Lokhu ukuthula okujulile okunikezwa uNkulunkulu nokungakhathazeki ngisho naphansi kwezimo ezinzima kakhulu. Kuwumphumela wobuhlobo obuseduze noJehova nokuqiniseka ukuthi lokho umuntu akwenzayo kuyathokozisa emehlweni akhe.—11/1, ikhasi 30.
◻ Umuntu wamukelwa kanjani nguJehova?
Ngokuzinikezela nobhapathizo, kungenzeka ngomuntu ongaphelele ukuba abe ‘umuntu othakazelelwayo,’ noma umuntu owamukelwa uNkulunkulu. (Luka 2:14)—11/15, ikhasi 11.
◻ Yini abazali abangayenza ukuze basize umntwana wabo ophambukayo ngisho noma engasafaneleki njengommemezeli ongabhapathiziwe noma esuswa ekuhlanganyeleni?
Njengoba nje abazali beyoqhubeka bemnikeza ukudla, izembatho, nendawo yokuhlala, khona-ke badinga ukumfundisa nokumyala ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu. Bangafunda naye eyedwa noma bamvumele ahlanganyele elungiselelweni lesifundo somkhaya.—11/15, ikhasi 20.
◻ Isiko IobuJuda lawenza kanjani ize umthetho kaNkulunkulu okuEksodusi 20:12 wokuthi abantwana kumelwe bahloniphe abazali babo?
Umuntu wayengafunga ukuthi impahla yakhe kamuva iyonikelwa ethempelini ngokuba athi ‘yiKorbana; okusho ukuthi “umnikelo onikelwa kuNkulunkulu.” (Marku 7:11, qhathanisa neNW) Lekorbana yayingasetshenziswa yilowomuntu ngokwenzuzo yakhe, kodwa wayengabancisha abazali bakhe.—12/1, amakhasi 4, 5.