Ukuphila Kwethu Okuzuzisayo Njengezithunywa Zevangeli EAfrika
Njengoba ilandiswa uJohn Miles
INDAWO isiqiwu sezinyamazane enyakatho-ntshonalanga yeZimbabwe. Mina nomkami, uVal, sihamba ngemoto silibangise ngaseMpophomeni edumile iVictoria. Cha, asizona izivakashi ezizobona indawo. Siyizithunywa zevangeli futhi siye sathunyelwa lapha ukuze sisebenze phakathi kwabantu abaNsundu bendawo. Njengoba sizungeleza ijika, bheka, eceleni komgwaqo, kumi indlovu enkulu. Ngimisa imoto futhi ngincikela ngaphandle kwewindi ukuze ngiyithathe isithombe. Ngangisathi ngithatha esinye lapho uVal ememeza:
“Iza kithi!”
Ngokushesha ngidumisa imoto, kodwa iyama. Yeka isimo esibucayi! Indlovu izilungiselela ukuhlasela kwayo futhi iphakamisa imilenze yangaphambili ukuze isipitshize. Ngalowomzuzu, imoto iyaduma futhi siphambukela ehlathini. Ngenhlanhla, awekho amatshe noma imithi okungavimbela ukubaleka kwethu. Sicabanga ukumdedela uMnu. Ndlovu futhi siqhubeke ngendlela ehlukile.
Omunye umbukwane. Manje sisembusweni wezintaba waseLesotho, eAfrika eseNingizimu. KungeSonto ntambama enhloko-dolobha yakhona, eMaseru. Siphindela ekhaya ngemva kokujabulela umbuthano wobuKristu nesikholwa kanye nabo bakuleyondawo. Ngokungazelele, sihlaselwa abakhuthuzi ababili abasebasha. Omunye ungingqubuza ngesibhakela futhi omunye ugxumela emhlane wami. Ngiyamhlukumeza, futhi uphendukela kuVal, ehluthula isikhwama sakhe. UVal umemeza kakhulu: “Jehova! Jehova! Jehova!” Ngokushesha, lendoda iyasidedela isikhwama sakhe, futhi iphaphathekile ihlehlela emuva. Owayengingqubuza naye uhlehlela emuva—amankomane akhe egadla emoyeni. Siqhubekela phambili ngokushesha, sizizwa sikhululeke kakhulu ngokuhlangana nesikholwa nabo esitobhini sebhasi.—IzAga 18:10.
Ngasinye salezizenzakalo sathatha imizuzu embalwa kuphela, kodwa ziphakathi kwezinkumbulo eziningi ezingayikukhohlakala zeminyaka yethu engama-32 edlule njengezithunywa zevangeli eAfrika. Safika kanjani lapha? Kungani saba yizithunywa zevangeli? Ingabe bekuwukuphila okuzuzisayo?
Isisebenzi Sasepulazini SaseMelika Sifunda Iqiniso
Konke kwaqala ngo-1939 lapho ngihlangana noVal Jensen eYakima, eWashington, U.S.A. Ngalesosikhathi, ngangisebenza epulazini futhi uVal wayeqashwe njengomnakekeli wendlu. Ngokuvamile wayexoxa nami ngeBhayibheli. Enye into eyangihlaba umxhwele kakhulu kwakuyincazelo yakhe yokuthi isihogo asiyona indawo eshisayo. (UmShumayeli 9:5, 10; IzEnzo 2:31; IsAmbulo 20:13, 14) Nakuba ngingazange ngiye esontweni, ngangazi ukuthi abefundisi babefundisani ngesihogo, futhi lokho uVal angibonisa khona eBhayibhelini kwakuzwakala kunengqondo kakhulu.
Abazali bakaVal babeye baba oFakazi BakaJehova ngo-1932. UVal naye waqala ukutadisha iBhayibheli, futhi wabhapathizwa ngoSeptember 1935. Ngemva kokuba sesiye sajwayelana, uVal wangimemela ukuba ngiye emihlanganweni eHholo LoMbuso. Ngavuma futhi ngangibujabulela ubuhlobo nabantu engangihlangana nabo lapho, okungukuthi, noma nini lapho umsebenzi wasepulazini unginikeza ithuba lokuya. Ukuphila kwasepulazini kwakuseza kuqala ekuphileni kwami. Nokho, kancane kancane, ngaqala ukubheka imihlangano ngokungathi sina ngokwengeziwe, futhi oFakazi bendawo bangimemela ukuba ngihlanganyele emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. Ukwenza lokhu edolobheni lakithi kwakubonakala kuwuvivinyo olukhulu kimi. Kodwa ngaphumelela kulo.
Ngo-1941 kwenzeka izinto ezimbili ezingayikukhohlakala. NgoMarch, ngabhapathizwa njengoFakazi kaJehova ozinikezele, futhi kamuva mina noVal sashada. Khona-ke, ngo-October 1942, saqalisa umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele njengamaphayona eningizimu-mpumalanga yeNyakatho Dakota.
Asisoze sakukhohlwa okwenzeka ngonyaka olandelayo. Kwakuyintuthuko emlandweni woFakazi BakaJehova. NgoFebruary 1, 1943, ukuqeqeshwa kwezithunywa zevangeli kwaqala ngekilasi lokuqala lalokho ngalesosikhathi okwakubizwa ngokuthi iWatchtower Bible College of Gilead. Ezinyangeni ezimbili kamuva saba khona emhlanganweni ‘Wokubizelwa Esenzweni’ eAberdeen, eNingizimu Dakota. Izibusiso zenkonzo yezithunywa zevangeli kwamanye amazwe zachazwa, futhi kwavuswa ezinhliziyweni zethu isifiso sokuya eGileyadi nokuba izithunywa zevangeli.
Ukusebenzela Umgomo Wenkonzo Yezithunywa Zevangeli
Kwakusazodlula iminyaka eyisishiyagalolunye ngaphambi kokuba sifinyelele umgomo wethu. Phakathi nalesosikhathi, saba namanye amalungelo amahle enkonzo, kuhlanganise nokudumazeka okuthile. Ngemva kokuphayona unyaka nengxenye eNyakatho Dakota, senza isicelo sensimu esasingaphayona kuyo eMissouri. Lesicelo savunywa, futhi sahlala edolobheni laseRolla. Insimu yethu yayihlanganisa yonke iPhelps County lapho kwakunoFakazi oyedwa kuphela okhuthele. Sasebenza iminyaka emithathu ejabulisayo lapho futhi sahlanganyela ekumiseni ibandla.
Khona-ke sasibhekene nenkinga eyadangalisa amathemba ethu okuba izithunywa zevangeli. Imali yethu yase inciphile. Ukwehluleka ukuyisebenzisa ngokuhlakanipha nokuntula ukholo lokuthi uJehova angasondla kwabangela ukuba siyeke ukuphayona. Kwakuyinhloso yethu ukuthi lokhu kwakuzokwenzeka izinyanga ezimbalwa kuphela, kodwa kwakungemva konyaka nengxenye ngaphambi kokuba siqale ukuphayona futhi. Manje sasesizimisele ukuba singalokothi siphinde amaphutha esasiwenze esikhathini esidlule. Isabelo sethu esisha sasiwukukhonza nebandla elisedolobheni laseReardan empumalanga yeWashington State. Kwakunzima ukuthola umsebenzi wamatoho, ngakho sasidinga ukuncika ngokuphelele kuJehova ukuba asilungiselele izidingo zethu zansuku zonke.—Mathewu 6:11, 33.
Insimu yethu yayihlanganisa amadolobha amaningana amancane akuleyondawo. Ngolunye usuku kwadingeka ukuba sithathe uhambo lwamakhilomitha ayi-130 ukuya nokubuya ukuze sivakashele abantu ngesigijimi soMbuso. Sasinophethiloli omncane kodwa lokho akuzange kusivimbele. Endleleni yethu lapho sesibuya edolobheni, sama eposini futhi ucabanga ukuthi yini esayithola lapho? Lapho, sathola incwadi esilindele evela kumzala wami owayesanda kuqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi. Ngaphakathi yayinesheke lemali eyanele ukuba sigcwalise ithange lethu likaphethiloli nengaphezulu. Babhala, “Besizothumela lemali njengomnikelo eSigodlweni Sabafana, kodwa sacabanga ukuthi niyidinga kakhulu kunoFata uFlanagan.” Yeka ukuthi babeqinise kanjani!
Okuhlangenwe nakho okunjengalokhu kwaqokomisa iqiniso lesithembiso sikaJesu: “Funani umbuso [kaNkulunkulu], khona konke lokhu [izidingo ezibonakalayo] kuyakwenezelwa nina.” (Luka 12:31) Lokhu kwakuwukuqeqeshwa okuwusizo okwakuyosisiza ukuba siqhubeke nalapho sibhekene nezinye izinkinga.
Ngobunye ubusika, sasinamalahle amancane kuphela. Ingabe sasiyovumela lesimo ukuba sishintshe ukuzimisela kwethu ukuba siqhubeke siphayona? Sabeka lendaba kuJehova ngomthandazo futhi salala. Ngosuku olulandelayo ekuseni ngehora lesithupha othile wangqongqoza emnyango wethu! Kwakungumzalwane nomkakhe, ababevela ukuyovakashela izihlobo, base becabanga ukusivakashela. Sabasa umlilo, safaka amalahle ethu okugcina, futhi senza ikhofi. Lapho sisajabulela ukuba nabo, ngokungazelele umzalwane wabuza, “Kumi kanjani ngamalahle?” Mina noVal sabhekana futhi saqala ukuhleka. Amalahle kwakuyiyo kanye into esasiyidinga ngokushesha. Basinika amadollar ayishumi ngalezozinsuku ayenele ukuba akhokhele okungenani ingxenye yethani lamalahle.a
Ngesinye isikhathi umhlangano wesifunda wawuseduze, futhi sasinamadollar ayisihlanu kuphela. Futhi, kwakufanele sithelele nelayisense yemoto yethu ngokushesha ngemva komhlangano. Sanquma ukubeka phambili izinto eziza kuqala futhi saya emhlanganweni. Ngenxa yomoya wokuphana wabazalwane, sabuyela esabelweni sethu sino-$15. Ilayisense yabiza u-$14.50!
Sajabulela inkonzo yethu yokuphayona empumalanga yeWashington, futhi imikhaya eminingana esasitadisha nayo iBhayibheli ekugcineni yaba oFakazi BakaJehova abathembekile. Nokho, ngemva kweminyaka emibili sikulesisabelo, ngathola incwadi evela eWatch Tower Society eyayibonisa ukuthi ngangituswe ukuba ngikhonze njengenceku ejikelezayo, okungukuthi umuntu ovakashela futhi akhuthaze amabandla oFakazi BakaJehova esifundeni. INhlangano yabuza, “Uma ungakhethwa, ingabe uyosamukela lesisabelo?” yenezela: “Siza usazise ngokushesha.” Akudingekile ukuba ngisho ukuthi impendulo yami yaba nguyebo. Kusukela ngoJanuary 1951, sasebenza unyaka nengxenye esifundeni esikhulu esasihlanganisa ingxenye esentshonalanga yeNyakatho Dakota nengxenye esempumalanga yeMontana.
Phakathi nalesosikhathi, sathola okunye esasingakulindele—isimemo sokuya ekilasini le-19 laseGileyadi! Ingabe isifiso sethu siyogcwaliseka ekugcineni? Kwenzeka okungalindelwe, kwafika enye incwadi eyayithi ikilasi lase ligcwaliswe abazalwane abavela kwamanye amazwe. Lokho kwakuwukudumazeka, kodwa asizange sihlehle! Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, sathola isimemo sokuya ekilasini lama-20 lapho samukelwa khona ngoSeptember 1952.
Ukusuka EGileyadi Siya EAfrika
Yeka ukuthi sakwazisa kanjani ukulunga kukaJehova ekusihlanganiseni ndawonye nabanye abafundi abangaphezu kwekhulu abavela ezingxenyeni eziningi zomhlaba—eAustralia, eNew Zealand, eNdiya, eThailand, ePhilippines, eScandinavia, eNgilandi, eGibithe, naseYurophu Ephakathi! Lokhu kwasisiza ukuba sibone izinga uJehova ayebangela ngalo ukuba isigijimi soMbuso sishunyayelwe.—Mathewu 24:14.
Isikhathi eGileyadi sadlula ngokushesha, futhi sathola iziqu ngoFebruary 1953. Sikanye nabanye abane, sabelwa eNyakatho Rhodesia (manje ebizwa ngokuthi iZambia) eAfrika. Nokho, iNhlangano, yasivumela ngomusa ukuba sihlale eUnited States silindele umhlangano wezizwe zonke owawuzoqhutshwa eYankee Stadium kamuva ngalowonyaka ngoJuly. Phakathi nezinyanga ezandulela lomhlangano omkhulu futhi nesikhashana ngemva kwawo, ngakhonza njengombonisi wesifunda empumalanga yeOklahoma.
NgoNovember 1953, mina noVal, kanye nezinye izithunywa zevangeli eziyisithupha, sagibela umkhumbi othwala izimpahla owawuya eAfrika. Safika eThekwini, eNingizimu Afrika, futhi saya enyakatho ngesitimela esiya eNingizimu Rhodesia (manje ebizwa ngokuthi iZimbabwe). Lapha ababili bethu basishiya ukuba bayoqala izabelo zabo eSalisbury (manje ebizwa ngokuthi iHarare), kuyilapho sonke saqhubekela eKitwe, eNyakatho Rhodesia.
Mina noVal sasabelwe ukuba siyokhonza edolobheni lezimayini laseMufulira lapho kwakunemikhaya embalwa ethakazelayo kodwa lingekho ibandla. UJehova wawubusisa umsebenzi wethu wokushumayela endlini ngendlu. Saqalisa izifundo zeBhayibheli eziningi, futhi ngokushesha idlanzana labathakazelayo laqala ukuba khona emihlanganweni yobuKristu. Ngemva kwezinyanga eziningana sabizwa ukuba siyogcwalisa izikhala zomsebenzi ehhovisi legatsha leWatch Tower Society eLuanshya. Kamuva, sanikezwa esinye isabelo sokuyokhonza njengezithunywa zevangeli eLusaka. Ngenkathi silapho, ngakhonza ngezikhathi ezithile njengombonisi wesifunda wamabandla ayingcosana abakhuluma isiNgisi.
Ukuphila Okuzuzisayo Ehlanzeni
Khona-ke ngo-1960, sashintshelwa eNingizimu Rhodesia lapho ngabelwa ukuba ngikhonze njengombonisi wesigodi phakathi kwabazalwane abansundu. Ngokwengxenye, lokhu kwakuhilela ukuhambela amabandla nokwengamela imihlangano yesifunda neyesigodi. Amaningi alamabandla ayesemaphandleni, ngakho kwakudingeka sifunde ukuphila ehlanzeni. Sasinomuzwa wokuthi uma abazalwane bethu bekwazi ukuphila ehlanzeni, nathi singakwazi ukukwenza.
Ihhovisi legatsha leWatch Tower Society lasinika inqola encane enjengeyamaphoyisa enesisindo sethani elilodwa nengxenye. Ngemuva yayimbozwe ngetende likathayela elinezicabha ezimbili ukuze sikwazi ukulayisha izinto. Amawindi aphakathi kwendawo yomshayeli nengemuva lemoto ayemakhulu ngokwanele ukuba ungehla ngawo, futhi ayembozwe ngamakhethini epulasitiki. Impahla yethu yasendlini yayihlanganisa umbhede owawushayelelwe onomatilasi werabha entofontofo. Sasinamakhabethe angamabhokisi nesitofu sikaphalafini. Futhi sasinekhabethe lezingubo elithuthekayo netende.
Ngokushesha ngemva kokuqalisa isabelo sethu engxenyeni esentshonalanga yezwe, ngalunywa isinambuzane esithile esingaziwa. Senza ukuba umlenze wami udumbe futhi sangibangela imfiva enkulu. Okwenza izinto zaba zimbi ngokwengeziwe, izulu laguqubala futhi laqala ukuna izihlambi. Ngangijuluka kakhulu kangangokuba kwakudingeka kushintshwe izingubo zokulala ngokuphindaphindiwe. Cishe phakathi kwamabili, uVal wanquma ukuba ngiyobona udokotela. Washayela imoto waya ngasemgwaqweni omkhulu, kodwa imoto yabhajwa odakeni. Ukuphela komphumela wemizamo kaVal yokuyisunduzela phambili noma emuva waba ukungihlukumeza kuphela. Lapho eqiniseka ukuthi kwakungekho lutho olunye angalwenza, wembatha ingubo yokugcina eyayomile futhi weza kimi enqoleni nemvula isalokhu ina ngamandla.
Ukusa kwaletha ubungconywana. Ngangizizwa ngingcono, imvula yayinqamukile, futhi abazalwane ababezolungiselela umhlangano basunduza inqola yethu bayikhipha odakeni. KwaBulawayo abanye abazalwane abanomusa bangiyisa esibhedlela, futhi ngemva kokwelashwa ngakwazi ukubuya futhi ngiqhubeke namalungiselelo omhlangano.
Kwakuphakathi nalesikhathi, lapho ngihambela amabandla, lapho sahlangana khona nendlovu. Sahlangana futhi nezinye izilwanyana eziningi. Ezinye zezivakashi zethu ezaziza etendeni, ngaphandle kwezimpukane nomiyane, kwakuyimihlwa. Ngesikhashana esincane nje, umuhlwa wawungenza izimbobo kunoma iyiphi ingubo noma indwangu eyayishiywe phansi. Izinhlobo ezihlukahlukene zezibankwa nezicabucabu ezizingelayo ezazisivakashela zazingeyona ingozi, kodwa imfezi eyafika yabulawa ngokushesha. Futhi ofezela babengemukelwa. UVal uchaza ukuntinyela kwabo ngokuthi uzizwa sengathi othile ubethele isipikili esibomvu tebhu ukushisa ngesando kuwena. Kufanele azi. Uye wantinyelwa izikhathi ezine!
Mhlawumbe lezinto zenza ukuba ukuphila kwasehlanzeni kubonakale kukude kunokuba okuzuzisayo, kodwa asizange sikubheke ngaleyondlela. Kithina, kwakuwukuphila kwangaphandle, okumatasa, okunempilo, futhi izibusiso ezingokomoya zazikwedlula kude ukunganethezeki ngokomzimba.
Ngaso sonke isikhathi kwakuqinisa ukholo ukubona umzamo owenziwa abazalwane bethu basemaphandleni wokuba babe khona emhlanganweni. Elinye ibandla lalihlanganiswa amaqembu amabili ayeqhelelene ngamakhilomitha angama-23 kunendledlana encane kuphela ewahlanganisayo. “IHholo LoMbuso” labo, elaliphakathi naphakathi namaqembu, laliwumuthi omkhulu owawunikeza umthunzi namatshe okuhlalwa kuwo. Abazalwane abavela eqenjini ngalinye babehamba amakhilomitha ayi-11,5 ngohambo ngalunye ukuze babe khona emihlanganweni yabo kabili ngesonto. Sikhumbula futhi umbhangqwana osugugile owahamba amakhilomitha ayi-120 uthwele amapotimende awo nezingubo zokulala ukuze ube khona emhlanganweni wesifunda. Lezi izibonelo ezimbili nje kuphela ezibonisa indlela abazalwane abaNsundu abasazisa ngayo leseluleko sokuthi ‘bangakuyeki ukuhlangana kwabo ndawonye.’—Heberu 10:25.
Kwezinye izindawo izakhamuzi zendawo zaqala ukungabaza isisusa sethu, ezinye zakuzonda ngisho nokuhlala kwethu endaweni yazo. Ngesinye isikhathi, ngamisa itende eduze nendawo yomhlangano endaweni eyayizungezwe utshani obude. Ngemva kokuba isimiso somhlangano siphelile futhi silele amahora ambalwa nje, ngavuswa umsindo ngaphandle. Ngokukhanyiselwa ithoshi lami, ngakwazi ukubona isithunzi sothile owayemi ngemva kwesihlahla esincane.
“Ufunani?” Ngamemeza. “Ucashelani lapho ngemva komuthi?”
“Sh-h-h mzalwane,” kweza impendulo,_ “sizwe abantu abathile bethi bazothungela lobutshani ngomlilo. Ngakho sinihlelele abantu abazonilinda ebusuku.”
Abazange basitshele ngalengozi ukuze bangaphazamisi ubuthongo bethu. Nokho babezimisele ukulahlekelwa obabo ubuthongo ukuze basivikele! Lapho umhlangano uphela ngeSonto ntambama, bahlela ukuba enye imoto ihambe ngaphambili futhi enye ihambe ngemva kwethu kuze kube yilapho siphuma kulendawo eyingozi.
Kwakuzuzisa futhi ukubona indlela labantu abathobekile abalazisa ngayo iBhayibheli. Elinye ibandla esalikhonza lalisendaweni lapho izakhamuzi zalendawo zazitshala amantongomane. Phakathi nesonto, senana izincwadi namaBhayibheli ngamabhokisi amantongomane angahlutshiwe. Lapho ukuhambela kwethu kuphela, salayisha impahla yethu, izincwadi, namantongomane futhi saqala ukuqhubekela endaweni elandelayo yomhlangano. Ngokushesha ngemva kokusuka kwethu kuleyondawo, sacelwa ukuba sime ngoba othile wayezama ukusifica. Sama futhi salinda. Sathola ukuthi isalukazi esiguge kakhulu sithwele ibhokisi lamantongomane ekhanda. Lapho sifika kithina, sasikhathele kangangokuba sawela phansi futhi kwadingeka ukuba silale lapho kuze kube yilapho sesiphumule. Yebo, sasifuna iBhayibheli! Kwadingeka ukuba sikhiphe yonke impahla, kodwa kwakuyinjabulo ukwanelisa isifiso saso. Elinye iBhayibheli lalisezandleni ezinothando—nelinye futhi ibhokisi lamantongomane evenini yethu!
Kwakumangalisa futhi ukubona indlela uJehova aletha ngayo ababonisi bezifunda ukuba bavakashele amabandla amaningi asehlanzeni laseAfrika. Ngalesosikhathi kwakunzima ngeNhlangano ukuthola abazalwane abafanelekayo ababengenazo izibopho zomkhaya. Ngakho kwakujwayelekile ngombonisi ojikelezayo ukusuka kwelinye ibandla aye kwelinye, ehamba ngebhasi noma ngebhayisekili, enomkakhe nabantwana ababili noma abathathu, amapotimende, izingubo zokulala, nezincwadi. Labazalwane nemikhaya yabo ngempela basebenza kanzima futhi ngokungakhonondi ukuze bakhonze amabandla. Kwakuyilungelo elikhulu ukukhonza nabo.
Ngawo-1970 impi yangaphakathi yaqala ukudalela abazalwane izinkinga, futhi inselele yokungathathi-hlangothi yenza abaningi babhekana novivinyo olunzima lokwethembeka. (Johane 15:19) INhlangano yabona kungcono ukuba ngishintshe isabelo ukuze lesisimo singajiyiswa kakhulu kubazalwane ngokungadingekile. Ngakho, ngo-1972, ngabizwa ukuba ngiyokhonza ehhovisi legatsha eSalisbury. Lokhu kwanginikeza ithuba lokusiza ekwakheni ihhovisi legatsha elisha. Esikhathini esithile kamuva ngabelwa njengombonisi wesifunda wamabandla abakhuluma isiNgisi ayegqagqene kakhulu. Lokho kwakudinga ukuba sihambe bonke ubude nobubanzi beZimbabwe. Ezindaweni ezithile isimo sasiyingozi kakhulu kangangokuba kwakudingeka sihambe ngokuphelezelwa okwakuhlelwe uhulumeni futhi sasilindwe amabutho ayesekelwa indiza evamile nenophephela emhlane.
Ukuya Kwethu Ophahleni LweAfrika
Kwabe sekuza ushintsho olukhulu lwesabelo. Kwakudingeka sikhonze eMaseru, inhloko-dolobha yeLesotho. Lena indawo enezintaba, ngezinye izikhathi ebizwa ngokuthi uphahla lweAfrika futhi inezindawo eziningi ezinhle.
Nakuba sibazisa futhi sibujabulela ubuhle bendawo, lokho kwakungeyona injongo yethu yokuza lapha. Silapha ukuze sisize ekutholeni “okunxanelekayo” okukhulunywe ngakho kuHagayi 2:7. Leli yizwe elincane elinomphakathi wabantu abayisigidi esisodwa nengxenye kuphela. Lapho sifika ngo-1979, oFakazi abangama-571, ngokwesilinganiso, babehlanganyela ekushumayeleni “lelivangeli lombuso” inyanga ngayinye. (Mathewu 24:14) Ibandla laseMaseru lakhula lafinyelela izinga lapho kwadingeka ukuba lihlukaniswe khona. Muva nje, ngoApril 1988, sibe nenjabulo echichimayo yokufinyelela inani elisha eliphakeme labamemezeli boMbuso abayi-1 078.
Ngesikhathi esifanayo, umsebenzi uyaqhubeka uthuthuka ezabelweni zethu zakuqala zezithunywa zevangeli zaseZambia naseZimbabwe. Uma sifika eAfrika okokuqala eminyakeni engaba ama-35 edlule, kwakunengqikithi yabamemezeli boMbuso abayizi-36 836 kulawomazwe amabili. Namuhla ingqikithi iyizi-82 229. Ilungelo lokuhlanganyela ngendlela encane kulokhu kwanda liye laba umvuzo omangalisayo kithina.
“[Nambithani, NW] nibone ukuthi uJehova muhle,” kubhala umhubi uDavide. (IHubo 34:8) ‘Ukunambitha’ kwethu inkonzo yezithunywa zevangeli kuye kwasiqinisekisa ngokuba yiqiniso kwalamazwi. Eqinisweni, kusukela ngo-1942 lapho siqala inkonzo yesikhathi esigcwele ndawonye, ukuphila kwethu kuye kwagcwaliswa ngezibusiso njengoba siye sabona ubuhle bukaJehova obuningi. Kusenomsebenzi omningi wokwenziwa. Yeka ukuthi simbonga kanjani uJehova ngokuthi sisenamandla nempilo enhle kokukusebenzisa enkonzweni yakhe!
[Umbhalo waphansi]
a $1.00 = R2,30.
[Isithombe ekhasini 24]
UJohn Miles nomkakhe, uVal