Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 11/15 kk. 21-24
  • ‘Amazwi Angokomoya’ Kwabacindezeleke Ngokwengqondo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Amazwi Angokomoya’ Kwabacindezeleke Ngokwengqondo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Sheshani Ukuzwa’
  • Ukunikeza Usizo ‘Ngokungajakadi’
  • Ukwelapha Ngolimi Oluhlakaniphileyo
  • Imihlangano Nenkonzo Yasensimini
  • Ukusiza Imikhaya Yabo
  • Ukugcina Ubuqotho
  • Ukucindezeleka Kwengqondo—Lapho Kuhlupha UmKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ingabe UNkulunkulu Unendaba Ngabagula Ngengqondo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indlela Yokusiza Abacindezelekile Ukuba Baphinde Bathole Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ungayithola Induduzo Ezikhathini Zokucindezeleka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 11/15 kk. 21-24

‘Amazwi Angokomoya’ Kwabacindezeleke Ngokwengqondo

IZINKINGA zengqondo zihlupha ngisho nezinye izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile. Futhi nakuba ngezinye izikhathi kungaba okudingekile nokufanelekile ngabacindezelekile ukufuna usizo lukadokotela, bangase futhi bazuze osizweni nasemazwini ayisikhuthazo ebandla lobuKristu. Ngokwesibonelo, lapho umKristu othembekile uEphafrodithu egula kakhulu, abakholwa kanye naye eFilipi bayalwa ukuba bangakushalazeli ukugula kwakhe kodwa ‘bamamukele eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke babaphathe ngokubatusa.’—Filipi 2:25-29.

Ngokufanayo namuhla oFakazi BakaJehova bangaphansi kwesibopho ‘sokuvuselelana’ ‘nokusekela ababuthakathaka.’ (1 Thesalonika 5:11, 14) Abadala abangamaKristu kumelwe bahole kulokhu.—Isaya 32:2.

Yebo, abadala ngokuvamile abafundelanga ukwenza njengodokotela noma ukusebenzisa imibono kanye namazwi asetshenziswa abelapha izifo zengqondo. Ukwenza kanjalo kuyoba okungafanele futhi mhlawumbe kube yingozi. (IzAga 11:2) Njengomphostoli uPawulu, kumelwe ‘bakhulume kungengamazwi afundiswa ngokuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, bechaza okomoya ngokomoya.’ (1 Korinte 2:13) ‘Lamazwi angokomoya’ ahlanganisa imibono nezimiso ezitholakala eBhayibhelini. Uma kusetshenziswa kahle, kungenza lukhulu ekududuzeni nasekwakheni abantu abagulayo.—2 Thimothewu 3:16.

‘Sheshani Ukuzwa’

Nokho, okokuqala, abadala kumelwe ‘basheshe ukuzwa, baphuze ukukhuluma.’ (Jakobe 1:19) ‘Ukubuyisa izwi ungakezwa’ kalula nje kungase kuphumele ekunikezeni iseluleko esingafanele. (IzAga 18:13) Ngokwehluleka ukuqonda isifo esicindezelayo somzalwane othile, elinye iqembu labadala lambheka njengobuthakathaka ngokomoya. “Thandaza ngokwengeziwe,” bemtshela—isiqondiso akuthola kunzima ukusisebenzisa ngenxa yesimo sakhe sokucindezeleka kwengqondo.

Khona-ke, ngaphambi kokuba abadala banikeze iseluleko, kumelwe balalele konke ogulayo akushoyo. Mhlawumbe, akudingayo isilaleli esihle. ‘Khipha’ okusenhliziyweni yakhe ngesineke nangokuqonda. (IzAga 20:5) Uma umuntu ocindezelekile enenkinga yokuveza imizwa yakhe ngamazwi, khumbula indlela uElkana abuza ngayo imibuzo enomusa kodwa eqondile mayelana nesimo somkakhe sokunyukubala. “Hana,” ebuza, “ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukeleni na?” (1 Samuweli 1:8) Imibuzo yokuhlakanipha, ebuzwa kahle, ngezinye izikhathi ingasiza umzalwane ogulayo ukuba awusho ngokuqondile umthombo ‘wokukhathazeka’ kwakhe. (IzAga 12:25) Ngokwesibonelo, kwesinye isimo izinkinga zomshado zabonakala ziyimbangela yokucobeka komzalwane.

Ukunikeza Usizo ‘Ngokungajakadi’

Abantu abacindezelekile abanazo izincazelo ezinengqondo ngaso sonke isikhathi ngendlela abazizwa ngayo. Kubhala esinye isisulu sesifo sengqondo: “Lapho ngigula, angizange ngikuqonde futhi ngezinye izikhathi ngisola uJehova.” Kanjalo abakulenkinga bangase bakhononde ngokungenasisekelo ngokuthi ibandla libaphathe kabi noma alibanaki. Abadala kumelwe basabele kanjani?

UJehova ubeka isibonelo ‘ngokupha bonke engajakadi.’ (Jakobe 1:5) Abagulayo akumelwe benziwe bazizwe beyiziwula ngenxa yendlela abazizwa ngayo. Imizwa yabo—nakuba ingase ingabi nangqondo—iyiqiniso kubo. Badinga ‘ukuzwelwa,’ hhayi ukugxekwa. (1 Petru 3:8) Abadala kudingeka futhi baqaphele banganezeli emthwalweni ongokomzwelo wogulayo ngokumbeka icala lokwenza okubi. Indoda elungileyo uJobe yayicindezeleke kakhulu kangangokuthi yakhala: “Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami.” (Jobe 10:1) Kodwa abangane bakhe abathathu abazange bamduduze. Omunye wabo waze wathi: “Ububi bakho abubukhulu yini? Izono zakho azinakuphela.”—Jobe 22:5.

Nokho, ngezinye izikhathi ukuziphatha okubi kuyimbangela yokuphazamiseka kwemizwelo noma kuyanezela ekukhuleni kwayo. Umhubi uDavide wathi: “Kwathi ngithule [ngesono], amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke.” (IHubo 32:3) Ngokufanayo, omunye umzalwane wahlushwa ukukhathazeka okukhulu kangangokuthi akabange esakwazi ukusebenza. Yayiyini imbangela yokucindezeleka kwakhe? Isenzo sokuphinga ayesifihlile. Ngakho-ke uma kunesizathu sokusola ukuthi kuhileleke ukona, abadala bangase bakuhlole lokhu njengento enokwenzeka. Kodwa kumelwe benze kanjalo ngendlela yomusa, bengabeki umuntu icala lobubi ngokujakada.

Ukwelapha Ngolimi Oluhlakaniphileyo

Ngemva kokuba abadala sebenze okusemandleni abo ukuze bathole uhlobo lwenkinga yomuntu, kumelwe benze ngokuvumelana nezAga 12:18, ezithi: “Izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.” Cha, abadala ngeke bakwazi ukwelapha isifo ngokwaso. Kodwa ngokusebenzisa amazwi akhethwe kahle, bangakwazi ukukhulula abantu abacindezeleke ngengqondo ekukhathazekeni nasekucindezelekeni okungadingekile. Abadala bangase baqale ngokukhetha izihloko zeNqabayokulinda nePhaphama! eziphathelene nezinkinga zengqondo nezemizwelo. Lokhu kungaxoxwa nabacindezelekile ukuze basizakale ukuba basiqonde kangcono isimo sabo. Ngokuvamile kuyabakhulula ukwazi ukuthi inkinga yabo iwumphumela wokungapheleli komzimba, hhayi ukungathandwa uJehova.

Kuyavunywa, kungaba nzima ukusebenzelana nabantu abaphazamiseke ingqondo, abanye becasuka ngempela. Kodwa, umdala ohlakaniphileyo uyokhumbula ukuthi “impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.” (IzAga 15:1) Ukuqinisekisa ukuthi amazwi akhe ngaso sonke isikhathi anomusa kumvikela ukuba aqhubele phambili isimo ngokungadingekile. (Kolose 4:6) Ngokwesibonelo, umzalwane onesifo seschizophrenia (ukulahlekelwa ingqondo) angase aphikelele ngokuthi uzwa amazwi.a UDkt. E. Fuller Torrey uyaphawula: ‘Akusizi ukuzama ukuphikisa abantu abanesifo seschizophrenia ngokuthi amazwi abakholelwa ukuthi bayawezwa awekho. Imizamo yokwenza kanjalo ngokuvamile ibangela ukungaqondi nolaka. Kunokuphikisa, mane nje usho amazwi okungavumelani nakho.’ Ngamanye amazwi, abadala bangachaza ngesineke ukuthi nakuba lawomazwi ebonakala eyiqiniso, kungenzeka ukuthi ingqondo yakhe imane iyamkhohlisa.

Ukusetshenziswa kweBhayibheli ngokuphumelelayo nakho kungase kulethe imiphumela emihle. (Heberu 4:12) Ngokwesibonelo, uma umuntu ogulayo ebonisa ukwesaba okungenangqondo kokuthi uNkulunkulu umlahlile, mbonise uzwela ngokwesaba kwakhe. Nokho, ngesikhathi esifanayo, mkhumbuze ngesineke ngamandla esihlengo, usebenzisa imibhalo enjengeHubo 103:8-14 neyoku-1 Johane 2:1, 2. Eyokuqala kaPetru 5:6,7 namaRoma 8:26, 27 zingamsiza ukuba aqaphele ukuthi uNkulunkulu ‘uyamkhathalela’ futhi uyayizwa imithandazo yakhe, ngisho nakuba enenkinga yokusho imizwa yakhe ngamazwi. Belandela isimiso esikuJakobe 5:14, abadala bangathandaza nomuntu ocindezelekile.

Kuthiwani uma ogulayo ethanda ukucasulwa yizinto ezincane? Angase akhunjuzwe ngeseluleko seBhayibheli ‘sokungabi-ngolungileyo ngokwedlulele.’ (UmShumayeli 7:16) Omunye angase azuze esikhuthazweni esikwabaseFilipi 4:8 esingamsiza ukuba alwisane nemicabango emibi. Kodwa omunye angase ahluleke ukwamukela ukulinganiselwa kwakhe futhi angase adumazeke ngoba ukugula kwakhe kuphazamisa umsebenzi wakhe wobuKristu. Imibhalo enjengoMathewu 13:23 noLuka 21:1-4 ingasetshenziswa ukuze imsize abone ukuthi nakuba izimo zethu zingase zilinganisele esingakwenza uJehova uyayazisa kakhulu imizamo yethu.

Yebo, behlome ngolimi oluqeqeshwe yiBhayibheli, abadala bangenza okwengeziwe ekusizeni nasekududuzeni abacindezelekile abakholwa kanye nabo. Omunye udade owayehlushwa izinkinga ezingokwengqondo uthi: “Ngikwazisa ngempela okushiwo uIsaya 32:2 ngabadala ebandleni. Babenginikeza njalo iseluleko esiwusizo lapho ngisidinga.”

Imihlangano Nenkonzo Yasensimini

Umuntu ocindezelekile ngengqondo usenazo izidingo ezingokomoya. (Mathewu 5:3) Yebo, kwabanye ukuhlala beqinile ngokomoya kuye kwasho umehluko phakathi kokuphila nokufa. UIrene owayenesifo seschizophrenia iminyaka engama-30, uyakhumbula: “Ngezinye izikhathi ngangikhungatheka. Kodwa iqiniso lalisengqondweni yami ngaso sonke isikhathi—liqine njengokhonkolo. Langenqabela ukuba ngizibulale!”

Ngakho-ke, ngezinga okungenzeka ngalo, umuntu ogulayo kumelwe akhuthazwe ukuba ahlanganyele emsebenzini wokushumayela futhi abe khona emihlanganweni, ‘angazehlukanisi.’ (IzAga 18:1) Lena yindlela omunye udade azizwa ngayo ngenxa yokugula ngokwengqondo: ‘Ngangikholelwa ukuthi ngangone ngendlela engenakuthethelelwa kuNkulunkulu, uJehova. Ngenxa yalokho, konke engangikuzwa emihlanganweni ngangikuchaza ngendlela yami. Noma yini eyayisolwa, ngangiyibhekisa kimi.’ Kodwa waphikelela eya emihlanganweni futhi ngokushesha wezwa inkulumo eyamsiza ukuba ayeke ukuzikhohlisa ngokuthi uNkulunkulu umlahlile.

Nokho, kuthiwani uma umuntu ogula ngokungathi sina ethukuthela futhi ephazamisa imihlangano yebandla noma inkonzo yasensimini? Ngokunokwenzeka, ogulayo akanabudlova kodwa umane ukhathazekile ngenxa yokukhungatheka ekucabangeni kwakhe. Nokho, lokhu kungase kube uvivinyo kubo bonke abathintekile. Uma ukuphazamisa kukuncane noma kungenzeki njalo, cishe ibandla liyobonisa ukubekezela. (Kolose 3:12, 13) Ngaphandle kwalokho, kungase kudingeke ukusikisela ukuba ogulayo ahlale lapho ukuphazamisa okunokwenzeka kuyobangela ukuthikamezeka okuncane. Amalungiselelo othando angase enziwe futhi ukuze kugcinwe umuntu onjalo ekhuthele emsebenzini wokushumayela, mhlawumbe kuqinisekwe ukuba onjalo ahambe nommemezeli ovuthiwe noqondayo, noma ukuba aye ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya lapho isimo sakhe siqondwa futhi sibekezelelwa khona.

Nokho, ngezinye izikhathi ukuziphatha komuntu kuyashaqisa, kuhlambalaze, noma kungalawuleki ngokunengozi. Mhlawumbe lomuntu uyekile ukusebenzisa imithi yakhe kadokotela futhi udinga isikhuthazo esinamandla ukuze abuyele esimisweni sakhe sokwelashwa. Kodwa uma kungekho ukusabela noma uma izenzo zomuntu eziphazamisayo ziqhubeka, kungaba okudingekile ukuba avinjelwe ukuya emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini ukuze kulondolozwe ukuhleleka. (1 Korinte 14:40) Ngendlela yomusa, abadala kumelwe batshele umuntu ogulayo ukuthi akahlulelwa njengongathembekile kodwa ukuthi isifo sakhe simane nje silinganisela angakwenza. ‘UNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wakhe,’ futhi uyakuqonda ukulinganiselwa kwakhe. (Heberu 6:10) Ukuhambela kokwelusa okwenziwa njalo kuyomsiza lowomuntu ukuba alondoloze ingokomoya lakhe kuze kube yilapho isimo sakhe sithuthuka.

Ukusiza Imikhaya Yabo

Ukugula ngengqondo kubangela inhlekelele enkulu emikhayeni. “Bekuphazamisa kabuhlungu,” kusho umzalwane indodana yakhe esikhulile egula kanzima ngengqondo. “Usuku ngalunye awuphumuli,” kunezela umkakhe. “Kuwuthinte ngempela umshado wethu, njengoba ngezinye izikhathi sizithola siqophisana ngamazwi.” Cabanga futhi ngobuhlungu bokubona umngane wakho womshado ehlushwa isifo sengqondo. Omunye umzalwane uthi “Umkami kuthiwa unesifo ‘separanoid schizophrenia.’ Uzwa amazwi futhi akafuni ukwelashwa ngoba ukholelwa ukuthi ‘kuzombulala.’ Akakholelwa ukuthi ngingumyeni wakhe futhi uyenqaba ukuya enkonzweni noma emihlanganweni.” Singayisiza kanjani imikhaya yabanjalo abagulayo?

UPawulu wathi: “Nithokozise abadanileyo.” (1 Thesalonika 5:14) Kungaba unya ukungawanaki amaKristu esikanye nawo asebenza kanzima enakekela ilungu lomkhaya eligula ngengqondo. “Yamukelanani,” kusho uPawulu. (Roma 15:7) Imihlangano yobuKristu isinikeza ithuba lokwenza kanjalo ngokufudumele nokubonisa uthando nokwazisa kulabo ‘abahlonipha indlu yakwabo.’—1 Thimothewu 5:4.

Lapho benza ukuhambela kokwelusa, abadala bangaqhubeka bekhuthaza abantu abanjalo ukuba baqhubeke nesifundo somkhaya, babe khona emihlanganweni, futhi bashiseke njalo njengabashumayeli boMbuso. Nokho, lapho kuziwa ezidingweni zabo ezingokwenyama nezingokoqobo, ibandla kumelwe lenze okwengeziwe kunokuthi, “Nifudumale, nisuthe.” (Jakobe 2:16) Mhlawumbe umkhaya udinga usizo lokuya emihlanganweni. Abanye abantu bangase babe sesimweni sokubasiza ngezikweletu zabo zemithi yokwelapha ezikhuphukayo. (1 Johane 3:17, 18) Yeka ukuthi ukukhathalelwa okunjalo kothando kwaziswa kanjani! “Ibandla liyayazi inkinga yethu, futhi libonisa ngothando ukuthi liyasikhathalela,” kusho umyeni kadade ogula ngengqondo.

Ukugcina Ubuqotho

“Konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube-manje,” kusho uPawulu. (Roma 8:22) Futhi ukucindezeleka ngokwengqondo kumane kungolunye ufuzo oludabukisayo lokungapheleli. Odokotela bangase banikeze ukukhululeka okuthile. Kodwa abaningi abaye bafuna usizo lwabo baye baba nokuhlangenwe nakho okunjengokowesifazane wosuku lukaJesu ‘owayehlupheke ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithe konke ayenakho, engasizakali ngalutho, kodwa kulokhu kuqhubeka.’—Marku 5:26.

Khona-ke, abaningi kumelwe bafunde ukuphila ngokuvumelana nezinkinga zabo, bethemba ukukhululeka okungokoqobo ezweni elisha likaNkulunkulu. (IsAmbulo 21:3, 4) “Mbonge uJehova, . . . owelapha zonke izifo zakho,” kukhala umhubi. (IHubo 103:2, 3) Okwamanje, esikukhathalela ngokuyinhloko, akumelwe kube ukuba nempilo yengqondo noma yomzimba ephelele, kodwa kube ukubonakalisa ubuqotho bethu. (IHubo 26:11; qhathanisa neyo-1 Korinte 7:29-31.) Ukuhlushwa ukuphazamiseka kwengqondo kungase kwenze lokhu kube nzima. Kodwa izikhonzi eziningi zikaNkulunkulu, njengoPawulu, ziye zakhonza ngokwethembeka ‘neva enyameni.’ (2 Korinte 12:7) “Sengiyazi ukuthi akekho udokotela ngisho nabazalwane abangangelapha,” kusho esinye isisulu sesifo sengqondo. “Kodwa ngiye ngafunda ukuthembela kuJehova.” Abantu abacindezeleke ngokwengqondo bangase futhi bathembele kubazalwane nodade abakhuluma ngesineke “amazwi angokomoya” ukubaduduza nokubasekela.

[Umbhalo waphansi]

a Isihloko esithi “Ukucindezeleka Kwengqondo—Lapho Kuhlupha UmKristu” kuyiNqabayokulinda kaOctober 15, 1988, sanikeza iziqondiso zokubhekana nesimo lapho kusolelwa ithonya lobudemoni.

[Isithombe ekhasini 21]

“Amazwi angokomoya” avela kubadala abanothando angenza lukhulu ekusizeni abantu abacindezelekile

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela